YouVersion Logo
Search Icon

1 iziKronike 22

22
UDavide ulungisela ithempeli
1UDavide wathi: “Le iyindlu kaJehova uNkulunkulu, leli liyi-altare lomnikelo wokushiswa ka-Israyeli.”
2 UDavide wayala ukuba babuthe bonke abafokazi ababe sezweni lakwa-Israyeli, wabeka abakhi ukubaza amatshe axhoziweyo ukuba bakhe indlu kaNkulunkulu. 3UDavide walungisa insimbi eningi yezipikili zezivalo zamasango nezokuhlanganisa, kanye nethusi eliningi elingenakulinganiswa, 4nemisedari* engenakubalwa, ngokuba amaSidoni nabaseTire baletha imisedari eminingi kuDavide.
5 UDavide wathi: “USolomoni indodana yami usengumfana, usathambile, nendlu eyakwakhelwa uJehova nga iba nkulu, ibatshazwe, ibe negama nodumo emazweni onke; ngizakuyilungisela.” Wayeseyilungisela kakhulu uDavide engakafi.
6Wayesebiza uSolomoni indodana yakhe, wamyala ukumakhela uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli indlu. 7 UDavide wathi kuSolomoni indodana yakhe: “Mina-ke, kwakusenhliziyweni yami ukwakhela igama likaJehova uNkulunkulu wami indlu. 8 Kepha izwi likaJehova lafika kimi, lathi: ‘Uchithile igazi eliningi, uphake izimpi ezinkulu; awuyikwakhela igama lami indlu, ngokuba uchithe igazi eliningi emhlabathini emehlweni ami; 9bheka, uyakuzalelwa indodana eyakuba ngumuntu wokuthula; ngiyakumnika ukuphumula ezitheni zakhe nxazonke, ngokuba igama lakhe liyakuba nguSolomoni;* ukuthula nokuzola ngiyakumnika khona u-Israyeli emihleni yakhe; 10 uyakwakhela igama lami indlu; uyakuba yindodana yami, mina ngibe nguyise; ngiyakuqinisa isihlalo sobukhosi sombuso wakhe kwa-Israyeli kuze kube phakade.’
11“Kalokhu, ndodana yami, uJehova makabe nawe, ube nempumelelo, wakhe indlu kaJehova uNkulunkulu wakho njengokukhuluma kwakhe kuwe. 12Kuphela, uJehova makakuphe ukuhlakanipha nokuqonda, akuyale ngo-Israyeli ukuba ugcine umthetho kaJehova uNkulunkulu wakho. 13 Khona uyakuphumelela, uma ugcina ukwenza izimiso nezahlulelo uJehova ayala ngazo uMose ngo-Israyeli; qina, ume isibindi; ungesabi, ungabi naluvalo.
14 “Bheka, ekuhluphekeni kwami ngilungisele indlu kaJehova amatalenta* ayizinkulungwane eziyikhulu egolide, namatalenta ayizinkulungwane eziyinkulungwane esiliva, nethusi nensimbi okungenakulinganiswa, ngokuba kuningi; ngilungisile nemithi namatshe; uyakwenezela kukho. 15Kukhona kuwe izisebenzi eziningi, ababazi, nezisebenzi zamatshe nezemithi, nabo bonke abayizingcweti emisebenzini yonke: 16eyegolide, neyesiliva, neyethusi, neyensimbi, kungenakubalwa; suka usebenze; uJehova makabe nawe.”
17UDavide wayala zonke izikhulu zakwa-Israyeli ukusiza uSolomoni, wathi: 18 “UJehova uNkulunkulu wenu akanani na? Akaniphanga ukuphumula nxazonke na? Ngokuba unikele esandleni sami abakhileyo ezweni; izwe linyatheliwe phambi kukaJehova naphambi kwabantu bakhe. 19Kalokhu nikelani inhliziyo yenu nomphefumulo wenu ekufuneni uJehova uNkulunkulu wenu; sukani nakhe indlu engcwele kaJehova uNkulunkulu ukuba kungeniswe umphongolo wesivumelwano sikaJehova nezinto ezingcwele zikaNkulunkulu endlini eyakwakhelwa igama likaJehova.”

Currently Selected:

1 iziKronike 22: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy