1
UGenesise 3:6
Contemporary Zulu Bible 2024
Owesifazane ebona ukuthi umuthi wawulungele ukudliwa, nokuthi uyabukeka emehlweni, nomuthi onxanelekayo ukuhlakaniphisa, wathatha isithelo sawo, wadla, wanika indoda yakhe; wadla.
Vergelyk
Verken UGenesise 3:6
2
UGenesise 3:1
Inyoka yayinobuqili kunazo zonke izilwane zasendle abezenzile uJehova uNkulunkulu. Yasisithi kowesifazana: Yebo, uNkulunkulu wathi: Lingadli kuyo yonke imithi yensimu?
Verken UGenesise 3:1
3
UGenesise 3:15
Ngiyakubeka ubutha phakathi kwakho nowesifazane, naphakathi kwenzalo yakho nenzalo yakhe; yona iyakuchoboza ikhanda lakho, wena uyakulimaza isithende sayo.
Verken UGenesise 3:15
4
UGenesise 3:16
Wathi kowesifazane: “Ngiyakwandisa kakhulu usizi lwakho nokukhulelwa kwakho; ngosizi uyakuzala abantwana; ukufisa kwakho kuyakuba sendodeni yakho, yona izokubusa.
Verken UGenesise 3:16
5
UGenesise 3:19
Ngesithukuthuku sobuso bakho uyakudla isinkwa uze ubuyele emhlabathini; ngoba nathathwa kuwo; ngokuba uluthuli, uyakubuyela othulini.
Verken UGenesise 3:19
6
UGenesise 3:17
Wathi ku-Adamu: “Ngokuba ulalele izwi lomkakho, wadla kuwo umuthi engakuyala ngawo, ngathi: Ungadli kuwo; uqalekisiwe umhlaba; uyakudla kuwo ngosizi zonke izinsuku zokuhamba kwakho
Verken UGenesise 3:17
7
UGenesise 3:11
Wathi: “Ngubani okutshele ukuthi uhamba ze na?” Udlile yini emthini engakuyala ngawo ukuba ungadli kuwo na?
Verken UGenesise 3:11
8
UGenesise 3:24
Waseyixotsha indoda; wabeka amakherubi ngasempumalanga kwensimu yase-Edene, nenkemba yelangabi ephenduka inhlangothi zonke ukuba ilinde indlela yomuthi wokuphila.
Verken UGenesise 3:24
9
UGenesise 3:20
U-Adamu waqamba umkakhe ngokuthi u-Eva; ngoba wayengunina wabo bonke abaphilayo.
Verken UGenesise 3:20
Tuisblad
Bybel
Leesplanne
Video's