uJesu

Kusuka Jesus Film Project

IMIBHALO EHLOBENE

Isiqephu ngempilo kaJesu Kristu, ifilimu i-"JESUS"lihunyushwe ngezilimi ezingadlula ku-1,400 kusukela ngo-1979 yaqoshwa. Lilokhu liyifilimu elihunyushwe futhi labukwa kaninigi kunawowonke kumlando wamafilimu. UMfundisi u-Rick Warren, owabhala incwadi i-"The Purpose Driven Life," uthi ifilimu i-'JESUS' liyinsiza ekhaliphile futhi enomthelela kakhulu eyenziwa yokuqhuba ivangeli." Abaholi kanye nabafundi bezenkolo abadlula u-450 bawuhlola umbhalo walelifilimu ukuqinisekisa maqondana ngokomlando kanye ngokweBhayibheli. Umbhalo walelifilimu uncike kakhulu encwadini yeVangeli NgokukaLuka, ngakho cishe wonke amagama uJesu awakhulumayo kwifilimu aphuma eBhayibhelini. Kwenziwe imizamo enqala ukuveza amasiko ama Juda nawase Roma ayenziwa eminyakeni esondele ku-2,000 eyedlula kubalelwa: izingubo zokugqoka ezithungwe ngesandla ngokusebenzisa imibala ewu-35 eyayisetshenziswa ngaleso sikhathi, izimbiza ezenziwe ngendlela yasemandulo, ukususwa kwezigxobo zezingcingo nezintambo zikagesi ezindaweni lapho kwakuqoshwa khona. Ifilimu i-JESUS yaqoshwa ezindaweni ezingu-202 kwa-Israyeli ngo-1979, ngabalingisi abadlula ku-5,000 abanga bakwa-Israyeli kanye nama-Arabu. Lapho kwakungenzeka khona, kwakuqoshwa ezindaweni lapho ezenzeka khona lezigigaba eminyakeni ewu-2,000 eyadlula.