I-Logo ye-YouVersion
IBhayibheliAmapulaniAmavidiyo
Thola i App
Okukhetha Ulimi
Isici soku Sesha

AmaHubo 51:1-17

AmaHubo 51:1-17 - Ngihawukele, Nkulunkulu,
ngokomusa wakho;
yesula iziphambeko zami ngokobubele bakho obukhulu.
Ngigezisise ebubini bami,
ungihlanze esonweni sami.

Ngokuba ngiyazazi iziphambeko zami;
isono sami siphambi kwami njalo.
Ngonile kuwe wena wedwa,
ngakwenza okubi emehlweni akho,
ukuze uthiwe ulungile ekukhulumeni kwakho,
uchache ekwahluleleni kwakho.
Bheka, ngazalelwa ebubini,
umame wangithabatha esonweni.
Bheka, uthanda iqiniso
ngaphakathi enhliziyweni;
wongifundisa ukuhlakanipha ekujuleni kwenhliziyo.

Ngihlanze ngehisopi,* ngihlambuluke;
ngigeze, ngibe mhlophe kuneqhwa.
Ngizwise intokozo nenjabulo,
ukuze ethabe amathambo owachobozileyo.
Fihla ubuso bakho ezonweni zami,
wesule zonke izenzo zami ezimbi.

Nkulunkulu, dala kimi inhliziyo ehlanzekileyo,
uvuse umoya oqinileyo phakathi kwami.
Ungangilahli ebusweni bakho,
ungangemuki uMoya wakho oNgcwele.
Buyisela kimi ukuthokoza kwensindiso yakho,
ungiphase ngomoya ovumayo.

Khona ngiyakufundisa abaphambukayo izindlela zakho;
nezoni ziyakuphendukela kuwe.
Ngikhulule ecaleni legazi, Nkulunkulu,
Nkulunkulu wensindiso yami.
Khona ulimi lwami luyakuhubela ukulunga kwakho.
Nkosi, vula izindebe zami,
ukuze umlomo wami ulande ngodumo lwakho.
Ngokuba awuwuthandi umhlatshelo;
noma bengizakukunika uminikelo wokushiswa,
ubungayikuthokoza ngawo.
Iminikelo kaNkulunkulu ingumoya owaphukileyo;
inhliziyo eyaphukileyo nedabukileyo,
Nkulunkulu, awuyikuyidelela.

Ngihawukele, Nkulunkulu, ngokomusa wakho; yesula iziphambeko zami ngokobubele bakho obukhulu. Ngigezisise ebubini bami, ungihlanze esonweni sami. Ngokuba ngiyazazi iziphambeko zami; isono sami siphambi kwami njalo. Ngonile kuwe wena wedwa, ngakwenza okubi emehlweni akho, ukuze uthiwe ulungile ekukhulumeni kwakho, uchache ekwahluleleni kwakho. Bheka, ngazalelwa ebubini, umame wangithabatha esonweni. Bheka, uthanda iqiniso ngaphakathi enhliziyweni; wongifundisa ukuhlakanipha ekujuleni kwenhliziyo. Ngihlanze ngehisopi,* ngihlambuluke; ngigeze, ngibe mhlophe kuneqhwa. Ngizwise intokozo nenjabulo, ukuze ethabe amathambo owachobozileyo. Fihla ubuso bakho ezonweni zami, wesule zonke izenzo zami ezimbi. Nkulunkulu, dala kimi inhliziyo ehlanzekileyo, uvuse umoya oqinileyo phakathi kwami. Ungangilahli ebusweni bakho, ungangemuki uMoya wakho oNgcwele. Buyisela kimi ukuthokoza kwensindiso yakho, ungiphase ngomoya ovumayo. Khona ngiyakufundisa abaphambukayo izindlela zakho; nezoni ziyakuphendukela kuwe. Ngikhulule ecaleni legazi, Nkulunkulu, Nkulunkulu wensindiso yami. Khona ulimi lwami luyakuhubela ukulunga kwakho. Nkosi, vula izindebe zami, ukuze umlomo wami ulande ngodumo lwakho. Ngokuba awuwuthandi umhlatshelo; noma bengizakukunika uminikelo wokushiswa, ubungayikuthokoza ngawo. Iminikelo kaNkulunkulu ingumoya owaphukileyo; inhliziyo eyaphukileyo nedabukileyo, Nkulunkulu, awuyikuyidelela.

AmaHubo 51:1-17

AmaHubo 51:1-17
I-YouVersion'

Ukukukhuthaza nokukubekela inselelo yokufuna ubudlelwano noNkulunkulu nsuku zonke.

Inkonzo

Mayelana

Imisebenzi

Volontiya

I-Blogi

Abezindaba

Izixhumanisi Eziwusizo

Usizo

Nikela

Izinguqulo zeBhayibheli

AmaBhayibheli Alalelwayo

Izilwimi zeBhayibheli

Ivesi losuku


Inkonzo yedijithali ye

Life.Church
English (US)

©2025 I-Life.Church / YouVersion

Inqubomgomo yobumfihloImibandela
Uhlelo Lokudalula Ubungozi
U-FacebookU-TwitterI-InstagramI-YouTubeI-Pinterest

Ikhaya

IBhayibheli

Amapulani

Amavidiyo