UNkulunkulu uyisiphephelo sethu namandla ethu;
ufunyaniswa elusizo impela ekuhluphekeni.
Ngakho-ke asiyikwesaba
nokuba kuguquka umhlaba,
nezintaba zidilikela ekujuleni kolwandle,
nokuba amanzi alo ehlokoma,
ekhephuza,
nezintaba zizamazama ngokukhukhumala kwalo. Sela*