AmaHubo 40:1-17

AmaHubo 40:1-17 - Bengilindela uJehova;
wayesezikhothamisela kimi,
wezwa ukukhala kwami.
Wangikhipha emgodini wokubhujiswa odakeni lobishi,
wamisa izinyawo zami edwaleni,
waqinisa izinyathelo zami.
Wabeka igama elisha emlonyeni wami,
igama lokubonga uNkulunkulu wethu;
abaningi bayakukubona, besabe,
bamethembe uJehova.

Ubusisiwe umuntu obeka ithemba lakhe kuJehova,
ongaphendukeli kwabazidlayo nakwabaphambukela emangeni.
Jehova Nkulunkulu wami,
ziningi izimangaliso zakho ozenzileyo,
nezizindlo zakho ngathi;
akukho okungafaniswa nawe;
uma ngiyilanda, ngiyisho,
miningi kunokuba ibalwe.

Umhlatshelo nomnikelo wokudla awuwuthandi;
izindlebe zami uzibhobozile;
umnikelo wokushiswa nomnikelo wesono awuwubizi.
Ngase ngithi: “Bheka, ngiyeza;
encwadini esongwayo kulotshiwe ngami ukuthi:
Ngiyathanda ukwenza intando yakho,
Nkulunkulu wami,
nomthetho wakho usenhliziyweni yami.”

Ngishumayelile ukulunga ebandleni elikhulu;
bheka, angizivalanga izindebe zami;
Jehova, wena uyakwazi.
Ukulunga kwakho angikuthukusanga enhliziyweni yami;
ngashumayela ukukholeka kwakho nensindiso yakho;
umusa wakho neqiniso lakho angikufihlelanga ibandla elikhulu.

Wena Jehova ungangigodleli ububele bakho;
umusa wakho neqiniso lakho makungilonde njalo.
Ngokuba izinhlupheko ezingenakubalwa zingihaqile,
iziphambeko zami zingificile,
angaze ngaba nakubona;
ziningi kunezinwele zekhanda lami;
inhliziyo yami ingishiyile.

Makuthandeke kuwe Jehova ukuba ungikhulule;
Jehova, mawuphuthume ungisize.
Mabajabhe, babe namahloni bonke
abafuna umphefumulo wami ukuba bawuhlwithe;
abafisa ukulimala kwami
mababuyiselwe emuva, bajabhiswe.
Mabashaqeke ngenxa yehlazo labo abathi kimi:
“Ashila, ashila!”
Mabethabe, bajabule kuwe bonke abakufunayo;
abathanda insindiso yakho mabasho
njalo, bathi:
“Makadunyiswe uJehova.”

Noma ngihlupheka, ngimpofu,
iNkosi iyanginaka;
wena ungumsizi wami noMsindisi wami;
Nkulunkulu wami, mawungalibali.

Bengilindela uJehova; wayesezikhothamisela kimi, wezwa ukukhala kwami. Wangikhipha emgodini wokubhujiswa odakeni lobishi, wamisa izinyawo zami edwaleni, waqinisa izinyathelo zami. Wabeka igama elisha emlonyeni wami, igama lokubonga uNkulunkulu wethu; abaningi bayakukubona, besabe, bamethembe uJehova. Ubusisiwe umuntu obeka ithemba lakhe kuJehova, ongaphendukeli kwabazidlayo nakwabaphambukela emangeni. Jehova Nkulunkulu wami, ziningi izimangaliso zakho ozenzileyo, nezizindlo zakho ngathi; akukho okungafaniswa nawe; uma ngiyilanda, ngiyisho, miningi kunokuba ibalwe. Umhlatshelo nomnikelo wokudla awuwuthandi; izindlebe zami uzibhobozile; umnikelo wokushiswa nomnikelo wesono awuwubizi. Ngase ngithi: “Bheka, ngiyeza; encwadini esongwayo kulotshiwe ngami ukuthi: Ngiyathanda ukwenza intando yakho, Nkulunkulu wami, nomthetho wakho usenhliziyweni yami.” Ngishumayelile ukulunga ebandleni elikhulu; bheka, angizivalanga izindebe zami; Jehova, wena uyakwazi. Ukulunga kwakho angikuthukusanga enhliziyweni yami; ngashumayela ukukholeka kwakho nensindiso yakho; umusa wakho neqiniso lakho angikufihlelanga ibandla elikhulu. Wena Jehova ungangigodleli ububele bakho; umusa wakho neqiniso lakho makungilonde njalo. Ngokuba izinhlupheko ezingenakubalwa zingihaqile, iziphambeko zami zingificile, angaze ngaba nakubona; ziningi kunezinwele zekhanda lami; inhliziyo yami ingishiyile. Makuthandeke kuwe Jehova ukuba ungikhulule; Jehova, mawuphuthume ungisize. Mabajabhe, babe namahloni bonke abafuna umphefumulo wami ukuba bawuhlwithe; abafisa ukulimala kwami mababuyiselwe emuva, bajabhiswe. Mabashaqeke ngenxa yehlazo labo abathi kimi: “Ashila, ashila!” Mabethabe, bajabule kuwe bonke abakufunayo; abathanda insindiso yakho mabasho njalo, bathi: “Makadunyiswe uJehova.” Noma ngihlupheka, ngimpofu, iNkosi iyanginaka; wena ungumsizi wami noMsindisi wami; Nkulunkulu wami, mawungalibali.

AmaHubo 40:1-17

AmaHubo 40:1-17