AmaHubo 119:1-32

AmaHubo 119:1-32 - Babusisiwe abaqotho endleleni,
abahamba ngemithetho kaJehova.
Babusisiwe abagcina ubufakazi bakhe,
abamfuna ngenhliziyo yonke,
abangenzi ukungalungi,
kepha behamba ezindleleni zakhe;
wena usiyalezile
ukuba sizigcine ngokwempela.
Sengathi zingaqondiswa izindlela zami
ukuba ngigcine izimiso zakho.
Khona angiyikujabha;
ngiyakuhlonipha iziyalezo zonke zakho.
Ngiyakukubonga ngobuqotho benhliziyo,
lapho ngifunda izahlulelo zakho ezilungileyo.
Izimiso zakho ngiyakuzigcina;
ungangishiyi nakanci.

Insizwa iyakuyihlanza kanjani indlela yayo na?
Ngokuqaphela okwezwi lakho.
Ngikufunile ngenhliziyo yami yonke;
mangingaphambuki emiyalweni yakho.
Enhliziyweni yami ngiyalonda izwi lakho,
ukuze ngingoni kuwe.
Mawubongwe wena Jehova,
ungifundise izimiso zakho.
Ngomlomo wami ngimemezele
zonke izahlulelo zomlomo wakho.
Ngithokoza ngendlela yobufakazi bakho njengemfuyo.
Ngiyakuzindla ngeziyalezo zakho,
ngihloniphe izindlela zakho.
Ngiyakuthokoza ngezimiso zakho;
angiyikukhohlwa izwi lakho.

Yenzele okuhle inceku yakho
ukuba ngiphile, ngigcine izwi lakho.
Vula amehlo ami
ukuba ngibone izimangaliso zasemthethweni wakho.
Ngingumfokazi emhlabeni;
ungangifihleli imiyalo yakho.
Umphefumulo wami waphukile
ngokulangazelela njalo izahlulelo zakho.
Uyakhuza abazidlayo, abaqalekisiweyo,
abaduka emiyalweni yakho.
Susa kimi isihlamba nokudelelwa,
ngokuba ngiyaqaphela ubufakazi bakho.
Yebo, izikhulu zihlezi zikhuluma ngami;
inceku yakho iyazindla ngezimiso zakho.
Ubufakazi bakho buyintokozo yami,
bungumluleki wami.

Umphefumulo wami unamathela othulini;
ngiphilise ngokwezwi lakho.
Ngimemezele izindlela zami,
wena wangizwa;
ngifundise izimiso zakho.
Ngiqondise indlela yeziyalezo zakho
ukuba ngikhulume ngezimangaliso zakho.
Umphefumulo wami uyakhala ngosizi;
ngivuse ngokwezwi lakho.
Susa kimi indlela yamanga,
ungiphe ngomusa umthetho wakho.
Ngikhethile indlela yeqiniso;
izahlulelo zakho ngizibekile phambi kwami.
Ngibambelele ebufakazini bakho;
ungangijabhisi, Jehova.
Ngiyakugijima ngendlela yemiyalo yakho,
ngokuba uyakwandisa inhliziyo yami.

Babusisiwe abaqotho endleleni, abahamba ngemithetho kaJehova. Babusisiwe abagcina ubufakazi bakhe, abamfuna ngenhliziyo yonke, abangenzi ukungalungi, kepha behamba ezindleleni zakhe; wena usiyalezile ukuba sizigcine ngokwempela. Sengathi zingaqondiswa izindlela zami ukuba ngigcine izimiso zakho. Khona angiyikujabha; ngiyakuhlonipha iziyalezo zonke zakho. Ngiyakukubonga ngobuqotho benhliziyo, lapho ngifunda izahlulelo zakho ezilungileyo. Izimiso zakho ngiyakuzigcina; ungangishiyi nakanci. Insizwa iyakuyihlanza kanjani indlela yayo na? Ngokuqaphela okwezwi lakho. Ngikufunile ngenhliziyo yami yonke; mangingaphambuki emiyalweni yakho. Enhliziyweni yami ngiyalonda izwi lakho, ukuze ngingoni kuwe. Mawubongwe wena Jehova, ungifundise izimiso zakho. Ngomlomo wami ngimemezele zonke izahlulelo zomlomo wakho. Ngithokoza ngendlela yobufakazi bakho njengemfuyo. Ngiyakuzindla ngeziyalezo zakho, ngihloniphe izindlela zakho. Ngiyakuthokoza ngezimiso zakho; angiyikukhohlwa izwi lakho. Yenzele okuhle inceku yakho ukuba ngiphile, ngigcine izwi lakho. Vula amehlo ami ukuba ngibone izimangaliso zasemthethweni wakho. Ngingumfokazi emhlabeni; ungangifihleli imiyalo yakho. Umphefumulo wami waphukile ngokulangazelela njalo izahlulelo zakho. Uyakhuza abazidlayo, abaqalekisiweyo, abaduka emiyalweni yakho. Susa kimi isihlamba nokudelelwa, ngokuba ngiyaqaphela ubufakazi bakho. Yebo, izikhulu zihlezi zikhuluma ngami; inceku yakho iyazindla ngezimiso zakho. Ubufakazi bakho buyintokozo yami, bungumluleki wami. Umphefumulo wami unamathela othulini; ngiphilise ngokwezwi lakho. Ngimemezele izindlela zami, wena wangizwa; ngifundise izimiso zakho. Ngiqondise indlela yeziyalezo zakho ukuba ngikhulume ngezimangaliso zakho. Umphefumulo wami uyakhala ngosizi; ngivuse ngokwezwi lakho. Susa kimi indlela yamanga, ungiphe ngomusa umthetho wakho. Ngikhethile indlela yeqiniso; izahlulelo zakho ngizibekile phambi kwami. Ngibambelele ebufakazini bakho; ungangijabhisi, Jehova. Ngiyakugijima ngendlela yemiyalo yakho, ngokuba uyakwandisa inhliziyo yami.

AmaHubo 119:1-32