IzAga 15:1-4
Impendulo ethambileyo iyabuyisa ukufutheka, kepha izwi elilukhuni livusa ulaka. Ulimi lwabahlakaniphileyo luveza kahle ukwazi, kepha umlomo weziwula uphafuza ubuwula. Amehlo kaJehova asezindaweni zonke; aqaphela ababi nabahle. Ulimi oluthulayo lungumuthi wokuphila, kepha ukuphambanisa kwalo kungukuchotshozwa komoya.
IzAga 15:1-4