I-Logo ye-YouVersion
IBhayibheliAmapulaniAmavidiyo
Thola i App
Okukhetha Ulimi
Isici soku Sesha

NgokukaLuka 2:8-19

NgokukaLuka 2:8-19 - Kwakukhona abelusi kulelo zwe ababehlezi endle, belinda umhlambi wabo ebusuku. Ingelosi yeNkosi yema phambi kwabo, inkazimulo yeNkosi yabakhanyisa nxazonke; besaba ngokwesaba okukhulu. Ingelosi yathi kubo: “Ningesabi; ngokuba bhekani, nginibikela izindaba ezinhle zokuthokoza okukhulu okuzakuba kubantu bonke, ukuthi nizalelwe namuhla uMsindisi onguKristu iNkosi emzini kaDavide. Nalokhu kuyisiboniso kini: niyakufumana umntwana embesiwe, elele emkhombeni.”
Masinyane kwaba khona kanye nengelosi uquqaba lwebandla lasezulwini, lumdumisa uNkulunkulu, luthi:

“Udumo kuNkulunkulu kweliphezulu,
nokuthula emhlabeni kubantu abathokozelwa nguye.”

Kwathi ukuba zimuke kubo izingelosi ziya ezulwini, abelusi bakhuluma bodwa, bathi: “Asihambe manje, size sifike eBetlehema, sibone leyo nto eyenzekileyo iNkosi esazisile yona.”
Bephuthuma bafika, bafumanisa oMariya noJosefa, nomntwana olele emkhombeni. Sebebonile balanda ngalelo zwi ababetshelwe lona ngalowo mntwana. Bonke abezwayo bamangala ngokukhulunywe kubo ngabelusi. Kepha uMariya wagcina onke lawo mazwi ezindla ngawo enhliziyweni yakhe.

Kwakukhona abelusi kulelo zwe ababehlezi endle, belinda umhlambi wabo ebusuku. Ingelosi yeNkosi yema phambi kwabo, inkazimulo yeNkosi yabakhanyisa nxazonke; besaba ngokwesaba okukhulu. Ingelosi yathi kubo: “Ningesabi; ngokuba bhekani, nginibikela izindaba ezinhle zokuthokoza okukhulu okuzakuba kubantu bonke, ukuthi nizalelwe namuhla uMsindisi onguKristu iNkosi emzini kaDavide. Nalokhu kuyisiboniso kini: niyakufumana umntwana embesiwe, elele emkhombeni.” Masinyane kwaba khona kanye nengelosi uquqaba lwebandla lasezulwini, lumdumisa uNkulunkulu, luthi: “Udumo kuNkulunkulu kweliphezulu, nokuthula emhlabeni kubantu abathokozelwa nguye.” Kwathi ukuba zimuke kubo izingelosi ziya ezulwini, abelusi bakhuluma bodwa, bathi: “Asihambe manje, size sifike eBetlehema, sibone leyo nto eyenzekileyo iNkosi esazisile yona.” Bephuthuma bafika, bafumanisa oMariya noJosefa, nomntwana olele emkhombeni. Sebebonile balanda ngalelo zwi ababetshelwe lona ngalowo mntwana. Bonke abezwayo bamangala ngokukhulunywe kubo ngabelusi. Kepha uMariya wagcina onke lawo mazwi ezindla ngawo enhliziyweni yakhe.

NgokukaLuka 2:8-19

NgokukaLuka 2:8-19
I-YouVersion'

Ukukukhuthaza nokukubekela inselelo yokufuna ubudlelwano noNkulunkulu nsuku zonke.

Inkonzo

Mayelana

Imisebenzi

Volontiya

I-Blogi

Abezindaba

Izixhumanisi Eziwusizo

Usizo

Nikela

Izinguqulo zeBhayibheli

AmaBhayibheli Alalelwayo

Izilwimi zeBhayibheli

Ivesi losuku


Inkonzo yedijithali ye

Life.Church
English (US)

©2025 I-Life.Church / YouVersion

Inqubomgomo yobumfihloImibandela
Uhlelo Lokudalula Ubungozi
U-FacebookU-TwitterI-InstagramI-YouTubeI-Pinterest

Ikhaya

IBhayibheli

Amapulani

Amavidiyo