NgokukaJohane 14:6-11
![NgokukaJohane 14:6-11 - UJesu wathi kuye: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami. Uma beningazi mina, beniyakumazi noBaba; kusukela manje niyamazi, nimbonile.”
UFiliphu wathi kuye: “Nkosi, sikhombise uYihlo, kusanele.”
UJesu wathi kuye: “Isikhathi esingaka nginani, awukangazi, Filiphu, na? Ongibonile mina ubonile uBaba; usho kanjani ukuthi: ‘Sikhombise uYihlo,’ na? Awukholwa ukuthi ngikuBaba, noBaba ukimi, na? Amazwi engiwakhulumayo mina kini angiwakhulumi ngokwami; kepha uBaba ohlezi kimi wenza imisebenzi yakhe. Kholwani yimi ukuthi ngikuBaba, noBaba ukimi; uma kungenjalo, kholwani ngenxa yale misebenzi.](/_next/image?url=https%3A%2F%2Fimageproxy.youversionapi.com%2F320x320%2Fhttps%3A%2F%2Fs3.amazonaws.com%2Fstatic-youversionapi-com%2Fimages%2Fbase%2F20455%2F1280x1280.jpg&w=640&q=75)
UJesu wathi kuye: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami. Uma beningazi mina, beniyakumazi noBaba; kusukela manje niyamazi, nimbonile.” UFiliphu wathi kuye: “Nkosi, sikhombise uYihlo, kusanele.” UJesu wathi kuye: “Isikhathi esingaka nginani, awukangazi, Filiphu, na? Ongibonile mina ubonile uBaba; usho kanjani ukuthi: ‘Sikhombise uYihlo,’ na? Awukholwa ukuthi ngikuBaba, noBaba ukimi, na? Amazwi engiwakhulumayo mina kini angiwakhulumi ngokwami; kepha uBaba ohlezi kimi wenza imisebenzi yakhe. Kholwani yimi ukuthi ngikuBaba, noBaba ukimi; uma kungenjalo, kholwani ngenxa yale misebenzi.
NgokukaJohane 14:6-11