I-Logo ye-YouVersion
IBhayibheliAmapulaniAmavidiyo
Thola i App
Okukhetha Ulimi
Isici soku Sesha

NgokukaJohane 1:29-36

NgokukaJohane 1:29-36 - Ngangomuso wabona uJesu eza kuye, wathi: “Bheka, iWundlu likaNkulunkulu elisusa izono zezwe. Nguye ebengisho ngaye, ngithi: ‘Emva kwami kuza umuntu owavela ngaphambi kwami, ngokuba wayekhona kuqala kunami.’ Nami bengingamazi; kodwa ukuze abonakaliswe ku-Israyeli, ngalokho ngizile ngibhapathiza ngamanzi.”
UJohane wafakaza wathi: “Ngibonile uMoya ehla ezulwini njengejuba, wahlala phezu kwakhe. Nami bengingamazi, kodwa owangithuma ukubhapathiza ngamanzi wathi kimi: ‘Lowo oyakubona uMoya ehla ahlale phezu kwakhe, nguyena obhapathiza ngoMoya oNgcwele.’ Mina ngibonile, ngafakaza ukuthi: Lo uyiNdodana kaNkulunkulu.”

Ngangomuso futhi wayemi uJohane nababili kubafundi bakhe. Ebona uJesu ehamba, wathi: “Bheka, nanto iWundlu likaNkulunkulu.”

Ngangomuso wabona uJesu eza kuye, wathi: “Bheka, iWundlu likaNkulunkulu elisusa izono zezwe. Nguye ebengisho ngaye, ngithi: ‘Emva kwami kuza umuntu owavela ngaphambi kwami, ngokuba wayekhona kuqala kunami.’ Nami bengingamazi; kodwa ukuze abonakaliswe ku-Israyeli, ngalokho ngizile ngibhapathiza ngamanzi.” UJohane wafakaza wathi: “Ngibonile uMoya ehla ezulwini njengejuba, wahlala phezu kwakhe. Nami bengingamazi, kodwa owangithuma ukubhapathiza ngamanzi wathi kimi: ‘Lowo oyakubona uMoya ehla ahlale phezu kwakhe, nguyena obhapathiza ngoMoya oNgcwele.’ Mina ngibonile, ngafakaza ukuthi: Lo uyiNdodana kaNkulunkulu.” Ngangomuso futhi wayemi uJohane nababili kubafundi bakhe. Ebona uJesu ehamba, wathi: “Bheka, nanto iWundlu likaNkulunkulu.”

NgokukaJohane 1:29-36

NgokukaJohane 1:29-36
I-YouVersion'

Ukukukhuthaza nokukubekela inselelo yokufuna ubudlelwano noNkulunkulu nsuku zonke.

Inkonzo

Mayelana

Imisebenzi

Volontiya

I-Blogi

Abezindaba

Izixhumanisi Eziwusizo

Usizo

Nikela

Izinguqulo zeBhayibheli

AmaBhayibheli Alalelwayo

Izilwimi zeBhayibheli

Ivesi losuku


Inkonzo yedijithali ye

Life.Church
English (US)

©2025 I-Life.Church / YouVersion

Inqubomgomo yobumfihloImibandela
Uhlelo Lokudalula Ubungozi
U-FacebookU-TwitterI-InstagramI-YouTubeI-Pinterest

Ikhaya

IBhayibheli

Amapulani

Amavidiyo