UJeremiya 29:10-14
Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “Lapho iminyaka engamashumi ayisikhombisa isiphelile eBabele, ngiyakunihambela, ngiqinise phezu kwenu izwi lami elihle ngokunibuyisela kule ndawo. Ngokuba ngiyazi mina imicabango engiyicabanga ngani,” usho uJehova, “imicabango yokuthula kungengeyobubi ukuba ngininike isikhathi esizayo nethemba. Niyakungibiza, niye ukukhuleka kimi, ngiyakunizwa. Niyakungifuna, ningifumane, lapho ningifunisisa ngenhliziyo yenu yonke. Ngiyakufunyanwa yinina,” usho uJehova, “ngibuyise ukuthunjwa kwenu, nginibuthe ezizweni zonke nasezindaweni zonke lapho nginixoshele khona,” usho uJehova, “nginibuyisele endaweni enganenza ukuba nithunjwe kuyo.”
UJeremiya 29:10-14