U-Isaya 43:1-19

U-Isaya 43:1-19 - Kepha manje usho kanje uJehova
owakudalayo wena Jakobe,
nowakubumba wena Israyeli, uthi:
“Ungesabi ngokuba ngikuhlengile,
ngikubizile ngegama lakho;
ungowami.
Lapho udabula emanzini,
mina nginawe;
nasemifuleni, ayiyikukukhukhula;
lapho uhamba emlilweni, awuyikusha,
nelangabi aliyikukushisa.
Ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wakho,
oNgcwele ka-Israyeli,
uMsindisi wakho;
ngiyanika iGibithe libe yihlawulo lakho,
iKushe neSheba esikhundleni sakho.
Ngenxa yokuba ubuyigugu emehlweni ami,
futhi ubudumile, uthandekile kimi,
ngiyakunika abantu esikhundleni sakho,
nezizwe esikhundleni sokuphila kwakho.
Ungesabi, ngokuba nginawe;
ngiyakuyiletha inzalo yakho iphume empumalanga,
ngikubuthe nasentshonalanga.
Ngiyakusho kuyo inyakatho,
ngithi: ‘Balethe,’
nakuyo iningizimu: ‘Ungabagodli.’
Lethani amadodana ami akude,
namadodakazi ami
ukuba aphume emikhawulweni yomhlaba,
onke abizwe ngegama lami,
nengiwadalele inkazimulo yami,
engiwabumbile nengiwenzile.”

Lethani abantu abayizimpumputhe abanamehlo
nezithulu ezinezindlebe.
Izizwe zonke mazibuthelwe ndawonye,
abantu bonke babuthane;
ngubani phakathi kwabo ongamemezela lokhu,
asizwise izinto zakuqala;
mabalethe ofakazi babo ukuba balungisiswe,
bezwe, bathi: “Kuyiqiniso.”
“Ningofakazi bami,” usho uJehova,
“nenceku yami engiyikhethileyo
ukuba nazi, ningethembe,
niqonde ukuthi nginguye;
ngaphambi kwami akwenziwanga uNkulunkulu,
nangasemva kwami akayikuba khona.
Mina, mina nginguJehova,
ngaphandle kwami akakho umsindisi.
Ngimemezele, ngisindisile, ngizwisile,
kungakabikho unkulunkulu wabezizwe phakathi kwenu;
yebo, ningofakazi bami,” usho uJehova,
“mina nginguNkulunkulu.
Yebo, kwasendulo nginguye;
akakho ongophula esandleni sami;
lapho ngisebenza,
ngubani ongakuvimbela na?”

Usho kanje uJehova, uMhlengi wenu,
oNgcwele ka-Israyeli, uthi:
“Ngenxa yenu ngithumele eBabele,
ngiyakwehlisa bonke njengababaleki,
namaKaledi ngemikhumbi yokujabula kwawo.
NginguJehova oNgcwele wenu,
uMdali ka-Israyeli, iNkosi yenu.”

Usho kanje uJehova owenza indlela elwandle,
nomkhondo emanzini anamandla,
okhipha izinqola namahhashi,
impi namandla;
kuyalala kanyekanye, akusenakuvuka;
kucishile, kucinyiwe njengomongo.
“Ningakhumbuli izinto zakuqala,
ningazindli ngezindaba zasendulo.
Bhekani, ngiyakwenza okusha;
kuyakuqhamuka manje,
angithi niyakwazi na?
Yebo, ngiyakwenza indlela ehlane
nemifula kwahlongasibi.

Kepha manje usho kanje uJehova owakudalayo wena Jakobe, nowakubumba wena Israyeli, uthi: “Ungesabi ngokuba ngikuhlengile, ngikubizile ngegama lakho; ungowami. Lapho udabula emanzini, mina nginawe; nasemifuleni, ayiyikukukhukhula; lapho uhamba emlilweni, awuyikusha, nelangabi aliyikukushisa. Ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wakho, oNgcwele ka-Israyeli, uMsindisi wakho; ngiyanika iGibithe libe yihlawulo lakho, iKushe neSheba esikhundleni sakho. Ngenxa yokuba ubuyigugu emehlweni ami, futhi ubudumile, uthandekile kimi, ngiyakunika abantu esikhundleni sakho, nezizwe esikhundleni sokuphila kwakho. Ungesabi, ngokuba nginawe; ngiyakuyiletha inzalo yakho iphume empumalanga, ngikubuthe nasentshonalanga. Ngiyakusho kuyo inyakatho, ngithi: ‘Balethe,’ nakuyo iningizimu: ‘Ungabagodli.’ Lethani amadodana ami akude, namadodakazi ami ukuba aphume emikhawulweni yomhlaba, onke abizwe ngegama lami, nengiwadalele inkazimulo yami, engiwabumbile nengiwenzile.” Lethani abantu abayizimpumputhe abanamehlo nezithulu ezinezindlebe. Izizwe zonke mazibuthelwe ndawonye, abantu bonke babuthane; ngubani phakathi kwabo ongamemezela lokhu, asizwise izinto zakuqala; mabalethe ofakazi babo ukuba balungisiswe, bezwe, bathi: “Kuyiqiniso.” “Ningofakazi bami,” usho uJehova, “nenceku yami engiyikhethileyo ukuba nazi, ningethembe, niqonde ukuthi nginguye; ngaphambi kwami akwenziwanga uNkulunkulu, nangasemva kwami akayikuba khona. Mina, mina nginguJehova, ngaphandle kwami akakho umsindisi. Ngimemezele, ngisindisile, ngizwisile, kungakabikho unkulunkulu wabezizwe phakathi kwenu; yebo, ningofakazi bami,” usho uJehova, “mina nginguNkulunkulu. Yebo, kwasendulo nginguye; akakho ongophula esandleni sami; lapho ngisebenza, ngubani ongakuvimbela na?” Usho kanje uJehova, uMhlengi wenu, oNgcwele ka-Israyeli, uthi: “Ngenxa yenu ngithumele eBabele, ngiyakwehlisa bonke njengababaleki, namaKaledi ngemikhumbi yokujabula kwawo. NginguJehova oNgcwele wenu, uMdali ka-Israyeli, iNkosi yenu.” Usho kanje uJehova owenza indlela elwandle, nomkhondo emanzini anamandla, okhipha izinqola namahhashi, impi namandla; kuyalala kanyekanye, akusenakuvuka; kucishile, kucinyiwe njengomongo. “Ningakhumbuli izinto zakuqala, ningazindli ngezindaba zasendulo. Bhekani, ngiyakwenza okusha; kuyakuqhamuka manje, angithi niyakwazi na? Yebo, ngiyakwenza indlela ehlane nemifula kwahlongasibi.

U-Isaya 43:1-19

U-Isaya 43:1-19