U-Isaya 41:10-13
![U-Isaya 41:10-13 - ungesabi, ngokuba mina nginawe;
ungapheli amandla,
ngokuba mina nginguNkulunkulu wakho;
ngiyakuqinisa, futhi ngiyakusiza,
yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.
“Bheka, bonke abafuthekela wena
bayakuba namahloni, bajabhe;
abamelene nawe bayakuba njengento engelutho,
babhubhe.
Uyakubafuna, ungabafumani kodwa,
labo bantu abaxabana nawe;
abalwa nawe bayakuba njengento engelutho nanjengeze.
Ngokuba yimina Jehova uNkulunkulu wakho
obamba isandla sakho sokunene,
nothi kuwe: Ungesabi,
mina ngiyakusiza.](/_next/image?url=https%3A%2F%2Fimageproxy.youversionapi.com%2F320x320%2Fhttps%3A%2F%2Fs3.amazonaws.com%2Fstatic-youversionapi-com%2Fimages%2Fbase%2F18862%2F1280x1280.jpg&w=640&q=75)
ungesabi, ngokuba mina nginawe; ungapheli amandla, ngokuba mina nginguNkulunkulu wakho; ngiyakuqinisa, futhi ngiyakusiza, yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami. “Bheka, bonke abafuthekela wena bayakuba namahloni, bajabhe; abamelene nawe bayakuba njengento engelutho, babhubhe. Uyakubafuna, ungabafumani kodwa, labo bantu abaxabana nawe; abalwa nawe bayakuba njengento engelutho nanjengeze. Ngokuba yimina Jehova uNkulunkulu wakho obamba isandla sakho sokunene, nothi kuwe: Ungesabi, mina ngiyakusiza.
U-Isaya 41:10-13