KumaHeberu 10:35-39
Ngakho-ke maningalahli isibindi senu esinomvuzo omkhulu. Ngokuba nidinga ukubekezela, ukuze seniyenzile intando kaNkulunkulu namukele isithembiso. Ngokuba kuse yisikhashana nje, ozayo uyeza, akayikulibala; kepha olungileyo wami uyakuphila ngokukholwa; kepha uma ehlehla nyovane, umphefumulo wami awunakuthokoza ngaye. Kepha thina asisibo abokuhlehlela ekubhujisweni, kodwa singabokukholwa, kuze kube ngukusindiswa komphefumulo.
KumaHeberu 10:35-39