I-Logo ye-YouVersion
IBhayibheliAmapulaniAmavidiyo
Thola i App
Okukhetha Ulimi
Isici soku Sesha

1 kwabaseThesalonika 5:15-28

1 kwabaseThesalonika 5:15-28 - Qaphelani ukuba kungabikho ophindisela omunye okubi ngokubi; kepha jongani njalo ukwenza okuhle, omunye komunye nakubo bonke.
Thokozani njalo; khulekani ningaphezi; kukho konke bongani; ngokuba lokhu kuyintando kaNkulunkulu kuKristu Jesu ngani. Ningamcimi uMoya; ningakudeleli ukuprofetha; vivinyani konke, nibambisise okuhle; dedani kukho konke okubonakala kukubi.

Kepha uNkulunkulu wokuthula, yena uqobo, makaningcwelise ngokupheleleyo, kulondolozwe umoya wenu wonke nomphefumulo nomzimba, kungabi nacala ekufikeni kweNkosi yethu uJesu Kristu. Uthembekile yena onibizayo, oyakukwenza futhi.
Bazalwane, sikhulekeleni. Khonzani kubazalwane bonke ngokwanga okungcwele. Ngiyanifungisa iNkosi ukuba le ncwadi ifundwe kubo bonke abazalwane.
Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nani.

Qaphelani ukuba kungabikho ophindisela omunye okubi ngokubi; kepha jongani njalo ukwenza okuhle, omunye komunye nakubo bonke. Thokozani njalo; khulekani ningaphezi; kukho konke bongani; ngokuba lokhu kuyintando kaNkulunkulu kuKristu Jesu ngani. Ningamcimi uMoya; ningakudeleli ukuprofetha; vivinyani konke, nibambisise okuhle; dedani kukho konke okubonakala kukubi. Kepha uNkulunkulu wokuthula, yena uqobo, makaningcwelise ngokupheleleyo, kulondolozwe umoya wenu wonke nomphefumulo nomzimba, kungabi nacala ekufikeni kweNkosi yethu uJesu Kristu. Uthembekile yena onibizayo, oyakukwenza futhi. Bazalwane, sikhulekeleni. Khonzani kubazalwane bonke ngokwanga okungcwele. Ngiyanifungisa iNkosi ukuba le ncwadi ifundwe kubo bonke abazalwane. Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nani.

1 kwabaseThesalonika 5:15-28

1 kwabaseThesalonika 5:15-28
I-YouVersion'

Ukukukhuthaza nokukubekela inselelo yokufuna ubudlelwano noNkulunkulu nsuku zonke.

Inkonzo

Mayelana

Imisebenzi

Volontiya

I-Blogi

Abezindaba

Izixhumanisi Eziwusizo

Usizo

Nikela

Izinguqulo zeBhayibheli

AmaBhayibheli Alalelwayo

Izilwimi zeBhayibheli

Ivesi losuku


Inkonzo yedijithali ye

Life.Church
English (US)

©2025 I-Life.Church / YouVersion

Inqubomgomo yobumfihloImibandela
Uhlelo Lokudalula Ubungozi
U-FacebookU-TwitterI-InstagramI-YouTubeI-Pinterest

Ikhaya

IBhayibheli

Amapulani

Amavidiyo