Impendulo KaNkulunkulu Yokwesaba, Ukukhathazeka, NovaloIsampula
Ukuzivikela Kwethu Ekukhathazekeni
Ukuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda konke kuyakulondoloza izinhliziyo zenu nemicabango yenu kuKristu Jesu. (KwabseFilipi 4:7 NKJV)
Siphila emphakathini ogcwele ingcindezi namuhla. Singabhala la mazwi emathuneni abantu abaningi baseMelika: Baphuthuma, bakhathazeka, bangcwatshwa. Sihlala sinyakaza, sisuka entweni eyodwa siye kwenye, sisuka kokukhathazeka kokunye siye kokunye. Sicindezeleka kangangokuthi sicishe singakeazi ukunyakazs. Kwesinye isikhathi ukukhathazeka kungakhubaza impilo yomuntu.
Kodwa njengoba umngani wami uMax Lucado eshilo, “Ukukhathazeka kwakho kuncipha njengokuba ukuqonda kwakho uYihlo kwanda.” Lokho kuyinhliziyo yendaba ngempela.
Ngomhla zingu-24 kuJulayi, 2008, mina nomkami sezwa izindaba okungekho mzali ofuna ukuzizwa. Sathola ukuthi indodana yethu isisishiyile isibheke eZulwini. Ukukhathazeka, ukwethuka, ukukhathazeka, nokwesaba konke kwaphahlazeka ngesikhathi esisodwa. Futhi njengoba ngangigoba ngaphansi kwesisindo sayo, ngobuqotho ngazibuza ukuthi ngangingasinda yini entweni enjalo. njengomfundisi, ngake ngakhuluma nabantu ababeshonelwe izingane phakathi neminyaka edlule, kodwa lapho kwenzeka kimi, ngobuqotho ngazibuza ukuthi ngangingakwazi yini ukubhekana nakho.
Kodwa uNkulunkulu wayenami. Futhi esinye sezizathu ezenza ngiqhubeke nokushumayela kusukela ngalolosuku kungenxa yalokho, ngoba uNkulunkulu wayekhona. ukube iNkosi ibingangiphumeleli ngalolo suku, ngabe ngayeka ukushumayela. Kodwa wadlula ngenxa yami.
Angisho ukuthi kube lula. Yebo, sisayikhumbula indodana yethu, futhi sisabuzwa ubuhlungu obukhulu. kodwa siye sathola iqiniso KwabaseFilipi 4:6–7: “Ningakhathazeki ngalutho, kepha kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngokukhuleka nokunxusa kanye nokubonga; Ukuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda konke kuyakulondoloza izinhliziyo zenu nemicabango yenu kuKristu Jesu” (NKJV)
Sebenzisani leli qiniso, futhi niphendule izinkathazo zenu zibe imikhuleko.
Copyright © 2017 by Harvest Ministries. Wonke amalungelo agodliwe.
Mayelana naloluHlelo
Singakunqoba kanjani ukwesaba, ukukhathazeka nokudumazeka? Ibhayibheli linokuthile elikushoyo ngalokhu futhi ungaba nokunqoba ngokusebenzisa amaqiniso kaNkulunkulu. Umfundisi uGreg Laurie ubhale iminikelo yansuku zonke engu-18 ukuze akusize unqobe ukwesaba, ukukhathazeka nokudumazeka. Zizwe ukhululekile ukwabelana ngazo nabanye obaziyo abafuna ukukhula ekwethembeni kwabo kuJesu Kristu. I-Harvest Ministries no-Greg Laurie
More