Impendulo KaNkulunkulu Yokwesaba, Ukukhathazeka, NovaloIsampula

God’s Answer To Fear, Worry, And Anxiety

USUKU 12 KWEZINGU- 18

Esigodini

Yebo, noma ngihamba esigodini sethunzi lokufa, angesabi okubi; ngoba Wena unami; Intonga yakho nodondolo lwakho ziyangiduduza. (AmaHubo 23:4 NKJV)

Uke wadlula esigodini esingokomoya empilweni yakho? mhlawumbe bekuyisikhathi lapho izimo ezingalindelekile zakwehlela ngokuphazima kweso. Mhlawumbe kwakuyisikhathi lapho kwakubonakala sengathi ngisho noNkulunkulu uqobo Lwakhe ukulahlile.

KumaHubo 23, uDavide ukhuluma ngendlela uNkulunkulu anathi ngayo, ngisho nalapho sidabula izigodi ezimpilweni zethu: “Yebo, noma ngihamba esigodini sethunzi lokufa, angesabi okubi; ngoba Wena unami; Intonga yakho nodondolo lwaKho ziyangiduduza” (ivesi 4 NKJV)

UDavide wayejwayelene nenhlekelele nobunzima. Lona kwakuyindoda eyayazi ukuthi kunjani ukuhlupheka. Wayazi ukuthi kunjani ukubhekana nobunzima. Wayezingelwe njengesilwane sasendle iNkosi edidekile uSawule, ngisho nangemva kokugcotshwa umprofethi uSamuweli njengenkosi elandelayo yakwaIsrayeli.

Lapho uDavide esilethela lelihubo namanye, awaloba ngaphansi kokuqondisa kukaMoya oNgcwele, ukhuluma ngobuqotho ngamaphutha akhe, ubuthakathaka, nemibuzo abhekana nayo ekuphileni. AmaHubo 23 avela esikoleni sokungqongqoza kanzima, avela endodeni eyazi ukuthi kunjani ukudinga usizo lukaNkulunkulu.

Kodwa singase sithi: “Isigodi? Angizithandi izigodi, Nkosi. Ngincamela iziqongo zezintaba, Kulungile? Ngithanda ilanga likhanya nezinyoni zicula. Ngithanda izikhathi ezimnandi. angifuni ukuklwebhana. Angifuni ubunzima.”

Nokho uJehova uthi: “Uyayibona le ntaba ikude? indlela eya kuleyontaba idabula kulesi sigodi. Hamba Nami manje esigodini.”

Sonke sidlula kulezo zigodi empilweni, lezo zikhathi ezinzima. Kungakhathaliseki ukuthi siyini isigodi, khumbula lokhu: Awuwedwa. Leso isithembiso esikhulu sikaNkulunkulu kumakholwa.

Copyright © 2017 by <4Harvest Ministries. Wonke amalungelo agodliwe.
Usuku 11Usuku 13

Mayelana naloluHlelo

God’s Answer To Fear, Worry, And Anxiety

Singakunqoba kanjani ukwesaba, ukukhathazeka nokudumazeka? Ibhayibheli linokuthile elikushoyo ngalokhu futhi ungaba nokunqoba ngokusebenzisa amaqiniso kaNkulunkulu. Umfundisi uGreg Laurie ubhale iminikelo yansuku zonke engu-18 ukuze akusize unqobe ukwesaba, ukukhathazeka nokudumazeka. Zizwe ukhululekile ukwabelana ngazo nabanye obaziyo abafuna ukukhula ekwethembeni kwabo kuJesu Kristu. I-Harvest Ministries no-Greg Laurie

More

Sithanda ukubonga u-Greg Laurie ne-Harvest Ministries ngokusihlinzeka ngalolu hlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele ku: https://www.harvest.org/