Ukuzakha Othandweni lokuThandazaIsampula

Ukuzakha Othandweni lokuThandaza

USUKU 5 KWEZINGU- 5

Lulela isandla sakho usize nabanye

Ukuhola, kungabe kuyaphumelela noma akuphumeleli, kufaka ukululela isandla sakho kwabanye. Into enothando kunako konke esingayenzela noma ubani ukuphila impilo ebonisa uthando lukaJesu.

EBandleni, sonke sibizwa ngamalungu akhethiwe obupristi obungcwele bukaNkulunkulu. Ibandla liyaphumelelalapho siqaphela ukuthi sonke singamalungu omzimba owodwa nokuthi uJesu uyinhloko yalowo mzimba. UNkulunkulu wasidala ukuba senze imisebenzi emihle, futhi usinika uMoya wakhe ukuze sikwazi ukwenza lokho esibizelwe ukukwenza. Lapho omunye ngamunye wethu esebenzisa izipho esiziphiwe nguNkulunkulu ukuze kuzuze abanye, umzimba ka Krestu uyazakha othandweni kanti nomhlaba esiphila kuwo uba indawo engcono. Masiqhubekisele phambili uMbuso kaNkulunkulu ndawonye, ​​ngenxa yenkazimulo yaKhe. Ngokubambisana singenza umehluko. Impilo eyodwa ngesikhathi esisodwa.

Usuku 4

Mayelana naloluHlelo

Ukuzakha Othandweni lokuThandaza

Njengoba sibheka uhambo lukaMose nabakwa-Israyeli ehlane, singafunda okuningi ngendlela uNkulunkulu angahamba ngayo nathi ezikhathini ezinzima. Kunezikhathi zasehlane empilweni yekholwa. Nokho, uNkulunkulu ufuna ukusinika amandla okuhamba ogwadule futhi sinqobe. Usibeke njengengxenye yomzimba wakhe (umzimba kaKristu) ukuze singahambi sodwa. Kulo mthandazo, sizobheka ukuthi ungazikhuthaza kanjani futhi ube nabantu abanawe ngisho nasesikhathini esinzima. Kwangathi ungabusiswa ngokwazi ubukhona bukaNkulunkulu ngisho nasekuvivinyweni.

More

Sithanda ukubonga u- Challenge Ministries ngokuhlinzeka ngalolu hlelo. Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe, sicela uvakashele: https://www.cmswazi.org/