Ukuzakha Othandweni lokuThandazaIsampula

Ukuzakha Othandweni lokuThandaza

USUKU 3 KWEZINGU- 5

Iba Ngonikeza Ithemba kubantu

Ukuhola labo abaseduze kwethu kusibiza ukuthi sibe abanikezela ngethemba. Siphethe uhlobo lwethemba oluyinto eqinile nethembekile emiphefumulweni yethu, esiholela ebukhoneni bukaNkulunkulu. Lapho ithemba lethu likuJesu singakhumbula zonke izinto ezinhle uNkulunkulu azenzile futhi siqinise labo abasizungezile ngothando lukaNkulunkulu olungenamibandela. Ngalokudabuka nezinselele ezisizungezile, umhlaba udinga ithemba kakhulu kunakuqala. Masiphathe uthando Lwakhe futhi sabelane ngalelo themba ngokukhuluma iqiniso ngothando, futhi ngokuba sibe izandla nezinyawo zikaJesu emphakathini wethu.

Usuku 2Usuku 4

Mayelana naloluHlelo

Ukuzakha Othandweni lokuThandaza

Njengoba sibheka uhambo lukaMose nabakwa-Israyeli ehlane, singafunda okuningi ngendlela uNkulunkulu angahamba ngayo nathi ezikhathini ezinzima. Kunezikhathi zasehlane empilweni yekholwa. Nokho, uNkulunkulu ufuna ukusinika amandla okuhamba ogwadule futhi sinqobe. Usibeke njengengxenye yomzimba wakhe (umzimba kaKristu) ukuze singahambi sodwa. Kulo mthandazo, sizobheka ukuthi ungazikhuthaza kanjani futhi ube nabantu abanawe ngisho nasesikhathini esinzima. Kwangathi ungabusiswa ngokwazi ubukhona bukaNkulunkulu ngisho nasekuvivinyweni.

More

Sithanda ukubonga u- Challenge Ministries ngokuhlinzeka ngalolu hlelo. Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe, sicela uvakashele: https://www.cmswazi.org/