Ngenjabulo Ebekwe Phambi Kwakhe: Inkonzo YephasikaIsampula

For the Joy Set Before Him: An Easter Devotional

USUKU 6 KWEZINGU- 8

Ngaphambi kokubethelwa kwakhe esiphambanweni, uJesu washaywa. Amasosha amaRoma amkhumula ingxenye engaphezulu yomzimba wakhe futhi abophela izandla zakhe ensikeni. Uphoqeleke ukuthi agobe kabili kuvele ikholomu yomgogodla. Ngemva kwalokho, uJesu wabhaxabulwa ngesiswebhu esinezimpondo ezintathu esasinemichilo emithathu yesikhumba eyayixhunywe izingcezu zamathambo nensimbi eketango.

Ukubhaxabulwa noma ukushaywa njalo kwandulela isijeziso sokufa ukuze isiboshwa sibe buthakathaka futhi sife ngokushesha esiphambanweni. Ukushaywa okunamandla komzimba kaJesu kwaklebhula isikhumba sakhe futhi kwakhipha inyama yakhe emathanjeni. Izisulu eziningi zafa ngaphambi kokuba zihlangane nesiphambano ngenxa yokushaywa. Abaningi babekhubazekile futhi abambalwa basala bengazi ngemva kwalesi sijeziso esinyantisayo.

Ngemva kokubhaxabulwa kwavela inhlekisa. Amasosha ngokungaphezi, ahlekisa ngonya iNdodana kaNkulunkulu wendalo yonke.

UJesu wayebuthakathaka kakhulu ukuba athwale isiphambano Sakhe ngoba ukuhlushwa kwakhe kwase kufinyelele esiphethweni. Kwakukhona ukuphila okuncane okwakusele eMzimbeni waKhe oyigugu njengoba Efika esiqongweni saseGolgotha.

lNdoda Owapetula amatafula ... ebambe izingane ezincane emathangeni akhe ... ethulisa izivunguvungu ... wavusa abafileyo ... wayesevuza igazi ngenxa yobuhlungu. Amaphaphu Akhe ayezabalazela ukuhefuzela okukodwa komkhathi womhlaba futhi amehlo Akhe ayegcwele izinhlungu ezinzima.
Kazi onogada bebengamuzwa yini uMsindisi ehefuzela. Unina, owayebone umoya Wakhe wokuqala oyigugu, manje wezwa Ephefumula okokugcina. Wayegigitheke ngokukhala nokugedla Kwakhe kokuqala, futhi manje kwasekumele ame futhi amuzwe Elwa nobuhlungu.

Wayengabiza izingelosi ezingu-10 000 ngaleso sikhathi. Bebezomsindisa!

Wayengazisusa esiphambanweni kodwa wakhetha ukungakwenzi! Wakhetha ukuqukatha amandla Akhe. Kungani? Kungani engazisindisanga ekuhlekweni kwesihogo ngokwaso?

Wahlala lapho ngenxa yenu ... ngoba naniyinjabulo ebekwe phambi Kwakhe. Wawusengqondweni Yakhe ngenkathi Elenga esiphambanweni saseKalvari.
Usuku 5Usuku 7

Mayelana naloluHlelo

For the Joy Set Before Him: An Easter Devotional

Isonto lokugcina ekuphileni kukaJesu kwakungelona isonto elivamile. Kwakuyisikhathi sokuvalelisa okubabayo, ukuphana okukhulu, ukukhaphela okunonya nemithandazo eyazamazamisa izulu. Okuhlangenwe nakho kuleli sonto, kusukela ngeSonto lePalm kuya oVukweni oluyisimangaliso, njengoba sifunda ukulandisa kweBhayibheli ndawonye. Sizojabula kanye nezixuku ezitaladini zaseJerusalema, simemeze ngokuthukuthela kuJudas namasosha amaRoma, sikhale nabesifazane esiphambanweni, futhi sigubhe njengoba kusa ngePhasika!

More

Sithanda ukubonga i Carol McLoed and Just Joy Ministries ngokusinikeza lendlela yokufunda. Ngemininingwane eminye, sicela uvakashele: www.justjoyministries.com