Thanda UNkulunkulu Kakhulu: Ukwesaba NokukhathazekaIsampula

Love God Greatly: Fear & Anxiety

USUKU 8 KWEZINGU- 40

Kunezibonelo eziningi emiBhalweni zabantu abalwa nokwesaba: u-Abrahama noSara, uMose, uDavide, uJona, no-Esteri, ukubala abambalwa. Ngisho nabafundi ababehamba noJesu usuku nosuku, babhekana nokwesaba! 

Ukuntula ukholo kwabafundi kubonakala ekwesabeni kwabo isiphepho ababhekana naso oLwandle LwaseGalile. Abafundi abaningana babengabadobi abaqeqeshiwe, abanolwazi lokuhamba emanzini agubhayo neziphepho. Noma kunjalo, lapho kunesiphepho esikhulu phezu kwechibi, abalandeli bakaJesu bagcwala ukwesaba. Ngesikhathi uJesu elele zwi phakathi nesiphepho, abafundi bamvusa ngokutatazela. UJesu wafakazela igunya Lakhe phezu komoya namagagasi ngokuthulisa isiphepho. 

Uma ubheka impilo yakho namuhla, kuphi ukukholwa kwakho? Ingabe uphumule kuKristu, wazi ukuthi unegunya phezu kwempilo yakho, noma ulwela ukumethemba phakathi nesivunguvungu? Angakwazi ukuthulisa noma yisiphi isiphepho. Uyakholwa ukuthi angakusindisa kwezakho?

Baba Nkulunkulu, ngiyabonga ukuthi ngiphumula ngokulondekile kuwe. Ngiyakudumisa ngegunya Lakho phezu kwempilo yami. Ngisize ngibone amandla Akho ngokucacile. Ngithethelele ngezikhathi lapho ngibuthakathaka ekukholweni kwami. Siza ukungakholwa kwami. Kwangathi ngingagxila kokuthi Ungubani lapho ngibhekana nezikhathi ezingikhathazayo. Egameni likaJesu, ameni.

Usuku 7Usuku 9

Mayelana naloluHlelo

Love God Greatly: Fear & Anxiety

Ingabe ufuna ukukhululeka ekwesabeni nasekukhathazekeni? Kulolu cwaningo lwamasonto angu-6, sizothola ukuthi uNkulunkulu uthini ngokwesaba nokukhathazeka. Sizofunda ukuthi singalwa kanjani ngamandla eZwi laKhe. Sizothola inkululeko ezinhliziyweni zethu ezizwa ubuhlungu kanye nokuthula ezingqondweni zethu ezikudingayo. NoNkulunkulu ohlangothini lwethu namazwi Akhe ezinhliziyweni nasezingqondweni zethu, sizokunqoba ukwesaba kwethu!

More

Sithanda ukubonga i-Love God Greatly ngokusihlinzeka ngaloluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: https://lovegodgreatly.com/lgg/bible-studies/