Thanda UNkulunkulu Kakhulu: Ukwesaba NokukhathazekaIsampula
Kunesizathu sokuthi ukuvalelwa uwedwa kungenye yezijeziso ezinzima kakhulu ohlelweni lokujeziswa. Abantu abaningi abafuni ukuba bodwa isikhathi eside. Isizungu singasithinta ngokujulile, sibangele ukudabuka, ubuhlungu nokucindezeleka.
Lokhu kwesaba isizungu kungasiqhubezela ekutheni singene ezindleleni ezingasilimaza kakhulu kunokuhle esimweni sethu esintekenteke. Noma ngabe sizimisele ukujika kuphi, akukho okuyohlangabezana nesidingo sethu futhi kwenelise umphefumulo wethu njengoBaba wethu waseZulwini. Kumele siqaphele ukuthi njengamakholwa asikho isizathu sokubhekana nomzwangedwa ngoba sihlala sinokufinyelela kuNkulunkulu. Akufanele neze sesabe ukushiywa noma ukulahlwa. UNkulunkulu ulapha ukuze aphulukise abanesizungu nabaphukile enhliziyweni, kungakhathaliseki ukuthi isimo sinjani.
Ingabe sikhona isikhala sesizungu osuzame ukusivala empilweni yakho? UNkulunkulu ufuna ukuhlangana nawe esizungwini sakho. Singeza Kuye nemizwa yethu, ukukhathazeka, kanye nemithwalo yethu. Yini oye wayisebenzisa ukuze wanelise isifiso esingagcwaliswa nguNkulunkulu kuphela? Zama ukunikeza le ndawo Kuye. Qaphela ukuthi wenzani ezimweni zakho nasenhliziyweni yakho njengoba Ehlangabezana nezidingo zakho.
Baba Nkulunkulu, ngiyabonga ngokungithanda ezikhathini ezimnandi nasebunzimeni. Ngiyakudumisa ngobukhona Bakho. Nginike ukholo lokuthemba ukuthi Unami, noma ngingakwazi ukukuzwa. Ungixolele ngezikhathi lapho ngibheka ezinye izinto ukuvala isikhala. Ngiyabonga ngentethelelo Yakho. Ameni.
UmBhalo
Mayelana naloluHlelo
Ingabe ufuna ukukhululeka ekwesabeni nasekukhathazekeni? Kulolu cwaningo lwamasonto angu-6, sizothola ukuthi uNkulunkulu uthini ngokwesaba nokukhathazeka. Sizofunda ukuthi singalwa kanjani ngamandla eZwi laKhe. Sizothola inkululeko ezinhliziyweni zethu ezizwa ubuhlungu kanye nokuthula ezingqondweni zethu ezikudingayo. NoNkulunkulu ohlangothini lwethu namazwi Akhe ezinhliziyweni nasezingqondweni zethu, sizokunqoba ukwesaba kwethu!
More