Thanda UNkulunkulu Kakhulu: Ukwesaba NokukhathazekaIsampula

Love God Greatly: Fear & Anxiety

USUKU 32 KWEZINGU- 40

Ukube besineqiniso, cishe besiyovuma ukuthi zikhona izikhathi ezimpilweni zethu lapho besingafuni noma singakwazi ukuthandaza. Usizi, imizwelo, ukukhathazeka, noma ukwesaba kungaphezu kwamandla kangangokuthi besingasenawo amandla noma amazwi okuya kuNkulunkulu ngomthandazo. 

Kulezi zikhathi, uNkulunkulu usinika usizo. Usinika uMoya oNgcwele ukuba asikhulumele (KwabaseRoma 8:26). UNkulunkulu ufuna ukuzwa kokubili ukudumisa kwethu nokukhononda kwethu (AmaHubo 55:16-17). Isifiso sakhe siwukwazi izinhliziyo zethu. Umphumela wokuya kuNkulunkulu ngomthandazo ubukhona Bakhe nokuthula Kwakhe. Akufanele sesabe ukuthi asikakulungeli ukuya kuNkulunkulu. Uhlale ekulungele ukusamukela. 

Yini ekuvimbela ukuba usondele kuNkulunkulu ngezinto ezikukhathazayo? UYihlo oseZulwini ufuna ukuthi uze Kuye nakho konke. Ulangazelela ukuzwa inhliziyo yakho. Yini okudingeka uyiyise onyaweni lwesiphambano namuhla?

Baba Nkulunkulu, ngiyabonga ngokunginika ukungena Kuwe ngeNdodana yakho, uJesu. Ngiyabonga ukuthi ngingeza kuwe ngikhathele futhi ngiphukile. Ngisize ngithulule inhliziyo yami kuwe namuhla, Nkosi. Uma ngingenawo amazwi, nginike uMoya Wakho ukuze ngithole izwi lami. Ngiyabonga ngokungithanda. EGameni likaJesu, Ameni.

Usuku 31Usuku 33

Mayelana naloluHlelo

Love God Greatly: Fear & Anxiety

Ingabe ufuna ukukhululeka ekwesabeni nasekukhathazekeni? Kulolu cwaningo lwamasonto angu-6, sizothola ukuthi uNkulunkulu uthini ngokwesaba nokukhathazeka. Sizofunda ukuthi singalwa kanjani ngamandla eZwi laKhe. Sizothola inkululeko ezinhliziyweni zethu ezizwa ubuhlungu kanye nokuthula ezingqondweni zethu ezikudingayo. NoNkulunkulu ohlangothini lwethu namazwi Akhe ezinhliziyweni nasezingqondweni zethu, sizokunqoba ukwesaba kwethu!

More

Sithanda ukubonga i-Love God Greatly ngokusihlinzeka ngaloluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: https://lovegodgreatly.com/lgg/bible-studies/