Thanda UNkulunkulu Kakhulu: Ukwesaba NokukhathazekaIsampula

Love God Greatly: Fear & Anxiety

USUKU 18 KWEZINGU- 40

Abaningi bethu baye badlula ezikhathini lapho ukubanjwa ngukwesaba kubonakale kuminyanisa yonke injabulo ezimpilweni zethu. Ukwesaba kusenza siyeke ukwenza izinto esizijabulelayo. Kungasenza singabunaki ubuhlobo obubalulekile. Ukwesaba kungaba namandla amakhulu phezu kwethu uma sikuvumela ukuba kulawule izinsuku zethu. 

Ukuze silwe namandla okwesaba, kufanele siqaphele ukuthi uNkulunkulu unamandla kunokwesaba. Lapho uJobe ephakathi kosizi lwakhe, uJehova wakhumbuza uJobe ngamandla akhe amakhulu endalweni. Ngisho nalapho uJobe engenamandla phezu kwezimo zakhe, uNkulunkulu wayelokhu elawula.

Kunini lapho uzizwe ungenamandla phezu kwesimo esithile empilweni yakho? Lapho sibhekene nobunzima empilweni kulula ukuzizwa njengoJobe. Ukubeka ithemba lethu nokuthembela kwethu emandleni negunya likaNkulunkulu kusinika amandla okulwa nokwesaba kwethu. 

Baba Nkulunkulu, ngiyabonga ngamandla akho. Ungixolele ngezikhathi engingabazayo ngazo. Ngisize ngibone amandla Akho ngendalo nasempilweni yami. Ngiyabonga ngokuqhubeka nokusebenza empilweni yami ukuze kube kuhle. Ameni.

Usuku 17Usuku 19

Mayelana naloluHlelo

Love God Greatly: Fear & Anxiety

Ingabe ufuna ukukhululeka ekwesabeni nasekukhathazekeni? Kulolu cwaningo lwamasonto angu-6, sizothola ukuthi uNkulunkulu uthini ngokwesaba nokukhathazeka. Sizofunda ukuthi singalwa kanjani ngamandla eZwi laKhe. Sizothola inkululeko ezinhliziyweni zethu ezizwa ubuhlungu kanye nokuthula ezingqondweni zethu ezikudingayo. NoNkulunkulu ohlangothini lwethu namazwi Akhe ezinhliziyweni nasezingqondweni zethu, sizokunqoba ukwesaba kwethu!

More

Sithanda ukubonga i-Love God Greatly ngokusihlinzeka ngaloluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: https://lovegodgreatly.com/lgg/bible-studies/