Thanda UNkulunkulu Kakhulu: Ukwesaba NokukhathazekaIsampula

Love God Greatly: Fear & Anxiety

USUKU 12 KWEZINGU- 40

Lapho uNkulunkulu esitshela ukuthi singamesabi, ucela ukuba simethembe lapho izimo zethu zingaqinisekile. UNkulunkulu futhi uyasiyala, njengabantwana Bakhe ukuba simesabe. Lokhu akukona ukusabela koku ngenzi lutho kobugwala. Kunalokho, kuwukwenza ukudumisa okukhuthele. 

Indlela ama-Israyeli ayekhonza ngayo uNkulunkulu ethempelini ngoSuku Lokuhlawulela yayimelela lo mqondo wenhlonipho egcwele yoMninimandla onke. Ekufeni kukaJesu, ikhethini leNdawo eNgcwelengcwele ladabuka, futhi bonke banikezwa ithuba lokungena kuNkulunkulu. Nokho, umyalo wokwesaba wasala. Ukwesaba uNkulunkulu kuhloswe ukuba kusiqhubeze ekubeni simazi futhi simthande kakhulu njengoba sifuna ukuphila impilo ethobela imiyalo Yakhe. 

UNkulunkulu uyasiyala ukuba simesabe, hhayi ukuze sihlukaniswe naye, kodwa ukuze sibe nokuqonda kangcono ukuthi ungubani. Uma simesaba uJehova ngalokho ayikho kanye nalokho akwenzile, siyakhula ekuqondeni kwethu ubungcwele Bakhe. Esikhundleni sokudangala, siyakhula okholweni ngoba sibeka ithemba lethu ngokugcwele nangokuphelele Kuye.

Baba Nkulunkulu, ngiyabonga ngokuba unguNkulunkulu wami uMninimandla onke engithembele kuye. Ngiyakudumisa ngobungcwele Bakho. Ngiyabonga ngokufinyelela enginakho Kuwe ngeNdodana yakho. Baba ngisize ngikhulise ukwethemba kwami ​​kuwe njengoba ngibheka ubungcwele bakho. Ngegama likaJesu, ameni. 

Usuku 11Usuku 13

Mayelana naloluHlelo

Love God Greatly: Fear & Anxiety

Ingabe ufuna ukukhululeka ekwesabeni nasekukhathazekeni? Kulolu cwaningo lwamasonto angu-6, sizothola ukuthi uNkulunkulu uthini ngokwesaba nokukhathazeka. Sizofunda ukuthi singalwa kanjani ngamandla eZwi laKhe. Sizothola inkululeko ezinhliziyweni zethu ezizwa ubuhlungu kanye nokuthula ezingqondweni zethu ezikudingayo. NoNkulunkulu ohlangothini lwethu namazwi Akhe ezinhliziyweni nasezingqondweni zethu, sizokunqoba ukwesaba kwethu!

More

Sithanda ukubonga i-Love God Greatly ngokusihlinzeka ngaloluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: https://lovegodgreatly.com/lgg/bible-studies/