Thanda UNkulunkulu Kakhulu: Ukwesaba NokukhathazekaIsampula

Love God Greatly: Fear & Anxiety

USUKU 10 KWEZINGU- 40

Njengamakholwa, sibhekene nesitha sikamoya esifuna ukusibhubhisa. Isitha asiqamekeli, kunalokho, sizingela inyamazane yaso njengesilwane esilambile.

Nakuba sinesitha esihlose ukulimaza, akumele sesabe. UJesu waxwayisa abafundi Bakhe ngodeveli, kodwa wabanika (nathi!) isikhali esikhulu kunazo zonke ekulweni: Yena uqobo.  UJesu wasinqoba isitha. Waphila, wafa, wabuye wavuka ukuze sikwazi ukuphila ngaphandle kokwesaba isitha.

Sinomthwalo wemfanelo njengamakholwa ukuqapha amaqhinga kasathane. Ku-1 kaPetru 5 isikhumbuza ukuthi kufanele sizithibe futhi siphaphame. Nakuba usongo luqinile, ukuzivikela kwethu kunamandla. UNkulunkulu usinike amandla okumelana nesitha nokuma siqinile okholweni lwethu.

Ngesikhathi esilandelayo lapho uzizwa ukhathazekile, zama ukukhumbula ukuthi nakuba isitha silwa nathi, uNkulunkulu uphethe ukunqoba. Ukwazi iqiniso leZwi likaNkulunkulu kungakusiza kanjani ezikhathini zokwesaba?

Baba Nkulunkulu, ngiyabonga ngokuthumela iNdodana yakho ukuba ingiphe ukuphila. Ngiyabonga ngokunginika icebo lempi uma isitha sigadla. Ngiphe amandla okuma ngiqine okholweni lwami noma ngizizwa ngibuthakathaka. Ameni.

Usuku 9Usuku 11

Mayelana naloluHlelo

Love God Greatly: Fear & Anxiety

Ingabe ufuna ukukhululeka ekwesabeni nasekukhathazekeni? Kulolu cwaningo lwamasonto angu-6, sizothola ukuthi uNkulunkulu uthini ngokwesaba nokukhathazeka. Sizofunda ukuthi singalwa kanjani ngamandla eZwi laKhe. Sizothola inkululeko ezinhliziyweni zethu ezizwa ubuhlungu kanye nokuthula ezingqondweni zethu ezikudingayo. NoNkulunkulu ohlangothini lwethu namazwi Akhe ezinhliziyweni nasezingqondweni zethu, sizokunqoba ukwesaba kwethu!

More

Sithanda ukubonga i-Love God Greatly ngokusihlinzeka ngaloluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: https://lovegodgreatly.com/lgg/bible-studies/