Noel: UKhisimusi Ungowabo Bonke AbantuIsampula

Noel: Christmas Is For Everyone

USUKU 11 KWEZINGU- 12

Isipho Esikhulu Kunazo Zonke

NguDanny Saavedra

“Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade."—NgokukaJohane 3:16 (ZUL59)

Njengoba namuhla kuwusuku olwandulela uKhisimusi, Ngicabanga ukuthi sonke singaba neqiniso ngokuphelele kithi ngokwethu ukuthi siyavuma ukuthi SIYATHANDA ukwamukela izipho! Ubani ongathandi ukuthola izipho? Kuyamangalisa. Ngempela, yini yini engathandeki ngokuthola izinto ezinhle kubantu abakukhathalelayo? Ngokwami, ngiyakuthanda ukwamukela izipho ezivela kubantu. Kwanelisa isidingo sami sokuvunywa nokwamukelwa. Kungani? Ngoba ukwamukela izipho kubantu kungenza ngizizwe sengathi bangithanda ngokweqiniso, bayangibonga, futhi bayangamukela ngokwami. 

Ngaphambi kokuthi singene esifundweni sethu namuhla, ake ngikubuze . . . yisiphi isipho esihle kakhulu owake wasithola? Ngikhumbula isipho esihle kunazo zonke engake ngazinikezwa ngise ingane kwaba iNintendo 64, iphelele ino Super Mario 64.Ndoda, ngathola amahora amaningi nokuzijabulisa okuningi kuleyo khonsoli yomdlalo. 

Kuze kube namuhla, ngisakuthanda ukuthola izipho. Kepha, uma ngingaba neqiniso kuwe, njengomuntu omdala—ikakhulukazi njengobaba—Ngiqaphele okuthile okuthakazelisa kakhulu: Ngithola injabulo eyengeziwe ngokunikezela ngezipho. Asikho isipho engisitholile lapho sengikhulile esingenze ngaba nemizwa engangiyizwa ngisemncane, kepha noma nini lapho nginika indodana noma indodakazi yami isipho abasifunayo ngempela, ngibona injabulo nentokozo ebusweni babo, ngizwe ubuhlaya, ukwanga okujabulisayo, nokuzwa "Ngiyabonga! Ngiyabonga! Ngiyabonga, Baba!" kuletha lowo muzwa omuhle kakhulu wezinga le-N64 futhi kimi. 

Njengoba ngicabanga ngesizathu sokuthi sigubhe uKhisimusi namuhla, Ngikhunjuzwa ngokukaMathewu 7:11 (ZUL59), othi, "Ngakho-ke uma nina enibabi nazi ukubapha abantwana benu izipho ezinhle, kakhulu uYihlo osezulwini uzakubapha okuhle abacela kuye." Futhi, ndoda, impela uBaba wethu osezulwini uyakwazi uknikela ngesipho! 

NgokukaJohane 3:16 usitshela ukuthi uNkulunkulu wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuze bonke labo abakholwayo bathole isipho sempilo engunaphakade. KwabaseRoma 8:32 (ZUL59) uqhubeka uchaze ukuthi, "Yena ongayigodlanga eyakhe iNdodana, kepha wayinikela ngenxa yethu sonke, kungaba kanjani ukuba angasiphi konke kanye nayo na?" ku 2 kwabaseKorinte 8:9 (ZUL59) uthi, "Ngokuba niyawazi umusa weNkosi yethu uJesu Kristu ukuthi, nakuba ecebile, waba mpofu ngenxa yenu, ukuze ngobumpofu bakhe nicebe nina."

Manje, kungani asinike lesi sipho? Kungani iNkosi yezulu yehla yahlala phakathi kwethu? u 1 kuThimothewu 1:15 (ZUL59) usitshela ukuthi, "uKristu Jesu weza ezweni ukusindisa izoni." KwabaseRoma 6:23 (ZUL59) sitshelwa ngokusobala ukuthi "Ngokuba inkokhelo yesono ingukufa". Yilokhu okusifanele. Lesi yisikweletu esisikweleta uNkulunkulu ngenxa yesono sethu. Esonweni sihlukanisiwe noNkulunkulu ongcwele futhi ophelele. Kepha iNkosi yethu, egcwele uthando, umusa, nesihe, ihlele uhlelo lokuthi ivale lokhu okusihlukanisayo okukhulu kangaka ngokusinika "isipho sikaNkulunkulu", okuwuku “phila okuphakade kuKristu Jesu iNkosi yethu." Futhi wakufeza lokhu ngoku "thumela ezweni iNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba siphile ngayo" (1 kaJohane 4:9 ZUL59).

Njengabalandeli bakaKristu, sithole isipho esizoqhubeka sinikela ingunaphakade—isipho esingasoze saguga, esingeke silokothe siphuke, esingasoze saphela, esingasoze saba nalutho, futhi esingasoze salahlekelwa yinan laso; isipho esikhulu kunazo zonke ezake zaziwa umhlaba . . . konke okumele sikwenze ukukholwa. UJesu wakhokha inani eliphakeme, eliphakeme kakhulu ukusithengela lesi sipho ukuze asinikeze sona ngokukhululeka! Yingakho ke ungokukaJohane 3:16 eyivesi elaziwa kakhulu eBhayibhelini, ngoba liyindlela enamandla futhi elula kunazo zonke yokubonisa uthando lukaNkulunkulu ngathi. Futhi ungaqagela? Uyazi ukuthi uNkulunkulu uzizwa kanjani njalo lapho umuntu amukela isipho sakhe? UJesu usitshela phakathi kukaLuka 15:7 (ZUL59) ukuthi kuba khona ukuthokoza ezulwini ngesoni sisinye esiphendukayo bamukele isipho sikaKrestu!

Ngakho-ke namuhla, njengoba ulungiselela ukugubha ukuzalwa kukaJesu kusasa, njengoba ulungiselela isidlo sakusihlwa ngoKhisimusi noma ulungiselela ukuya esontweni, yazi ukuthi akuwena wedwa ogubha lolusuku . . . Qiniseka ukuthi uBaba wethu osezulwini ugubha isikhathi lapho mina nawe saba ngabantwana Bakhe, futhi wazi ukuthi kuzoba nokuthokoza okukhulu ezulwini njengoba abantu bezomazi. 

Usuku 10Usuku 12

Mayelana naloluHlelo

Noel: Christmas Is For Everyone

Ezinsukwini eziyishumi nambili ezilandelayo, sizothatha uhambo lokuxoxa ngendaba kaKhisimusi sithole hhayi kuphela nje ukuthi kungani kuyindaba enkulu eyake yaxoxwa, kodwa futhi kungani uKhisimusi kungowowonke umuntu!

More

Sithanda ukubonga iCalvary Chapel Ft. Lauderdale ngokusinikeza lolu hlelo. Ukuthola eminye imininingwane, sicela uvakashele: http://CalvaryFTL.org