Umsindo woku Ngifundela
Umcibisholo Wokugcina
Ingabe umphefumulo wakho ukhala ngokuthi wazalelwa okungaphezu kwale mpilo oyiphilayo? Ingabe usuzidelile, wadelela ukuphila kwakho, futhi wayibukela phansi inhloso kaNkulunkulu ngawe? Kulesi zinsuku ezingu-5 zokuzinikela, i-iconoclast kanye nomfundisi oholayo we-Mosaic, u-Erwin McManus, uzokhomba indlela yokuhola impilo yothando, uhambo, nesibindi. Ngokusekelwe encwadini entsha kaMcManus, Umcibisholo Wokugcina, thola ukuthi ungawaphishekela kanjani amaphupho akho ngenhliziyo yonke, uphile le mpilo eyodwa ngokugcwele, futhi ufe nomgodla ungenalutho.
Indlela Yokuthandaza
Lolu hlelo lwezinsuku ezine lokufunda lwentsha luhlola ukuthi imiBhalo ithini ngomthandazo. Landela indaba kaTyler njengoba efunda ukuthi kusho ukuthini ukukhuluma noNkulunkulu. Usuku ngalunye uzofunda isiqephu somBhalo, ubuke indaba, futhi ufunde kanye noTyler njengoba ebuza imibuzo emikhulu mayelana nokuthi kusho ukuthini ukukhuluma noNkulunkulu ngomthandazo.
Advent Ukudumisa
Ithemba, uthando, ukuthula, intokozo. Lawamagama akhulunywa kakhulu ngesikhathi samaholide, kodwa ingabe siyakhumbula ukuthi yingani? Indaba kaKhisimuzi yindaba yokuthi uNkulunkulu wangenela kanjani kumlando ngokuzwela kukaJesu. Izimpilo zika Mariya noJosefa, nabelusi zaguqulwa kakhulu ngalesisenzo. Bathola ithemba, uthando, ukuthula, kanye nentokozo; masikhumbule ndawonye ukuthi nathi singkuthola kanjani lokhu ngoJesu.
Izinsuku ezingu-7 Zokuthola Ukuphumula
Lolu hlelo lokufunda ‘lokuthola ukuphumula’ lusekelwe emazwini kaJesu akuMathewu 11:28-29. UJesu wathembisa ukuthi uma uza kuye, uzothola ukuphumula. Umgomo wale miyalezo uwukusiza ukuba uthole ukuphumula kwangempela, kungaba ngokomzimba, ngokwengqondo, noma ngokomzwelo. Ake siqale lolu chungechunge!
Ukulalela uNkulunkulu
U-Amy Groeschel ubhale lolu hlelo lwezinsuku eziyisikhombisa lweBhayibheli ngokuthemba ukuthi luzothathwa ngqo kusuka enhliziyweni kaBaba wethu onothando luza kweyakho. Umthandazo wakhe ukuthi lukufundise ukugwema ukukloloda okuphikisayo bese ikuvusa ukuba ugxile eZwini laKhe.
Isiqondiso Saphezulu
Nsuku zonke, senza izinqumo ezakha indaba yethu yokuphila. Impilo yakho ibizobukeka kanjani uma ubungungoti ekwenzeni lezo zinqumo? KuDivine Direction Bible Plan, umbhali othengisa kakhulu weNew York Times noMfundisi Omkhulu weLife.Church, uCraig Groeschel, ukukhuthaza ngemigomo eyisikhombisa encwadini yakhe ethi Divine Direction ukukusiza uthole ukuhlakanipha kukaNkulunkulu ngezinqumo zakho zansuku zonke. Thola ukuqondiswa okungokomoya okudingayo ukuze uphile indaba ehlonipha uNkulunkulu ongathanda ukuyitshela.
Ukubuya Emva Kokuphoxeka
Impilo inendlela yokusehlisa. Kungakhathaliseki ukuthi ukulahlekelwa umsebenzi, inkinga yezimali, noma ubuhlobo obuphukile, ngamunye wethu uyakwazi ukunambitheka kokudumala. Ukwazi ukuthi singahlehla kanjani kulezo zinkinga kubalulekile uma sifuna ukuzwa ngokugcwele ukuhlinzekwa nomusa kaNkulunkulu ezimpilweni zethu. Kulolu chungechunge, uDkt. Evans unikeza isisekelo seBhayibheli sokufunda indlela yokusingatha ukudumazeka ekuphileni kwethu kwansuku zonke.
Zila ukudla njengo Daniyeli
Angikuthandi ukuzila ukudla! Masikhulume iqiniso; akukho lutho olujabulisayo ngokuzincisha ukudla okuthandayo nempilo enethezekile oyijabulelayo. Kungenzeka ngingakuthandi ukuzila ukudla, kodwa ngiyayithanda imiphumela. I-Daniel Fast ISHINTSHE IMPILO YAMI! Uma uzibophezela ekuzileni ukudla futhi ulandele lolu hlelo, luzoshintsha nolwakho. Masimvulele uNkulunkulu indawo kulolu hambo olumangalisayo njengoba sizila NjengoDaniyeli.
Nikeza Umsebenzi Wakho Incazelo
Iningi lethu lizochitha cishe amaphesenti angama-50 empilo yethu yobudala emsebenzini. Sifuna ukwazi ukuthi umsebenzi wethu unencazelo - ukuthi umsebenzi wethu ubalulekile. Kepha ingcindezi, izidingo kanye nobunzima kungadala ukuthi sibheke umsebenzi njengonzima - into okufanele sidlule kuyo. Lolu hlelo lokufunda luzokusiza ukuthi ubone amandla onawo wokukhetha incazelo enhle yomsebenzi wakho ogxile ekukholweni