UZefaniya 3:1-20
UZefaniya 3:1-20 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Wo kohlubukileyo nongcolileyo, muzi ocindezelayo! Awuzwa zwi, awamukeli ukulaywa, awumethembi uJehova, awusondelanga kuNkulunkulu wawo. Izikhulu zawo phakathi kwawo ziyizingonyama ezibhongayo; abahluleli bawo bayizimpisi zokuhlwa; abashiyeli lutho ingomuso. Abaprofethi bawo bangamayiyane nabakhohlisi; abapristi bawo bayingcolisile indlu engcwele, bawudlovulile umthetho. UJehova ulungile phakathi kwawo, akenzi okubi; ekuseni njalo uveza ukwahlulela kwakhe ekukhanyeni, akuphuthi; kepha abangalungile abazi amahloni. “Nginqumile izizwe, imibhoshongo yazo yasezingosini ichithekile; ngichithile izitaladi zazo ukuze kungadluli muntu; imizi yazo iqothuliwe ukuze kungabikho muntu, kungabikho ohlala kuyo. Ngathi: ‘Nokho uyakungesaba, wamukele ukulaywa.’ Indawo yawo yokuhlala ayiyikunqunywa, kungenzeki konke engiwumisele khona; kepha bavuka ekuseni, benza okubi. Ngalokho, ngilindeleni,” usho uJehova, “kuze kube lusuku engivuka ngalo ukuba ngiphange, ngokuba kuyisinqumo sami ukubutha izizwe ukuba ngiqoqe imibuso, ukuze ngithulule phezu kwabo intukuthelo yami, lonke ulaka lwami oluvuthayo, ngokuba wonke umhlaba uyakudliwa ngumlilo womhawu wami. “Ngokuba lapho ngiyakunika abantu izindebe ezihlanzekileyo, ukuze bonke babize igama likaJehova, bamkhonze nganhliziyonye. Kusukela phesheya kwemifula yaseKushe abanxusa kimi, indodakazi yabahlakazekileyo bami, bayakuletha umnikelo wami. Ngalolo suku awusayikuba namahloni ngazo zonke izenzo zakho ophambuke ngazo kimi, ngokuba khona ngiyakususa phakathi kwakho abazidla ngokujabula, awusayikuziphakamisa entabeni yami engcwele. Kepha ngiyakushiya phakathi kwakho abantu abahluphekayo nabampofu; bayakwethemba igama likaJehova. Insali yakwa-Israyeli ayisayikwenza okubi, ingakhulumi amanga, kungafunyanwa emlonyeni wabo ulimi olukhohlisayo; yebo, bayakwaluka, babuthise, kungekho obesabisayo.” Hlabelela ngokujabula, ndodakazi yaseSiyoni, umemeze, Israyeli, uthokoze, wethabe ngenhliziyo yonke, ndodakazi yaseJerusalema. UJehova ususile ukwahlulelwa kwakho, uxoshile izitha zakho. INkosi yakwa-Israyeli, uJehova, iphakathi kwakho; awusayikwesaba okubi. Ngalolo suku kuyakuthiwa kulo iJerusalema: “Ungesabi, Siyoni! Izandla zakho mazingadangali. UJehova uNkulunkulu wakho uphakathi kwakho, iqhawe eliyakukusindisa; uyakujabula ngawe ngentokozo, athule othandweni lwakhe, ethabe ngawe ngokuhlabelela.” “Abadabuka ngemikhosi ngiyakubabutha, ababahlukene nawe, usathwele ihlazo. Bhekani, ngaleso sikhathi ngiyakuphatha bonke abakuhluphayo, ngisindise abaqhugayo, ngibuthe abaxoshiweyo, ngibenze indumiso negama abahlazo labo lalisemhlabeni wonke. Ngaleso sikhathi ngiyakuningenisa, ngaleso sikhathi ngiyakunibutha, ngokuba ngiyakunenza igama nendumiso phakathi kwabantu bonke bomhlaba, lapho ngibuyisa ukuthunjwa kwenu phambi kwamehlo enu,” usho uJehova.
UZefaniya 3:1-20 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Maye, kohlubukileyo nongcolileyo, umuzi wencindezelo! Awulilaleli izwi, awukwemukeli ukuyalwa, awethembeli kuSimakade, awusondeli kuNkulunkulu wawo. Izikhulu zawo zingamabhubesi abhodlayo, abehluleli bakhona bangamankentshane asebusuku, abashiyi lutho okwangomuso. Abaphrofethi bawo bayizichwensi nabakhohlisi. Abaphristi bawo bayingcolisile indawo engcwele, bawephula umthetho. USimakade ulungile kuwo, akakwenzi okungalungile. Njalo ekuseni ukhipha isehlulelo sakhe ekukhanyeni, akehluleki, kepha abangalungile abalazi ihlazo. “Ngiziqothulile izizwe, imibhoshongo yazo iyincithakalo, ngenze imigwaqo yazo amagebhugebhu, ukuze kungadluli muntu kuyo, imizi yazo icekelwe phansi yasala dengwane. Ngathi: ‘Impela uyakungesaba, ukwemukele ukuyalwa.’ Indawo yawo yokuhlala ayiyukushatshalaliswa, kungenzeki konke engiwunqumele khona. Kodwa noma kunjalo, bavuka ekuseni benze inkohlakalo ngazo zonke izenzo zabo. “Ngakho-ke ngilindeni,” kusho uSimakade, “kuze kube lusuku engisukuma ngalo ngiphange, ngokuba kuyisinqumo sami ukuqoqa izizwe, ngihlanganise ndawonye imibuso, ukuba ngithululele kuzo intukuthelo yami, lonke ulaka lwami oluvuthayo, ngokuba wonke umhlaba uyakungqongqiswa ngumlilo womhawu wami.” “ ‘Ngokuba ngaleso sikhathi ngiyakunika abantu izindebe zomlomo ezihlanzekileyo, ukuze bonke babize igama likaSimakade, bamkhonze bemunye. Kusukela phesheya kwemifula eKhushe abanxusa kimi, indodakazi yabahlakazekileyo bami, bayakuletha umnikelo wami. Ngalolo lusuku awuyukuba namahloni ngazo zonke izenzo zakho owahlubuka ngazo kimi, ngokuba ngiyakususa kuwe abajabulela ukuzigqaja kwabo; awusayukuphinde uzikhukhumeze futhi entabeni yami engcwele. Kepha ngiyakushiya kuwe abantu abahluphekileyo nabampofu; bayakukhosela egameni likaSimakade. Insali yakwa-Israyeli ayiyukwenza okubi, ayiyukuwaqamba amanga, futhi akuyukutholakala emlonyeni wayo ulimi lwenkohliso. Impela iyakudla, ilale phansi, kungabi bikho oyethusayo.’ ” Hlokoma ngentokozo ndodakazi yaseZiyoni, umemeze, Israyeli, uthokoze, futhi ujabule ngenhliziyo yonke, ndodakazi yaseJerusalema. USimakade usisusile isigwebo sakho, wasixosha nesitha sakho. INkosi yakwa-Israyeli, uSimakade, iphakathi kwakho, awusayukwesaba futhi okubi. Ngalolo lusuku kuyakuthiwa kulo iJerusalema: “Ungesabi, Ziyoni! Izandla zakho mazingayethi. USimakade uNkulunkulu wakho unawe, iqhawe eliyakukunqobisa. Uyakukujabulela kakhulu wena, athule othandweni lwakhe, akuthokozele ngokuhlokoma kwentokozo.” “Labo abadabuka ngemikhosi enqunyiweyo ngiyakubaqoqa, ngibasuse kuwe, bangumthwalo nehlazo kuwe. Uyabona-ke, ngaleso sikhathi ngiyakubhekana ngqo nabo bonke abakuhluphayo, ngisindise abaqhugayo, ngiqoqe abaxoshiweyo, ngibenze babe nodumo negama abahlazeka emhlabeni wonke. Ngaleso sikhathi ngiyakunibuyisa, lapho nginiqoqa, ngokuba ngiyakunenza nibe negama nodumo kubo bonke abantu bomhlaba, mhla ngiguqula ukuthunjwa kwenu nizibonela ngawenu amehlo,” kusho uSimakade.
UZefaniya 3:1-20 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Maye kulo muzi ongcolile nongcolile, umuzi ocindezelayo! Kalilalelanga ilizwi; akakwamukelanga ukuqondiswa; akazange athembele kuJehova; akasondelanga kuNkulunkulu wakhe. Izikhulu zawo phakathi kwawo zingamabhubesi abhodlayo; abahluleli bawo bayizimpisi zasebusuku; abadli amathambo kuze kuse. Abaprofethi bawo bangabantu abalula nabangathembekanga; UJehova olungileyo uphakathi kwawo; akenzi okubi; njalo ekuseni uyaveza ilungelo lakhe, akaqedi; kepha ongalungile akawazi amahloni. Ngizibhubhisile izizwe; imibhoshongo yabo iyincithakalo; Ngenzile izitaladi zazo zibe yincithakalo, ukuze kungadluli muntu; Ngathi: Ngiqinisile, lizangesaba, lizakwamukela ukulaywa; ukuze indawo yabo yokuhlala ingaqedwa, nokho ngibajezisile; kepha bavuka ekuseni, baziphanga zonke izenzo zabo. Ngalokho ngilindeleni, usho uJehova, kuze kufike usuku engiyakuvuka ngalo ukuphanga; ngoba injongo yami iwukuqoqa izizwe, ukuze ngibuthe imibuso, ukuze ngithulule ulaka lwami phezu kwazo, yebo, lonke ulaka lwami oluvuthayo. Ngoba umhlaba wonke uzaqedwa ngomlilo womhawu wami. Ngoba ngalesosikhathi ngizanika abantu ulimi oluhlanzekileyo, ukuze bonke babize ibizo le Nkosi, bamkhonze nganhliziyonye. Ngaphesheya kwemifula yaseKushe, abangincengayo, indodakazi yabahlakazekileyo bami, bayakunikela ngomhlatshelo wami. Ngalolo suku aniyikuba namahloni ngazo zonke izenzo zenu eneqe ngazo kimi; ngokuba lapho ngiyakubasusa kini abathokoza ngokuzidla kwenu, ningabe nisazidla ngenxa yentaba yami engcwele. Ngiyakushiya phakathi kwakho abantu abadabukileyo nabampofu, abayakwethemba igama likaJehova. Insali yakwa-Israyeli ayiyikwenza okubi, ingakhulumi amanga; futhi akukho ulimi olukhohlisayo oluyotholakala emlonyeni wabo, ngoba bayoklaba futhi balale, futhi akekho oyobethusa. Hlabelela, ndodakazi yaseZiyoni! jabula, Israyeli! jabula, uthokoze ngenhliziyo yakho yonke, ndodakazi yaseJerusalema. UJehova usezisusile izahlulelo zakho, usixoshile isitha sakho; inkosi yakwa-Israyeli, uJehova, iphakathi kwakho; anisayikubona ububi. Ngalolo suku kuyothiwa kulo iJerusalema: “Ungesabi, nakulo iSiyoni: Mazingadangali izandla zakho. UJehova uNkulunkulu wakho uphakathi kwakho; uyakusindisa, ajabule ngawe ngentokozo; uyophumula othandweni lwakhe, ajabule ngawe ngengoma. Ngiyakubutha abadabukileyo ngomkhosi, abaphuma kini, okube ngumthwalo kubo ukuthukwa kwawo. Bhekani, ngaleso sikhathi ngiyakuqeda konke abanicindezelayo, nabamiyo ngibasindise, ngibabuthe abadingisiwe; futhi ngiyozuza udumo negama kubo kuwo wonke amazwe abahlazeke kuwo. Ngaleso sikhathi ngiyakunibuyisela emuva, ngesikhathi enginibuthela ngaso; ngokuba ngiyakunenza igama nendumiso phakathi kwabantu bonke bomhlaba, lapho ngiguqula ukuthunjwa kwenu phambi kwamehlo enu,” usho uJehova.