UZakariya 9:9-12
UZakariya 9:9-12 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Thokoza kakhulu ndodakazi yaseZiyoni, hlokoma ngenjabulo ndodakazi yaseJerusalema. Uyabona-ke, iNkosi yakho iza kuwe, ilungile, inqobile, ithobekile, igibele imbongolo, ithole, inkonyane yembongolokazi. Ngiyakususa inqola yempi kwa-Efrayimi, nehhashi eJerusalema, ngisuse nomnsalo wempi. Iyakukhuluma ngokuthula ezizweni, ukubusa kwayo kuyakusukela olwandle kuze kufike olwandle, kusukele emfuleni kuze kufinyelele emaphethelweni omhlaba. Kodwa wena-ke, ngenxa yegazi lesivumelwano sami nawe, ngiyakubakhulula abakini ababoshiweyo emgodini ongenamanzi. Buyelani enqabeni nina baboshiweyo abanethemba. Ngiyanitshela namhlanje ukuthi ngiyakunibuyisela okungokwenu ngokuphindwe kabili.
UZakariya 9:9-12 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Thokoza kakhulu, ndodakazi yaseSiyoni; jabula nokujabula, ndodakazi yaseJerusalema; bheka, iNkosi yakho iza kuwe, ilungile, inensindiso, ithobekile, ikhwele imbongolo, ithole, inkonyane yembongolokazi. Ngiyakunquma inqola kwa-Efrayimi nehhashi eJerusalema, nomnsalo wokulwa uyakunqunywa; iyakukhuluma ukuthula kwabezizwe, nokubusa kwayo kuyakusukela elwandle kuze kufike elwandle, kusukela eMfuleni* kuze kufike emajukujukwini omhlaba. Nawe, ngenxa yegazi lesivumelwano sakho, ngikhiphile iziboshwa zakho emgodini okungekho kuwo amanzi. Buyelani enqabeni, ziboshwa esezinethemba; namuhla ngiyanitshela ukuthi ngiyakubuyisela kini okuphindwe kabili.
UZakariya 9:9-12 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Jabula kakhulu, ndodakazi yaseZiyoni! khala, ndodakazi yaseJerusalema! Bheka, iNkosi yakho iza kuwe; Ulungile futhi unensindiso; ithobekile, igibele imbongolo, ithole lethole. Ngiyakunquma inqola kwa-Efrayimi nehhashi eJerusalema, umnsalo wokulwa unqunywe; futhi uyokhuluma ukuthula kwabezizwe; ukubusa kwakhe kuyakuba kusukela olwandle kuze kufike elwandle, futhi kusukela emfuleni iNayile kuze kube semikhawulweni yomhlaba. Kepha wena, ngegazi lesivumelwano sakho ngibakhiphile abathunjwa bakho emgodini okungekho manzi kuwo. Phendukelani enqabeni yasezintabeni, zibotshwa zethemba; namuhla ngiyamemezela ukuthi ngiyakukubuyisela kabili