UZakariya 1:2-6
UZakariya 1:2-6 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Impela uSimakade wayebathukuthelele kakhulu okhokho bakho. Kepha wena batshele, uthi: Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: ‘Buyelani kimi,’ kusho uSimakade Wamabandla, ‘nami ngizobuyela kini,’ kusho uSimakade Wamabandla. “Ningafani nokhokho benu okwathi lapho abaphrofethi bakuqala bememezela kubo, bethi: Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: ‘Ake niphenduke ezindleleni zenu ezimbi nasezenzweni zenu zobubi,’ kodwa abalalelanga, futhi abazange banginake, kusho uSimakade. “Baphi okhokho benu na? Ngabe abaphrofethi basaphila yini kuze kube phakade na? Kanti amazwi ami nezimiso zami engayaleza ngakho izinceku zami abaphrofethi akufinyelelanga yini kokhokho benu na? Angithi baphenduka, bathi: ‘Njengoba uSimakade Wamabandla ebehlelile ukwenza lokhu kithi ngokwezindlela zethu nangemisebenzi yethu, wenze kanjalo-ke kithi.’ ”
UZakariya 1:2-6 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“UJehova wathukuthelela nokuthukuthelela oyihlo. Kepha yisho wena kubo, uthi: Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: ‘Buyelani kimi,’ usho uJehova Sebawoti, ‘ngiyakubuyela kini,’ usho uJehova Sebawoti. Ningabi njengawoyihlo abaprofethi bokuqala abamemeza kubo, bathi: Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: ‘Ake nibuye ezindleleni zenu ezimbi nasezenzweni zenu ezimbi;’ kepha kabalalelanga, kabangiqaphelanga, usho uJehova. Oyihlo baphi na? Nabaprofethi bakhona kuze kube phakade na? Kanti amazwi ami nezimiso zami engayala ngakho izinceku zami abaprofethi akubaficanga yini oyihlo, baze baphenduka, bathi: ‘Njengalokho uJehova Sebawoti ebehlosa ukwenza kithi njengezindlela zethu nemisebenzi yethu, wenze kanjalo kithina, na?’ ”
UZakariya 1:2-6 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UJehova wabathukuthelela kakhulu oyihlo. Ngalokho uthi kubo: Usho kanje uJehova Sebawoti; Phendukelani kimi, usho uJehova Sebawoti, ngibuyele kini, usho uJehova Sebawoti. Ningabi njengawoyihlo abaprofethi bokuqala abamemeza kubo, bathi: Usho kanje uJehova Sebawoti; Phendukani ezindleleni zenu ezimbi nasezenzweni zenu ezimbi, kepha kabalalelanga, kabangilalelanga, usho uJehova. Oyihlo bangaphi? nabaprofethi baphila phakade na? Kepha amazwi ami nezimiso zami engayala ngakho izinceku zami abaprofethi, akubambanga yini koyihlo na? babuya, bathi: “Njengokuba uJehova Sebawoti wayehlosile ukwenza kithi njengezindlela zethu nezenzo zethu, wenze njalo kithi.