KuThithu 1:1-16
KuThithu 1:1-16 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
UPawulu, inceku kaNkulunkulu, nomphostoli kaJesu Kristu, ngokokholo lwabakhethiweyo bakaNkulunkulu, nokulazi iqiniso elingokokumesaba uNkulunkulu; ethembeni lokuphila okuphakade, uNkulunkulu ongenakuqamba amanga akuthembisa kungakabikho umhlaba; Kodwa ngesikhathi esifaneleyo ulibonakalisile ilizwi lakhe ngentshumayelo engiphathiswe yona ngokomlayo kaNkulunkulu uMsindisi wethu; kuThithu, indodana yami uqobo ngokokholo esiluhlanganisile: Makube umusa, nesihawu, nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba naseNkosini uJesu Kristu uMsindisi wethu. Ngenxa yalokhu ngakutshiya eKrethe, ukuze ulungise okusilelayo, njalo umise abadala emizini yonke, njengokukulaya kwami; uma ekhona ongasolekiyo, eyindoda emfazi munye, enabantwana abakholwayo abangabekwa icala lokungalaleli noma abangalaleli. Ngokuba umbonisi umelwe ukuba ngongasolekiyo, njengomphathi kaNkulunkulu; ongesiye othanda ubugovu, ongasheshi ukuthukuthela, ongadakwa, ongashayi, ongesiye inzuzo embi; Kodwa ophatha kuhle izihambi, othanda okuhle, ozithibileyo, olungileyo, ongcwele, ozithibileyo; ebambelele ezwini elithembekileyo njengalokho efundisiwe, ukuze abe-namandla okuyala ngesifundiso esiphilileyo, nokuqinisekisa abaphikayo. Ngokuba baningi abangalaleliyo nabakhuluma okuyize nabakhohlisi, ikakhulukazi abokusoka; abamelwe ukuvalwa umlomo, abachitha izindlu ziphela, befundisa okungafanele ngenxa yenzuzo embi. Omunye wabo, umprofethi wakubo, wathi: AmaKrethe ahlala eqamba amanga, izilwane ezimbi, izisu ezimnene. Lobu bufakazi buqinisile. Ngakho-ke ubakhuze kabukhali, ukuze baphile ekukholweni; bangalaleli izinganekwane zamaJuda, nemiyalo yabantu abafulathela iqiniso. Kwabahlanzekile konke kuhlanzekile, kodwa kwabangcolileyo nabangakholwayo akukho okuhlanzekileyo; kodwa ngisho ingqondo nonembeza wabo kungcolile. Bavuma ukuthi bayamazi uNkulunkulu; kodwa bayamphika ngemisebenzi, benengekayo, nabangalaleliyo, nakuyo yonke imisebenzi emihle bengaboshiwe.
KuThithu 1:1-16 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UPawula, inceku kaNkulunkulu nomphostoli kaJesu Khristu, ngenxa yokokukholwa kwabakhethiweyo bakaNkulunkulu, nangokulazi iqiniso eliholela ekumesabeni uNkulunkulu, nasethembeni lokuphila okuphakade, uNkulunkulu ongawaqambi amanga akwethembisa zingakabi bikho izikhathi zaphakade, okuthe ngesikhathi esifaneleyo walibonakalisa izwi lakhe entshumayelweni engayiphathiswa ngokomyalo kaNkulunkulu uMsindisi wethu. KuThithu, umntanami, ngokweqiniso ekukholweni esikuhlanganyele sonke: makube kuwe umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba nakuKhristu uJesu uMsindisi wethu. Ngakushiya eKhrethe ngenhloso yokuba uqondise obekusasele, futhi njengalokhu ngakuyala, uqoke amalunga kuyo yonke imizi, uma kungumuntu ongasolekiyo, indoda emfazi munye, enabantwana abakholwayo, abangasoleki ngokungabi nasimilo nangokungalaleli. Ngokuba kubalulekile ukuba umphathi abe ngongasolekiyo njengomphathimuzi kaNkulunkulu, angabi ngoziqhenyayo, oshesha ukuthukuthela, oyinkolotshe, oyisidlova, ohahela inzuzo embi. Kepha makabe ngophanayo kuzo izihambi, othanda okuhle, onengqondo, oqotho, ongcwele, ozithibayo, obambelele ezwini elithembekileyo ngokwemfundiso, okwaziyo ukugqugquzela abanye ngemfundiso elungileyo nokudalula abaphikisana nayo. Ngokuba baningi abamelene neqiniso, abakhuluma okuyize, nabakhohlisayo, ikakhulu abokusoka, okufanele bavalwe umlomo bathuliswe, abadunga wonke umndeni, befundisa okungafanele ngenxa yenzuzo embi. Omunye wabo, umphrofethi wakubo, wathi: “AbaseKhrethe bangabaqambimanga njalo, izilwane ezimbi, neziminzi ezivilaphayo.” Lobo bufakazi buqinisile. Ngalokho-ke bakhuzisise, ukuze baphile ekukholweni, benganaki izinganekwane zabaJuda nemiyalo yabantu abafulathela iqiniso. Kwabahlanzekileyo konke kuhlanzekile, kepha kwabangcolileyo nabangakholwayo akukho lutho oluhlanzekileyo, kodwa kungcole ingqondo nonembeza wabo. Bavuma ukuthi bayamazi uNkulunkulu, kepha bayamphika ngemisebenzi yabo, bangabenyanyekayo, abangalaleli, abangalungele lutho oluhle abangalwenza.
KuThithu 1:1-16 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UPawulu, inceku kaNkulunkulu nomphostoli kaJesu Kristu ngokokukholwa kwabakhethiweyo bakaNkulunkulu nangokokwazi iqiniso elingokokukhonza uNkulunkulu, ethembeni lokuphila okuphakade uNkulunkulu ongaqambi amanga akwethembisa phambi kwezikhathi zaphakade, kepha ngesikhathi esifaneleyo ubonakalisile izwi lakhe entshumayelweni engayiphathiswayo ngokomyalo kaNkulunkulu uMsindisi wethu, kuThithu, umntanami ngempela ngokokukholwa esikuhlanganyele sonke: Makube kuwe umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba nakuKristu Jesu uMsindisi wethu. Ngakushiya eKrethe ngenxa yalokhu ukuba uhlele okusaseleyo, umise amalunga emizini yonke, njengokuba ngakuyala, uma kukhona ongasolekiyo, indoda emfazi munye, enabantwana abakholwayo abangenakusolwa ngokushinga nabangalaleliyo. Ngokuba umbonisi umelwe ukuba abe ngongasolekiyo njengomphathimuzi kaNkulunkulu, ongaziqhenyi, ongesiso isififane, ongesiso isiphuzi, ongesiso isilwi, ongesiye ohahela inzuzo embi, kepha ophatha kahle izihambi, othanda okuhle, oqondileyo, olungileyo, ongcwele, ozithibayo, obambelele ezwini elithembekileyo ngokwesifundiso, aze abe nakho nokuyala ngesifundiso esiphilileyo nokwahlula abaphikayo. Ngokuba baningi abangalaleliyo abakhuluma ize, nabakhohlisayo, ikakhulu abokusoka, abamelwe ukuthuliswa, abachitha indlu iphela, befundisa okungafanele ngenxa yenzuzo embi. Omunye kubona, umprofethi wakubo, washo wathi: “AbaseKrethe bangabaqambimanga njalo, izilwane ezimbi, iziminzi ezivilaphayo.” Lobo bufakazi buqinisile. Ngalokho-ke ubayalisise, ukuze baphile ekukholweni, benganaki izinganekwane zabaJuda nemiyalo yabantu abafulathela iqiniso. Kwabahlanzekileyo konke kuhlanzekile; kepha kwabangcolileyo nabangakholwayo akukho lutho oluhlanzekileyo, kodwa kungcole ingqondo yabo nonembeza wabo. Bavuma ukuthi bayamazi uNkulunkulu, kepha bayamphika ngemisebenzi yabo bengabenyanyekayo, nabangalaleliyo, nasemisebenzini yonke emihle kabasizi lutho.
KuThithu 1:1-16 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)