URuthe 2:1-12

URuthe 2:1-12 IsiZulu 2020 (ZUL20)

UNawomi wayenesihlobo somyeni wakhe, u-Elimelekhi, esasicebe kakhulu, igama laso kunguBhowazi. URuthi wakwaMowabi wathi kuNawomi: “Ngivumele ngihambe ngiye ensimini ukuze ngikhothoze emva kwalowo oyokuba nomusa kimi.” UNawomi wathi kuye: “Hamba ndodakazi yami.” URuthi wayesehamba wafike wakhothoza ensimini lapho kwase kuvunwe khona. Kwenzeka nje wazithola esekhothoza esiqeshini sensimu kaBhowazi, owayengowomndeni ka-Elimelekhi. Esekhona lapho, bheka kwafika uBhowazi evela eBhethlehema wathi kubavuni: “USimakade makabe nani.” Bamphendula bathi: “USimakade makakubusise.” UBhowazi wayesebuza encekwini yakhe eyayiphethe abavuni wathi: “Ingekabani le ntombazane, na?” Inceku yamphendula yathi: “Yintombazane yakwaMowabi ebuye noNawomi ezweni lakhona. Ithe: ‘Ake ungivumele ngikhothoze ezithungweni emva kwabavuni.’ Selokhu ifike ekuseni kuze kube manje isaqhubeka, iyaqala ukuthi gozololo edlangaleni.” UBhowazi wayesethi kuRuthi: “Lalela lapha ndodakazi yami. Ungayi ukuyokhothoza kwenye insimu, futhi ungasuki lapha; sondelana nezincekukazi zami. Amehlo akho awanamathele ensimini eziyivunayo; ngibadonse ngendlebe abafana ukuthi bangakuthinti. Uma womile ubokuya ezitsheni uphuze lokho okukhiwe ngabafana.” URuthi wakhothama wathi mbo ngobuso emhlabathini, wathi kuBhowazi: “Yini ukuba ube nomusa ongaka, uze unginakekele kangaka ngibe ngingowezizwe, na?” UBhowazi wamphendula wathi: “Ngizwile ngakho konke okwenzele unyokozala emva kokufa komyeni wakho. Uze washiya uyihlo nonyoko nezwe owazalelwa kulo, weza kubantu ongakaze uhlale nabo phambilini. Sengathi uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli oze ukuzokhosela phansi kwamaphiko akhe angakubusisa ngakho konke okwenzileyo, akuphe umvuzo opheleleyo.”

Dlulisela
Funda URuthe 2

URuthe 2:1-12 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

UNawomi wayenesihlobo somyeni wakhe, umuntu ocebileyo, owomndeni ka-Elimeleki, igama lakhe linguBowazi. URuthe wakwaMowabi wathi kuNawomi: “Mangihambe, ngiye ensimini, ngikhothoze ezikhwetshini emva kwalowo engiyakufumana umusa emehlweni akhe.” Wathi kuye: “Hamba, ndodakazi yami.” Wahamba, waya wakhothoza ensimini emva kwabavuni; kwase kwenzeka ukuba afike esiqeshini sensimu sikaBowazi womndeni ka-Elimeleki. Bheka, uBowazi wafika evela eBetlehema, wathi kwabavunayo: “UJehova makabe nani.” Bathi kuye: “UJehova makakubusise.” Wayesethi uBowazi encekwini yakhe eyayibekwe phezu kwabavuni: “Ngekabani le ntombazana na?” Inceku eyayibekwe phezu kwabavuni yaphendula yathi: “Kuyintombazana yakwaMowabi ebuye noNawomi ezweni lakwaMowabi; ithe: ‘Ake ngikhothoze, ngibuthe ezithungwini emva kwabavuni.’ Selokhu ifikile, iqhubekile kusukela ekuseni kuze kube manje, ihlale kancane endlini kuphela.” UBowazi wayesethi kuRuthe: “Angithi uyezwa, ndodakazi yami? Ungayi ukukhothoza kwenye insimu, futhi ungasuki lapha, kepha namathela kuwo amantombazana ami lapha. Amehlo akho mawabe sensimini ayivunayo, uwalandele; angithi ngiyalile abafana ukuba bangakuthinti na? Nxa womile, yana ezitsheni, uphuze lokho abakukhileyo abafana.” Wayesewa ngobuso bakhe, wakhothamela emhlabathini, wathi kuye: “Ngifumaneleni umusa emehlweni akho ukuba unginake, lokhu ngingowezizwe, na?” UBowazi waphendula, wathi kuye: “Kubikiwe kimi konke omenzele khona unyokozala selokhu afa umyeni wakho nokuthi ushiyile uyihlo nonyoko nezwe lokuzalwa kwakho, weza kubantu ongabazanga ngaphambili. UJehova makakuvuze ngomsebenzi wakho, uphiwe umvuzo opheleleyo nguJehova uNkulunkulu ka-Israyeli oze ukuba uphephele phansi kwamaphiko akhe.”

Dlulisela
Funda URuthe 2

URuthe 2:1-12 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

UNawomi wayenesihlobo somyeni wakhe, indoda enamandla aphilileyo, esomndeni ka-Elimeleki; igama lakhe lalinguBhowazi. URuthe umMowabi wasesithi kuNawomi: Ake ngiye elizweni, ngikhothoze emva kwalowo engizathola umusa emehlweni akhe. Wathi kuye: “Hamba, ndodakazi yami; Wahamba wafika wadobha ensimini ngemva kwabavuni; Bheka, uBhowazi wafika evela eBetlehema, wathi kubavuni: “UJehova makabe nani. Zathi kuye: “UJehova makakubusise; UBhowazi wayesethi encekwini yakhe ephethe abavuni: “Ngekabani le ntokazi na? Inceku eyayimiswe phezu kwabavuni yaphendula yathi: “Le yintombi yakwaMowabi eyabuya noNawomi ezweni lakwaMowabi.” Yathi: Ake ngicoshe, ngibuthe emva kwabavuni phansi kwezithungu; wafika wahlala kusukela ekuseni kwaze kwaba manje, wahlala kancane endlini. UBhowazi wasesithi kuRuthe: Uyezwa yini, ndodakazi yami? Ungayi ukuyokwakha kwelinye izwe, futhi ungasuki lapha, kodwa hlala lapha nezincekukazi zami. Amehlo akho mawabe sezweni abalivunayo, ubalandele; Angiziyalanga yini izinsizwa ukuba zingakuthinteli na? uma womile, hamba uye ezitsheni, uphuze okudotshwe yizinsizwa. Wawa ngobuso bakhe, wakhothamela emhlabathini, wathi kuye: “Ngitholeni umusa emehlweni akho ukuba ungangazi, lokhu ngingowezizwe na?” UBhowazi waphendula, wathi kuye: “Sekubonakalisiwe kimi ngokugcwele konke okwenzile kunyokozala selokhu kwafa umyeni wakho, nokuthi washiya kanjani uyihlo nonyoko nezwe lokuzalwa kwakho, futhi wafika kubantu owawungabazi ngaphambili. UJehova makakuvuze ngomsebenzi wakho, umvuzo opheleleyo uphiwe nguJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, othembele phansi kwamaphiko akhe.

Dlulisela
Funda URuthe 2