URuthe 1:7-8
URuthe 1:7-8 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Wasuka endaweni ayehlala kuyo nomalokazana bakhe bobabili, bangena indlela bebuyela kwaJuda. UNawomi wathi komalokazana bakhe ababili: “Hambani nibuyele emuva, yilowo nalowo abuyele endlini kanina; sengathi uSimakade anganenzela umusa, njengalokhu nani nenzile kubayeni benu, nakimi.
URuthe 1:7-8 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Waphuma endaweni lapho wayekhona, omalokazana bakhe benaye; bahamba ngendlela yokubuyela ezweni lakwaJuda. UNawomi wathi komalokazana bakhe ababili: “Hambani nibuyele, kube yilowo nalowo endlini kanina; uJehova makanenzele umusa, njengalokho nanenza kwabafileyo nakimi.
URuthe 1:7-8 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Wayesephuma endaweni lapho ayekhona, omalokazana bakhe ababili kanye naye; basuka babuyela ezweni lakwaJuda. UNawomi wathi komalokazana bakhe ababili: “Hambani nibuyele, kube yilowo nalowo endlini kanina; iNkosi inibonise okuhle, njengalokho nenza kwabafileyo nakimi.