URuthe 1:6-22

URuthe 1:6-22 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Kuthe eselapho kwaMowabi, uNawomi wezwa ukuthi uSimakade ubahambele abantu bakhe wabapha ukudla, wayeselungiselela ukusuka lapho nomalokazana bakhe. Wasuka endaweni ayehlala kuyo nomalokazana bakhe bobabili, bangena indlela bebuyela kwaJuda. UNawomi wathi komalokazana bakhe ababili: “Hambani nibuyele emuva, yilowo nalowo abuyele endlini kanina; sengathi uSimakade anganenzela umusa, njengalokhu nani nenzile kubayeni benu, nakimi. Sengathi uSimakade anganenza nifumane ukuphumula, yilowo nalowo emzini womyeni wakhe.” Wabe eseyabanga, base bedazuluka bekhala. Bathi kuye: “Qha, sizohamba nawe sibuyele nawe kubantu bakini!” UNawomi wabaphendula wathi: “Buyelani emuva madodakazi ami, nizohambelani nami, na? Asekhona yini amadodana ezibilini zami angaba ngabayeni benu, na? Buyelani emuva madodakazi ami, hambani, ngokuba sengimdala ukuba ngisengagana ngibe nomyeni. Noma ngabe belikhona ithemba lokuba ngingathola indoda ngilale nayo namhlanje ebusuku bese ngiyakhulelwa ngizale amadodana, beningawalinda yini akhule aze abe madala, na? Benizohlala ningagani ningabi nabayeni, na? Qha, madodakazi ami, owami umunyu mkhulu kakhulu kunowenu, ngokuba isandla sikaSimakade simelene nami.” Baphinda badazuluka bakhala; u-Orpha wamanga uninazala, kodwa uRuthi wanamathela kuye. UNawomi wathi kuye: “Uyabona ukuthi umnakwenu usephindele kwabakubo nakonkulunkulu bakhe, nawe mlandele ubuyele kwabakini.” URuthi wathi: “Musa ukungincenga ukuba ngikushiye ngibuyele emuva, ngingahambi nawe, ngokuba lapho uya khona ngiyakuya khona nami, nalapho uhlala khona ngiyakuhlala khona nami. Abantu bakini bayakuba ngabakithi, noNkulunkulu wakho uyakuba nguNkulunkulu wami. Lapho ufela khona, ngiyofela khona nami, ngingcwatshwe khona. USimakade akangiphe amandla kulesi sinqumo, angijezise ngokuphindiwe uma ngigudluka kuso; ngukufa kuphela okuyosehlukanisa.” UNawomi wabona ukuthi uzimisele ukuhamba naye, akabe esaqhubeka nokukhuluma. Bahamba-ke bobabili baze bayofika eBhethlehema. Kuthe sebefikile eBhethlehema, umuzi wonke wanyakaza ngokufika kwabo. Abantu base bethi: “Kungabe nguNawomi lona, na?” Wabaphendula wathi: “Ningangibizi ngoNawomi; ngibizeni ngoMara, ngokuba uSomandla ungenzele okubi. Ngahamba nginakho konke, kodwa uSimakade ungibuyise ngize. Pho ningibizelani ngoNawomi, lokhu uSimakade ufakazile wamelana nami, uSomandla wangenzela okubi, na?” UNawomi nomalokazana wakwakhe uRuthi babuyela kwelakubo besuka kwaMowabi. Bafika eBhethlehema ngesikhathi kuqala ukuvunwa kwebhali.

Dlulisela
Funda URuthe 1

URuthe 1:6-22 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Wayesesuka nawomalokazana bakhe ukuba abuye ezweni lakwaMowabi, ngokuba wayezwile ezweni lakwaMowabi ukuthi uJehova uhambele abantu bakhe ukuba abaphe ukudla. Waphuma endaweni lapho wayekhona, omalokazana bakhe benaye; bahamba ngendlela yokubuyela ezweni lakwaJuda. UNawomi wathi komalokazana bakhe ababili: “Hambani nibuyele, kube yilowo nalowo endlini kanina; uJehova makanenzele umusa, njengalokho nanenza kwabafileyo nakimi. UJehova makaninike ukuba nifumane ukuphumula, kube yilowo nalowo endlini yomyeni wakhe.” Wayesebanga, badazuluka, bakhala. Bathi kuye: “Hhayi! Kepha sobuyela nawe kubantu bakini!” Wayesethi uNawomi: “Buyani, madodakazi ami; nohambelani nami na? Ngisenamadodana ezibilinini zami ukuba abe ngabayeni benu na? Buyani, madodakazi ami, nihambe, ngokuba sengimdala ukuba ngibe nomyeni. Noma ngangithi nginethemba, noma ngingaba nendoda kulobu busuku, ngizale amadodana, beningawahlalela aze abe ngakhulileyo na? Beniyakuzivimbela ningabi namadoda na? Hhayi, madodakazi ami, kumunyu kimi ngenxa yenu, ngokuba isandla sikaJehova siphumele kimi.” Badazuluka, baphinda bakhala; u-Orpa wamanga uninazala, kepha uRuthe wanamathela kuye. Wathi: “Bheka, umnakwenu usebuyele kwabakubo nakunkulunkulu wakhe; buya nawe, umlandele umnakwenu.” Kepha uRuthe wathi: “Ungangincengi ukuba ngikushiye, ngibuye, ngingakulandeli, ngokuba lapho uya khona, ngiyakuya khona nami, nalapho uhlala khona, ngiyakuhlala khona nami; abantu bakho bayakuba ngabantu bami, uNkulunkulu wakho abe nguNkulunkulu wami. Lapho ufela khona, ngiyakufela khona nami, ngimbelwe khona; uJehova akenze njalo kimi, enezele futhi, ngokuba ngukufa kuphela okuyakusahlukanisa.” Esebonile ukuthi uzimisele ukuhamba naye, wayeka ukukhuluma kuye. Base behamba bobabili baze bafika eBetlehema. Kwathi sebefikile eBetlehema, wonke umuzi wanyakaziswa, bathi: “Lo unguNawomi na?” Wathi kubo: “Ningangibizi ngokuthi uNawomi;* ngibizeni ngokuthi uMara,* ngokuba uSomandla ungiphathe ngomunyu omkhulu. Ngahamba ngigcwele, uJehova ungibuyise ngize; ningibizelani ngokuthi uNawomi, lokhu uJehova efakazile ngami, uSomandla engenzele okubi, na?” Wabuya-ke uNawomi kanye noRuthe wakwaMowabi umalokazana wakhe owabuya ezweni lakwaMowabi, bafika eBetlehema ekuqaleni kokuvunwa kwebhali.*

Dlulisela
Funda URuthe 1

URuthe 1:6-22 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Wayeseqeda omalokazana bakhe ukubuya ezweni lakwaMowabi; ngokuba wezwa esezweni lakwaMowabi ukuthi uJehova uhambele abantu bakhe ngokubapha isinkwa. Wayesephuma endaweni lapho ayekhona, omalokazana bakhe ababili kanye naye; basuka babuyela ezweni lakwaJuda. UNawomi wathi komalokazana bakhe ababili: “Hambani nibuyele, kube yilowo nalowo endlini kanina; iNkosi inibonise okuhle, njengalokho nenza kwabafileyo nakimi. UJehova uyaninika ukuba nithole ukuphumula, kube yilowo nalowo endlini yendoda yakhe. Wabe esebanga; badazuluka bakhala. Bathi kuye: “Impela siyakubuyela nawe kubantu bakini.” Wathi uNawomi: “Buyelani, madodakazi ami, niyakuhamba nami ngani na?” Asekhona amadodana esizalweni sami ukuba abe ngabayeni benu na? Phendukani, madodakazi ami, nihambe; ngoba mina sengimdala kakhulu ukuthi ngingaba lendoda. Uma bengingathi: Nginethemba, uma nami ngingaba nendoda kulobu busuku, ngizale amadodana; Ubungahlala yini labo baze bakhule? ungakujabulela ukuba namadoda? Cha, madodakazi ami; ngoba kubuhlungu kakhulu kimi ngenxa yenu ukuthi isandla sikaJehova siphumele phezu kwami. Basebephakamisa izwi labo, bakhala futhi, u-Orpa wamanga uninazala; kodwa uRuthe wamgcina. Wathi: “Bheka, umnakwenu usebuyele kubantu bakubo nakonkulunkulu bakubo; buyela emuva ulandele umakoti wakho. URuthe wasesithi: Ungangincengi ukuthi ngikutshiye, ngibuye ngikulandele; ngokuba lapho uya khona, ngiyakuya khona nami; nalapho nilala khona, nami ngiyakulala khona; abantu bakini bayakuba ngabantu bami, noNkulunkulu wakho abe nguNkulunkulu wami. Lapho ufela khona, ngiyakufela khona nami, ngimbelwe khona; kanjalo uJehova uyakwenza kimi, futhi kube njalo, uma kuphela ukufa kusehlukanisa mina nawe. Lapho ebona ukuthi uzimisele ukuhamba naye, wayeka ukukhuluma naye. Base behamba bobabili baze bafika eBetlehema. Futhi lapho befika eBhetlehema, umuzi wonke waxokozela, wathi: Ingabe lo uNawomi? Wathi kubo: “Ningangibizi ngokuthi uNawomi; ngibizeni ngokuthi uMara, ngokuba uSomandla ungiphathe kumunyu kakhulu.” Ngaphuma ngigcwele, uJehova wangibuyisa ngize; ningibizelani ngokuthi nginguNawomi, lokhu uJehova efakaza ngami, nokuthi uSomandla ungicindezele na? Wayesebuya uNawomi, noRuthe wakwaMowabi, umalokazana wakhe, ababebuyile ezweni lakwaMowabi; bafika eBetlehema ekuqaleni kokuvunwa kwebhali.

Dlulisela
Funda URuthe 1