URuthe 1:3-18

URuthe 1:3-18 IsiZulu 2020 (ZUL20)

U-Elimelekhi, umyeni kaNawomi, wafela lapho; uNawomi wasala namadodana akhe amabili. Lawo madodana azithathela abafazi kwabesifazane bakwaMowabi, owokuqala kwakungu-Orpha owesibili kunguRuthi; bahlala nabo iminyaka ebalelwa eshumini. Bobabili oMahaloni noKhiliyoni bafa. UNawomi wayesefelwe ngumyeni wakhe namadodana akhe omabili. Kuthe eselapho kwaMowabi, uNawomi wezwa ukuthi uSimakade ubahambele abantu bakhe wabapha ukudla, wayeselungiselela ukusuka lapho nomalokazana bakhe. Wasuka endaweni ayehlala kuyo nomalokazana bakhe bobabili, bangena indlela bebuyela kwaJuda. UNawomi wathi komalokazana bakhe ababili: “Hambani nibuyele emuva, yilowo nalowo abuyele endlini kanina; sengathi uSimakade anganenzela umusa, njengalokhu nani nenzile kubayeni benu, nakimi. Sengathi uSimakade anganenza nifumane ukuphumula, yilowo nalowo emzini womyeni wakhe.” Wabe eseyabanga, base bedazuluka bekhala. Bathi kuye: “Qha, sizohamba nawe sibuyele nawe kubantu bakini!” UNawomi wabaphendula wathi: “Buyelani emuva madodakazi ami, nizohambelani nami, na? Asekhona yini amadodana ezibilini zami angaba ngabayeni benu, na? Buyelani emuva madodakazi ami, hambani, ngokuba sengimdala ukuba ngisengagana ngibe nomyeni. Noma ngabe belikhona ithemba lokuba ngingathola indoda ngilale nayo namhlanje ebusuku bese ngiyakhulelwa ngizale amadodana, beningawalinda yini akhule aze abe madala, na? Benizohlala ningagani ningabi nabayeni, na? Qha, madodakazi ami, owami umunyu mkhulu kakhulu kunowenu, ngokuba isandla sikaSimakade simelene nami.” Baphinda badazuluka bakhala; u-Orpha wamanga uninazala, kodwa uRuthi wanamathela kuye. UNawomi wathi kuye: “Uyabona ukuthi umnakwenu usephindele kwabakubo nakonkulunkulu bakhe, nawe mlandele ubuyele kwabakini.” URuthi wathi: “Musa ukungincenga ukuba ngikushiye ngibuyele emuva, ngingahambi nawe, ngokuba lapho uya khona ngiyakuya khona nami, nalapho uhlala khona ngiyakuhlala khona nami. Abantu bakini bayakuba ngabakithi, noNkulunkulu wakho uyakuba nguNkulunkulu wami. Lapho ufela khona, ngiyofela khona nami, ngingcwatshwe khona. USimakade akangiphe amandla kulesi sinqumo, angijezise ngokuphindiwe uma ngigudluka kuso; ngukufa kuphela okuyosehlukanisa.” UNawomi wabona ukuthi uzimisele ukuhamba naye, akabe esaqhubeka nokukhuluma.

Dlulisela
Funda URuthe 1

URuthe 1:3-18 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

U-Elimeleki umyeni kaNawomi wafa; kepha yena wasala namadodana akhe amabili. Azithathela abafazi kwabesifazane bakwaMowabi; igama lomunye lalingu-Orpa, igama lomunye lalinguRuthe; bahlala khona kwangathi iminyaka eyishumi. OMahaloni noKiliyoni bafa bobabili; owesifazane washiywa-ke ngabantwana bakhe ababili nangumyeni wakhe. Wayesesuka nawomalokazana bakhe ukuba abuye ezweni lakwaMowabi, ngokuba wayezwile ezweni lakwaMowabi ukuthi uJehova uhambele abantu bakhe ukuba abaphe ukudla. Waphuma endaweni lapho wayekhona, omalokazana bakhe benaye; bahamba ngendlela yokubuyela ezweni lakwaJuda. UNawomi wathi komalokazana bakhe ababili: “Hambani nibuyele, kube yilowo nalowo endlini kanina; uJehova makanenzele umusa, njengalokho nanenza kwabafileyo nakimi. UJehova makaninike ukuba nifumane ukuphumula, kube yilowo nalowo endlini yomyeni wakhe.” Wayesebanga, badazuluka, bakhala. Bathi kuye: “Hhayi! Kepha sobuyela nawe kubantu bakini!” Wayesethi uNawomi: “Buyani, madodakazi ami; nohambelani nami na? Ngisenamadodana ezibilinini zami ukuba abe ngabayeni benu na? Buyani, madodakazi ami, nihambe, ngokuba sengimdala ukuba ngibe nomyeni. Noma ngangithi nginethemba, noma ngingaba nendoda kulobu busuku, ngizale amadodana, beningawahlalela aze abe ngakhulileyo na? Beniyakuzivimbela ningabi namadoda na? Hhayi, madodakazi ami, kumunyu kimi ngenxa yenu, ngokuba isandla sikaJehova siphumele kimi.” Badazuluka, baphinda bakhala; u-Orpa wamanga uninazala, kepha uRuthe wanamathela kuye. Wathi: “Bheka, umnakwenu usebuyele kwabakubo nakunkulunkulu wakhe; buya nawe, umlandele umnakwenu.” Kepha uRuthe wathi: “Ungangincengi ukuba ngikushiye, ngibuye, ngingakulandeli, ngokuba lapho uya khona, ngiyakuya khona nami, nalapho uhlala khona, ngiyakuhlala khona nami; abantu bakho bayakuba ngabantu bami, uNkulunkulu wakho abe nguNkulunkulu wami. Lapho ufela khona, ngiyakufela khona nami, ngimbelwe khona; uJehova akenze njalo kimi, enezele futhi, ngokuba ngukufa kuphela okuyakusahlukanisa.” Esebonile ukuthi uzimisele ukuhamba naye, wayeka ukukhuluma kuye.

Dlulisela
Funda URuthe 1

URuthe 1:3-18 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Wafa u-Elimeleki, umyeni kaNawomi; wasala namadodana akhe amabili. Base bazithathela abafazi kwabesifazane bakwaMowabi; igama lomunye lalingu-Orpa, igama lomunye lalinguRuthe; bahlala khona cishe iminyaka eyishumi. OMahaloni noKiliyoni bafa bobabili; owesifazane wasala namadodana akhe amabili nomyeni wakhe. Wayeseqeda omalokazana bakhe ukubuya ezweni lakwaMowabi; ngokuba wezwa esezweni lakwaMowabi ukuthi uJehova uhambele abantu bakhe ngokubapha isinkwa. Wayesephuma endaweni lapho ayekhona, omalokazana bakhe ababili kanye naye; basuka babuyela ezweni lakwaJuda. UNawomi wathi komalokazana bakhe ababili: “Hambani nibuyele, kube yilowo nalowo endlini kanina; iNkosi inibonise okuhle, njengalokho nenza kwabafileyo nakimi. UJehova uyaninika ukuba nithole ukuphumula, kube yilowo nalowo endlini yendoda yakhe. Wabe esebanga; badazuluka bakhala. Bathi kuye: “Impela siyakubuyela nawe kubantu bakini.” Wathi uNawomi: “Buyelani, madodakazi ami, niyakuhamba nami ngani na?” Asekhona amadodana esizalweni sami ukuba abe ngabayeni benu na? Phendukani, madodakazi ami, nihambe; ngoba mina sengimdala kakhulu ukuthi ngingaba lendoda. Uma bengingathi: Nginethemba, uma nami ngingaba nendoda kulobu busuku, ngizale amadodana; Ubungahlala yini labo baze bakhule? ungakujabulela ukuba namadoda? Cha, madodakazi ami; ngoba kubuhlungu kakhulu kimi ngenxa yenu ukuthi isandla sikaJehova siphumele phezu kwami. Basebephakamisa izwi labo, bakhala futhi, u-Orpa wamanga uninazala; kodwa uRuthe wamgcina. Wathi: “Bheka, umnakwenu usebuyele kubantu bakubo nakonkulunkulu bakubo; buyela emuva ulandele umakoti wakho. URuthe wasesithi: Ungangincengi ukuthi ngikutshiye, ngibuye ngikulandele; ngokuba lapho uya khona, ngiyakuya khona nami; nalapho nilala khona, nami ngiyakulala khona; abantu bakini bayakuba ngabantu bami, noNkulunkulu wakho abe nguNkulunkulu wami. Lapho ufela khona, ngiyakufela khona nami, ngimbelwe khona; kanjalo uJehova uyakwenza kimi, futhi kube njalo, uma kuphela ukufa kusehlukanisa mina nawe. Lapho ebona ukuthi uzimisele ukuhamba naye, wayeka ukukhuluma naye.

Dlulisela
Funda URuthe 1

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo