URuthe 1:1-5
URuthe 1:1-5 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngezinsuku lapho kusaphethe abehluleli, kwaba khona indlala enkulu ezweni. Indoda ethile yaseBhethlehema kwaJuda nomkayo namadodana ayo amabili, basuka bayohlala kwaMowabi. Igama laleyo ndoda kwakungu-Elimelekhi, umkayo kunguNawomi, amadodana ayo amabili kunguMahaloni noKhiliyoni; babengama-Efratha aseBhethlehema kwaJuda. Bafika kwaMowabi bahlala khona. U-Elimelekhi, umyeni kaNawomi, wafela lapho; uNawomi wasala namadodana akhe amabili. Lawo madodana azithathela abafazi kwabesifazane bakwaMowabi, owokuqala kwakungu-Orpha owesibili kunguRuthi; bahlala nabo iminyaka ebalelwa eshumini. Bobabili oMahaloni noKhiliyoni bafa. UNawomi wayesefelwe ngumyeni wakhe namadodana akhe omabili.
URuthe 1:1-5 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwathi emihleni abahlulela ngayo abahluleli kwaba khona indlala ezweni. Umuntu othile waseBetlehema Juda waya ukuyohlala ezweni lakwaMowabi, yena nomkakhe, namadodana akhe amabili. Igama lalowo muntu lalingu-Elimeleki, igama lomkakhe lalinguNawomi, amagama amadodana akhe amabili ayengoMahaloni noKiliyoni; babe ngama-Efratha aseBetlehema Juda. Bafika ezweni lakwaMowabi, bahlala khona. U-Elimeleki umyeni kaNawomi wafa; kepha yena wasala namadodana akhe amabili. Azithathela abafazi kwabesifazane bakwaMowabi; igama lomunye lalingu-Orpa, igama lomunye lalinguRuthe; bahlala khona kwangathi iminyaka eyishumi. OMahaloni noKiliyoni bafa bobabili; owesifazane washiywa-ke ngabantwana bakhe ababili nangumyeni wakhe.
URuthe 1:1-5 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kwasekusithi emihleni yokubusa kwabahluleli, kwaba khona indlala elizweni; Indoda ethile yaseBetlehema Juda yahamba yagogobala ezweni lakwaMowabi, yona nomkayo namadodana akhe amabili. Igama lalowo muntu lalingu-Elimeleki, igama lomkakhe lalinguNawomi, namagama amadodana akhe amabili ayengoMagiloni noKiliyoni, ama-Efrata aseBetlehema Juda. Bafika ezweni lakwaMowabi, bahlala khona. Wafa u-Elimeleki, umyeni kaNawomi; wasala namadodana akhe amabili. Base bazithathela abafazi kwabesifazane bakwaMowabi; igama lomunye lalingu-Orpa, igama lomunye lalinguRuthe; bahlala khona cishe iminyaka eyishumi. OMahaloni noKiliyoni bafa bobabili; owesifazane wasala namadodana akhe amabili nomyeni wakhe.