KwabaseRoma 8:31-34
KwabaseRoma 8:31-34 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Sesiyakuthini ngalokho na? Uma uNkulunkulu emi ngakithi, ngubani ongamelana nathi na? Yena ongayigodlanga eyakhe iNdodana, kodwa wayinikela ngenxa yethu sonke. Kungaba kanjani pho, ukuba angasiphi konke kanye nayo na? Ngubani oyakumangalela abakhethiweyo bakaNkulunkulu na? UNkulunkulu ungolungisisayo. Kanti ngubani ozakulahla ngecala na? NguKhristu uJesu owafayo, yebo owavuswa kwabafileyo, ongakwesokunene sikaNkulunkulu, nguYena osinxuselayo.
KwabaseRoma 8:31-34 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Pho siyakuthini ngalezi zinto na? Uma uNkulunkulu engakithi, ngubani ongamelana nathi na? Yena ongayigodlanga eyakhe iNdodana, kepha wayinikela ngenxa yethu sonke, uyakuba kanjani ukuba angasiphi ngesihle kanye nayo na? Ngubani oyakumangalela abakhethiweyo bakaNkulunkulu na? nguNkulunkulu olungisisayo. Ngubani olahlayo? NguKristu owafa, yebo, kakhulu owavuswa kwabafileyo, ongakwesokunene sikaNkulunkulu, osinxuselayo.
KwabaseRoma 8:31-34 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Sesiyakuthini ngalokho na? Uma uNkulunkulu emi ngakithi, ngubani ongamelana nathi na? Yena ongayigodlanga eyakhe iNdodana, kepha wayinikela ngenxa yethu sonke, kungaba kanjani ukuba angasiphi konke kanye nayo na? Ngubani ozakumangalela abakhethiweyo bakaNkulunkulu na? UNkulunkulu ungolungisisayo; ngubani olahlayo na? UKristu Jesu owafayo, yebo impela, owavuswa kwabafileyo, ongakwesokunene sikaNkulunkulu, nguyena osinxuselayo.
KwabaseRoma 8:31-34 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)