KwabaseRoma 2:12-15
KwabaseRoma 2:12-15 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngokuba bonke abonile bengenamthetho, bayakubhubha kanjalo bengenamthetho; Ngokuba akusibo abezwa umthetho abalungile phambi kukaNkulunkulu, kepha abenza umthetho yibona abayakulungisiswa. Ngoba nxa abezizwe abangenawo umlayo benza ngokwemvelo okungokomlayo, laba, bengenawo umlayo, bangumlayo wabo ngokwabo; ababonakalisa umsebenzi womthetho olotshiwe ezinhliziyweni zabo, unembeza wabo ufakaza futhi, nemicabango yabo isolana noma ithethelelana
KwabaseRoma 2:12-15 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Phela bonke abonileyo bengenamthetho, bayakubhubha bengenamthetho; kepha bonke abonileyo benomthetho, bayakwehlulelwa ngomthetho. Ngokuba akusibo abezwa umthetho abangabalungileyo phambi kukaNkulunkulu, kodwa labo abawenzayo umthetho, yibona abayakulungisiswa. Ngokuba uma abezizwe ababengenawo umthetho ngokwemvelo, benza okomthetho, labo abangenamthetho, bangumthetho ngokwabo, bayabonakalisa ukuthi lokho okungumsebenzi womthetho kulotshiwe ezihliziyweni zabo, nonembeza wabo uyafakaza ngalokho, futhi nemicabango yabo iyakubamangalela noma ibavune
KwabaseRoma 2:12-15 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngokuba bonke abonileyo bengenamthetho bayakubhubha bengenamthetho; kepha bonke abonileyo benomthetho bayakwahlulelwa ngomthetho; ngokuba akusibo abezwayo umthetho abangabalungile phambi kukaNkulunkulu, kepha abenzayo umthetho yibona abayakulungisiswa. Ngokuba nxa abezizwe abangenawo umthetho ngokwemvelo benza okomthetho, laba, bengenawo umthetho, bangumthetho wabo ngokwabo, babonakalisa ukuthi umsebenzi womthetho ulotshiwe ezinhliziyweni zabo, nonembeza wabo uyafakaza naye, imicabango yabo imangalelana noma ivunana
KwabaseRoma 2:12-15 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)