KwabaseRoma 2:1-4
KwabaseRoma 2:1-4 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngakho awunakuzilandulela, wena muntu, noma ungubani owahlulelayo; ngokuba ngalokho owahlulela ngakho omunye, uyazilahla wena; ngoba wena owahlulelayo uyakwenza okufanayo. Kodwa siyazi ukuthi ukwahlulela kukaNkulunkulu kungokweqiniso kulabo abenza izinto ezinjalo. Ucabanga ukuthi wena muntu, owahlulela abenza izinto ezinjalo, nawe uzenza nazo, ucabanga ukuthi uyakubalekela ukwahlulela kukaNkulunkulu na? Noma udelela ingcebo yobubele bakhe nokubekezela nokubekezela kwakhe; ungazi ukuthi umusa kaNkulunkulu ukuyisa ekuphendukeni na?
KwabaseRoma 2:1-4 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngakho-ke awunakuzilandulela wena muntu owehlulelayo, noma ngabe ungubani, ngokuba ngalokho owehlulela ngakho omunye, uzehlulela wena; ngokuba zona lezo zinto obehlulela ngazo, ingani wena kanye uyakwenza khona lokho. Kepha siyazi ukuthi ukwehlulela kukaNkulunkulu kungokweqiniso kulabo abenza izinto ezinjalo. Ngabe ucabanga wena muntu ukuthi ngokwehlulela labo abenza lezi zinto nawe ozenzayo, uyakuphepha yini ekwehluleleni kukaNkulunkulu na? Kumbe uyayidelela yini ingcebo yobumnene bakhe, neyokubekezela, kungakukhanyeli ukuthi ubumnene bukaNkulunkulu bukuholela ekuphendukeni na?
KwabaseRoma 2:1-4 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngakho awunakuzilandulela wena muntu, noma ungubani owahlulelayo, ngokuba ngalokho owahlulela ngakho omunye uyazilahla wena, ngokuba wena owahlulelayo uyakwenza khona lokho nawe. Siyazi ukuthi ukwahlulela kukaNkulunkulu ngokweqiniso kubehlela abenza okunjalo. Ucabanga lokho yini wena muntu owahlulela abenza okunjalo, ubukwenza nawe, ukuthi uyakubalekela ukwahlulela kukaNkulunkulu na? Kumbe uyayidelela yini ingcebo yobumnene, neyokubekezela, neyenyewe yakhe, ungazi ukuthi ubumnene bukaNkulunkulu bukuyisa ekuphendukeni na?
KwabaseRoma 2:1-4 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)