KwabaseRoma 15:14-33
KwabaseRoma 15:14-33 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Nami-ke ngiyaqiniseka ngani, bazalwane bami, ukuthi nani nigcwele ukulunga, nigcwaliswe ngokwazi konke, ninamandla futhi nokuyalana. Nokho, bazalwane, nginilobele ngesibindi esikhulu ngandlela-thile, kungathi ngiyanikhumbuza, ngenxa yomusa engiwuphiweyo nguNkulunkulu; ukuze ngibe yisikhonzi sikaJesu Kristu kwabezizwe, ngikhonze ivangeli likaNkulunkulu, ukuze umnikelo kwabezizwe wamukeleke, ungcwelisiwe ngoMoya oNgcwele. Ngakho nginokuzibonga ngoKristu Jesu ezintweni ezikaNkulunkulu. Ngoba kangiyikuba lesibindi sokukhuluma laluthouluthouluthouluthouKristu angasebenzangangami, ukuthi enze abezizwe balalele, ngelizwi langesenzo; ngezibonakaliso zamandla lezimangaliso, ngamandla kaMoya kaNkulunkulu; kangangokuthi kusukela eJerusalema nangazungeza kuze kufike e-Iliriku ngishumayele ngokugcwele ivangeli likaKristu. Yebo, ngokunjalo ngazama ukushumayela ivangeli, kungeyisikho lapho uKristu abizwa khona, ukuze ngingakhi phezu kwesisekelo somunye; Kodwa kunjengokulotshiweyo ukuthi: Lalabo okungakhulunywanga ngabo, bazabona, labangazwanga bazaqedisisa. Kungakho-ke ngabanjelwa kakhulu ukuza kini. Kodwa manje sengingasenayo indawo kulezo zindawo, futhi sekuyiminyaka eminingi ngifisa kakhulu ukuza kini; Njalo nxa ngizakuya eSpaniya, ngizakuza kini; Kepha manje ngiya eJerusalema ngiyokhonza abangcwele. Ngokuba kwaba kuhle kwabaseMakedoniya nabase-Akhaya ukunikela okuthile kwabampofu abangcwele baseJerusalema. Kubathokozisile impela; futhi banecala kubo. Ngokuba uma abezizwe behlanganyela nabo ezintweni zabo zokomoya, kungumsebenzi wabo nokubakhonza ezintweni zenyama. Ngakho nxa sengikufezile lokho, sengibaphawulele lesi sithelo, ngizakudlula ngakini ngiye eSpaniya. Kodwa ngiyazi ukuthi nxa ngiza kini, ngizakuza ngilesibusiso esigcweleyo sevangeli likaKristu. Kepha ngiyanincenga, bazalwane, ngenxa yeNkosi uJesu Kristu, nangenxa yothando lukaMoya, ukuba nikhuthale kanye nami emikhulekweni yenu kuNkulunkulu ngenxa yami; ukuze ngikhululwe kwabangakholwayo eJudiya; nokuba inkonzo yami engiseJerusalema yamukelwe ngabangcwele; ukuze ngize kini ngentokozo ngentando kaNkulunkulu, ngiqabuleke kanye nani. UNkulunkulu wokuthula makabe nani nonke. Amen.
KwabaseRoma 15:14-33 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kepha nami bazalwane bami, nginesiqiniseko ngani ukuthi nani uqobo nigcwele ukulunga, nigcwalisiwe ngalo lonke ulwazi, futhi ninamandla okuyalana. Nokho nginilobela kokunye ngesibindi ukuze nginikhumbuze ngenxa yomusa engiwuphiwe nguNkulunkulu, ukuze ngibe yisikhonzi sikaKhristu uJesu kwabezizwe, ngikhonze ivangeli likaNkulunkulu emsebenzini ongcwele, ukuze abezizwe babe ngumnikelo owamukelekayo, sebengcweliswe nguMoya oNgcwele. Ngakho-ke ngiyazigabisa kuKhristu uJesu mayelana nokukaNkulunkulu, ngokuba anginakuba nasibindi sokusho utho ngaphandle kwezinto uKhristu azenze ngami, kube ngukulalela kwabezizwe, ngezwi nangezenzo, ngamandla ezibonakaliso nezimangaliso, ngamandla kaMoya kaNkulunkulu, njengokuba ngasuka eJerusalema, ngazungeza izwe ngaze ngafika e-Ilirikhu, ngishumayela ivangeli likaKhristu ngokupheleleyo. Ngokwenza kanjalo ngangihlose ukushumayela lapho uKhristu ayengakaziwa khona, ukuze ngingakhi phezu kwesisekelo somunye. Kepha njengalokhu kulotshiwe ukuthi: “Abangatshelwanga ngaye, bayakubona; nabangezwanga, bayakuqonda.” Ngenxa yalokho, ngathiyeka kaningi ukuba ngize kini. Kepha manje, njengokuba ngingasenayo indawo kula mazwe, futhi sekuyiminyaka eminingi ngilangazelela ukuza kini, ngiyokuza ngesikhathi ngiya eSpaniya. Ngokuba ngiyethemba ukuthi ekwedluleni kwami, ngizakunibona, bese nina ningiphelezela nxa senganelisekile ukuhlala nani. Kepha okwamanje ngisaya eJerusalema ukuyokhonza abangcwele. Ngokuba kwaba kuhle kwabaseMakhedoniya nabase-Akhaya ukuba banikelele abampofu okuthile kwabangcwele baseJerusalema. Lokho kwabajabulisa; phela kwakudingekile ngempela ukuba benze kanjalo. Ngokuba uma abezizwe behlanganyela nabo ezintweni zabo zokomoya, nabo kufanele ukuba babakhonze ngezinto eziphathekayo. Ngakho nxa sengikufezile lokho, ngabeka leso sithelo esandleni sabo, ngizakuhamba, ngidlule kini, ngiye eSpaniya. Ngiyazi ukuthi lapho ngiza kini, ngizakufika nokugcwala kwesibusiso sikaKhristu. Ngiyanincenga manje, bazalwane, ngenxa yeNkosi yethu uJesu Khristu nangenxa yothando lukaMoya, ukuba nibambisane nami ekungikhulekeleni kuNkulunkulu, ukuze ngiphephe engozini kulabo abangakholwayo baseJudiya nokuba inkonzo yami eJerusalema yamukeleke kwabangcwele, nokuthi ngize ngifike kini ngokuthokoza, ngentando kaNkulunkulu, ngiphumule kanye nani. UNkulunkulu wokuthula makabe nani nonke. Amen.
KwabaseRoma 15:14-33 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kepha nami ngokwami nganelisiwe ngani bazalwane bami ukuthi nanigcwele ukuva, nigcwalisiwe ngokwazi konke, ninamandla futhi okuyalana. Kepha nginilobele kokunye ngesibindi njengonikhumbuzayo futhi ngenxa yomusa engiwuphiwe nguNkulunkulu wokuba ngibe yisikhonzi sikaKristu Jesu kwabezizwe, ngikhonze ivangeli likaNkulunkulu njengompristi, ukuze abezizwe babe ngumnikelo owamukeleka kahle, ungcwelisiwe ngoMoya oNgcwele. Ngalokho nginokuzibonga kuKristu Jesu maqondana nokukaNkulunkulu, ngokuba angiyikuba nasibindi sokukhuluma lutho ngaphandle kwezinto uKristu azisebenza ngami, kube ngukulalela kwabezizwe, ngezwi nangesenzo, ngamandla ezibonakaliso nezimangaliso, ngamandla kaMoya oNgcwele, njengokuba ngasuka eJerusalema, ngazungeza ngaze ngafika e-Iliriku, ngishumayela ivangeli likaKristu ngokupheleleyo. Kanjalo ngangihlose ukushumayela ivangeli kungabi lapho uKristu waziwa khona, ukuze ngingakhi phezu kwesisekelo somunye, kodwa njengalokho kulotshiwe ukuthi: “Abangabikelwanga ngaye bayakubona, nabangezwanga bayakuqonda.” Ngenxa yalokho ngathiyeka kaningi ukuza kini; kepha manje, lokhu ngingasenandawo kulawa mazwe, futhi sekuyiminyaka eminingi ngilangazelela ukuza kini, ngiyakuza nxa ngiya eSpaniya; ngokuba ngiyethemba ukuthi ekudluleni kwami ngizakunibona, ngikhashwe yinina, nxa ngiya khona, uma sengike nganeliswa yinina; kepha manje ngisaya eJerusalema ngiyokhonza abangcwele. Ngokuba kwaba kuhle kwabaseMakedoniya nabase-Akhaya ukwenzela abampofu kwabangcwele baseJerusalema umnikelo othile. Kwaba kuhle, ngokuba nembala banecala kubo; ngokuba uma abezizwe behlanganyela nabo ezintweni zabo zokomoya, banecala futhi lokubakhonza ngezokwenyama. Ngakho nxa sengikufezile lokho, ngabeka leso sithelo esandleni sabo, ngizakuhamba, ngidlule ngakini, ngiye eSpaniya; kepha ngiyazi ukuthi nxa ngifika kini, ngizakuza nokugcwala kwesibusiso sikaKristu. Ngiyanincenga, bazalwane, ngenxa yeNkosi yethu uJesu Kristu nangenxa yothando lukaMoya ukuba nilwe kanye nami ekungikhulekeleni kuNkulunkulu, ukuze ngihlanguliswe kwabangakholwayo baseJudiya nokuba lokho engikhonza ngakho eJerusalema kwamukeleke kahle kwabangcwele, ukuba ngize kini ngokuthokoza, ngentando kaNkulunkulu, ngiphumule kanye nani. UNkulunkulu wokuthula makabe nani nonke. Amen.
KwabaseRoma 15:14-33 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)