KwabaseRoma 1:18-32

KwabaseRoma 1:18-32 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Ngokuba ulaka lukaNkulunkulu luyabonakaliswa luvela ezulwini phezu kwakho konke ukungamesabi uNkulunkulu nokungalungi kwabantu abaphatha iqiniso ngokungalungi; Ngokuba lokho okwaziwayo ngoNkulunkulu kusobala kubo; ngoba uNkulunkulu ukubonakalisile kubo. Ngokuba okungabonwayo kwakhe, amandla akhe aphakade nobuNkulunkulu bakhe kubonakala kwasekudalweni kwezwe, kuqondakala ngezenzo zakhe; ukuze bangabi lezaba; Ngokuba sebemazi uNkulunkulu, kabamdumisanga njengoNkulunkulu, kababonganga; kodwa baba yize emicabangweni yabo, nenhliziyo yabo ewubuwula yaba mnyama. Bezishaya abahlakaniphileyo baba yiziwula; Futhi baguqula inkazimulo kaNkulunkulu ongabhubhiyo yaba ngumfanekiso womuntu obhubhayo, nezinyoni, nezilwane ezinezinyawo ezine, nezilwanyana ezinwabuzelayo. Ngakho-ke uNkulunkulu wabanikela ezinkanukweni zezinhliziyo zabo ekungcoleni, bahlazisane imizimba yabo phakathi kwabo; abaguqule iqiniso likaNkulunkulu libe ngamanga, bakhuleka, bakhonza okudaliweyo kunoMdali obongekayo kuze kube phakade. Amen. Ngalokho uNkulunkulu wabanikela ekuhuhukeni okuyichilo, ngokuba nabesifazane babo baguqula ukwenza kwemvelo kwaba ngokuphambene nemvelo; Kanjalo namadoda ayeyeka ukwenza kwemvelo kowesifazane, asha ngokukhanukelana; abesilisa benza okuyichilo namadoda, bezuza kubo imbuyiselo efanele yokuduka kwabo. Nanjengalokho bengathandanga ukuba nokwazi uNkulunkulu, uNkulunkulu wabanikela engqondweni eyonakeleyo, ukuba benze okungafanele; begcwele konke ukungalungi, ukukhohlakala, ukufisa, ububi; begcwele umona, ukubulala, ukuphikisana, inkohliso, ubuxhwanguxhwangu; abahlebezi, nabahlebayo, abazonda uNkulunkulu, abadelelayo, nabazidlayo, nabazidlayo, nabaqambi bokubi, nabangalaleli abazali, abangenakuqonda, abephula isivumelwano, abangenalo uthando lwemvelo, abangenabubele, abangenasihawu; Abathi besazi ukwahlulela kukaNkulunkulu, ukuthi abenza okunjalo bafanele ukufa, abakwenzi lokho kuphela, kodwa bathokozela abakwenzayo.

KwabaseRoma 1:18-32 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

KwabaseRoma 1:18-32 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Ngokuba intukuthelo kaNkulunkulu yambuliwe, ivela ezulwini, phezu kwakho konke ukungamesabi uNkulunkulu nokungalungi kwabantu abathiya iqiniso ngokungalungi kwabo; ngokuba lokho okwazeka ngokusobala ngoNkulunkulu kwambuliwe kwaba sobala kubo, ngokuba uNkulunkulu ukwambulile kubo. Ngokuba selokhu kwadabuka umhlaba, amandla akhe aphakade nobuNkulunkulu bakhe, nakuba kungabonakali, kwambuliwe kwaba sobala ezintweni ezidaliweyo; ngakho-ke abanazaba zokuzilandulela. Ngokuba kuthe bemazi uNkulunkulu, kabaze bamdumisa noma bambonge njengoNkulunkulu, kodwa balutheka ekucabangeni kwabo, ingqondo yabo nenhliziyo yabo yafiphazwa. Bezitshela ukuthi bahlakaniphile, baba yiziwula, baguqula inkazimulo kaNkulunkulu ongabhubhiyo ukuba ifane nomfanekiso womuntu obhubhayo, owezinyoni, nowezilwane ezinezinyawo ezine nezinwabuzelayo. Ngakho-ke uNkulunkulu wabanikela ezinkanukweni zezinhliziyo zabo ukuba baqhubeke ekungcoleni, bathela ngehlazo imizimba yabo. Baguqula iqiniso likaNkulunkulu, balenza amanga, badumisa futhi bakhonza okudaliweyo kunoMdali odumisekayo kuze kube phakade. Amen. Ngenxa yalokho, uNkulunkulu wabanikela ezinkanukweni eziyihlazo; ngokuba ngisho nabesifazane babo baguqula ukwenza kwemvelo, kwaba ngokuphambene nemvelo. Kanjalo nabesilisa, bayeka ukwenza kwemvelo kowesifazane, basha ukukhanukelana bodwa. Abesilisa benza okuyichilo kwabesilisa, bazitholela umvuzo ofanele ukuduka kwabo. Njengalokhu benqaba ukukubona, kuyinto enhle ukumazi uNkulunkulu, uNkulunkulu wabayekela ekungaqondini kwabo ukwenza okungemukelekile. Bagcwele konke ukungalungi; ukonakala, umhobholo nobubi; begcwele umhawu, ukubulala, ukuphikisana, inkohliso, ubuqili nokuhleba. Banyembenya abanye, bazonda uNkulunkulu; bayizidlova, bayazidla, bayazigabisa, bangabaqambi bokubi, nabangabalaleli abazali; abanangqondo, abathembekile, abanaluthando, futhi abanasihe. Bathi nakuba bezazi izimiso ezilungileyo zikaNkulunkulu zokuthi abenza lezi zinto bafanele ukufa, kabagcinanga nje ngokuzenza, kodwa babuye bavuna labo abazenzayo.

KwabaseRoma 1:18-32 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Ngokuba intukuthelo kaNkulunkulu yambulwa ivela ezulwini phezu kwakho konke ukungamesabi uNkulunkulu nokungalungi kwabantu abathiya iqiniso ngokungalungi, ngokuba lokho okwazekayo ngoNkulunkulu kusobala phakathi kwabo; ngokuba uNkulunkulu ukubonakalisile kubo. Ngokuba okungabonwayo kwakhe, kuthi amandla akhe aphakade nobuNkulunkulu bakhe kubonakala kwasekudalweni kwezwe, ngokuba kuqondakala ngezenzo zakhe, ukuze bangabi nakuzilandulela, ngokuba kuthe bemazi uNkulunkulu, kabamdumisanga, kabambonganga njengoNkulunkulu, kodwa balutheka ekuzindleni kwabo; inhliziyo yabo engaqondiyo yaba mnyama. Bezisho ukuthi bahlakaniphile baba yiziwula, nenkazimulo kaNkulunkulu ongabhubhiyo bayiguqula ifane nomfanekiso womuntu obhubhayo, owezinyoni, nowezilwane ezinezinyawo ezine nezinwabuzelayo. Ngalokho uNkulunkulu wabanikela ezinkanukweni zezinhliziyo zabo kukho ukungcola, bahlazisane imizimba yabo, baguqule iqiniso likaNkulunkulu, balenza amanga; bahlonipha, bakhonza okudaliweyo kunoMdali ongobongekayo kuze kube phakade. Amen. Ngenxa yalokho uNkulunkulu wabanikela ekuhuhekeni okuyihlazo; ngokuba abesifazane babo baguqula ukwenza okwemvelo kwaba ngokuphambene nemvelo; ngokunjalo nabesilisa bayeka ukwenza kwemvelo kowesifazane, basha ngokukhanukelana, abesilisa benza okuyichilo kwabesilisa, bezitholela umvuzo ofanele ukuduka kwabo. Nanjengalokho bengakunakanga ukumazi uNkulunkulu, uNkulunkulu wabanikela engqondweni yokunganaki ukwenza okungafanele, begcwele konke ukungalungi, nokonakala, nesangabe, nobubi; begcwele umhawu, nokubulala, nokuphikisana, nenkohliso, nobuqili, nokuhleba; beyizinyevuzi, nabazonda uNkulunkulu, nezidlova, nabazidlayo, nabazigabisayo, nabaqambi bokubi, nabangalaleli abazali, nabangenangqondo, nabangathembekile, nabangenaluthando, nabangenasihawu, abathi besazi isimiso sokulunga sikaNkulunkulu sokuthi abenza okunjalo bafanele ukufa, abenzi lokho kuphela, kodwa babuye bavumelana nabakwenzayo.