KwabaseRoma 1:1-17

KwabaseRoma 1:1-17 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

UPawulu, inceku kaJesu Kristu, owabizelwa ukuba ngumphostoli, owahlukaniselwa ivangeli likaNkulunkulu, (ayayithembisa ngaphambili ngabaprofethi bakhe emibhalweni engcwele,) Mayelana neNdodana yakhe uJesu Kristu iNkosi yethu, owavela enzalweni kaDavide ngokwenyama; futhi yabonakaliswa ukuthi iyiNdodana kaNkulunkulu ngamandla, ngomoya wobungcwele, ngokuvuka kwabafileyo; esamukele ngaye umusa nobuphostoli, kube ngukulalela ekukholweni phakathi kwezizwe zonke ngenxa yegama lakhe; eliphakathi kwabo lani ababiziweyo bakaJesu Kristu; kubo bonke abaseRoma, abathandekayo bakaNkulunkulu, ababizelwe ukuba ngabangcwele: Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu. Kuqala, ngibonga uNkulunkulu wami ngoJesu Kristu ngani nonke, ngokuba ukukholwa kwenu kukhulunywa ngakho emhlabeni wonke. Ngokuba uNkulunkulu engimkhonza ngomoya wami evangelini leNdodana yakhe ungufakazi wami wokuthi angiphezi ukunikhumbula emikhulekweni yami; ngincenga ukuthi, mhlawumbe mhlawumbe khathesi ngiphumelele uhambo oluphumelelayo ngentando kaNkulunkulu, lokuza kini. Ngokuba ngilangazelela ukunibona, ukuze nginabele isipho esithile somoya, ukuze niqiniswe; okuyikuthi ngiduduzeke kanye lani ngokholo lomunye wenu lolwami. Kepha angithandi ukuba ningazi, bazalwane, ukuthi ngazimisela kaningi ukuza kini, ngavinjwa kuze kube manje, ukuze ngibe nesithelo naphakathi kwenu, nanjengakwabanye abezizwe. Ngilomlandu kumaGriki lakwabezizwe; kwabahlakaniphileyo nakwabangahlakaniphile. Ngakho-ke njengoba ngikimi, ngizimisele ukushumayela ivangeli nakinina baseRoma. Ngokuba anginamahloni ngevangeli likaKristu, ngokuba lingamandla kaNkulunkulu kube yinsindiso kulowo nalowo okholwayo; kumJuda kuqala, nakumGreki futhi. Ngokuba ukulunga kukaNkulunkulu kwembulwa kulo, kuvela ekukholweni kuye ekukholweni, njengokulotshiweyo ukuthi: Olungileyo uyakuphila ngokukholwa.

KwabaseRoma 1:1-17 IsiZulu 2020 (ZUL20)

UPawula, inceku kaKhristu uJesu, obiziwe ukuba ngumphostoli nowehlukaniselwe ivangeli likaNkulunkulu, alethembisa phambilini ngabaphrofethi bakhe emibhalweni engcwele, mayelana neNdodana yakhe evela olibeni lukaDavide ngokwenyama, kodwa ebizwe ngeNdodana kaNkulunkulu ngamandla ngokoMoya wobungcwele nangokuvuka kwabafileyo, uJesu Khristu iNkosi yethu, okungaye samukela umusa nobuphostoli ukuze kube khona ukulalela kokukholwa ezizweni zonke ngenxa yegama lakhe, okukhona phakathi kwabo nani eningababiziweyo bakaJesu Khristu, kubo bonke abathandiweyo bakaNkulunkulu abaseRoma, ababizwa ngabangcwele: makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Khristu. Kuqala, ngibonga uNkulunkulu wami ngoJesu Khristu ngani nonke, ngokuba ukukholwa kwenu kukhulunywa ngakho emhlabeni wonke. Ngokuba uNkulunkulu, engimkhonzayo ngenhliziyo yami yonke ngokulishumayela ivangeli leNdodana yakhe, ungufakazi wami, ukuthi nginikhumbula njalo ngingaphezi emikhulekweni yami, nginxusa ukuba uma kungenzeka ngokwentando kaNkulunkulu ngiphumelele ukufika kini. Ngokuba ngilangazelela ukunibona ukuze nginabele isipho esithile sokomoya ukuba niqiniswe, okungukuthi sikhuthazane, omunye ngokukholwa komunye, okwenu nokwami. Angithandi bazalwane, ukuba ningazi ukuthi kukangakanani ngihlela ukuza kini, kodwa ngithiyeka kuze kube manje ukuba nakini ngibe nesithelo phakathi kwenu njengalokhu nginaso kwezinye izizwe. Nginomthwalo omkhulu emahlombe ami ngamaGriki nabezizwe, kwabahlakaniphileyo nakwabayiziwula. Ngokwami ngiyalangazelela ukushumayela ivangeli nakinina baseRoma. Ngokuba anginamahloni ngevangeli, ngokuba lingamandla kaNkulunkulu, kube yinsindiso kulowo nalowo okholwayo, kumJuda kuqala, nakumGriki; ngokuba ukulunga kukaNkulunkulu kwambulwa kulo, kuvela ngokukholwa kuya ekukholweni, njengalokhu kulotshiwe ukuthi: “Olungileyo uzakuphila ngokukholwa.”

KwabaseRoma 1:1-17 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

UPawulu, inceku kaKristu Jesu, umphostoli obiziweyo nowahlukaniselwe ivangeli likaNkulunkulu, alethembisa ngaphambili ngabaprofethi bakhe emibhalweni engcwele mayelana neNdodana yakhe eyavela enzalweni kaDavide ngokwenyama, eyabonakaliswa ngamandla ukuthi iyiNdodana kaNkulunkulu ngokoMoya wobungcwele ngokuvuka kwabafileyo, uJesu Kristu iNkosi yethu esamukela ngaye umusa nobuphostoli kube ngukulalela kokukholwa ezizweni zonke ngenxa yegama lakhe, enikuzo nani eningababiziweyo bakaJesu Kristu, kubo bonke abathandiweyo bakaNkulunkulu abaseRoma, ababiziweyo, abangcwele: Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu. Kuqala-ke ngibonga uNkulunkulu wami ngoJesu Kristu ngani nonke, ngokuba ukukholwa kwenu kunconywa ezweni lonke. Ngokuba uNkulunkulu, engimkhonza emoyeni wami ngevangeli leNdodana yakhe, ungufakazi wami wokuthi ngokungaphezi ngiyanikhumbula njalo emikhulekweni yami, nginxusa ukuba, uma kungenzeka ngentando kaNkulunkulu, ngiphumelele ukufika kini. Ngokuba ngilangazelela ukunibona ukuze nginabele isipho esithile somusa sokomoya ukuba niqiniswe, okungukuthi siduduzane kanye nani phakathi kwenu ngokukholwa kwethu okwenu nokwami. Angithandi, bazalwane, ukuba ningazi ukuthi ngazimisela kaningi ukuza kini, kepha ngathiyeka kuze kube manje ukuba nakini ngibe nezithelo njengakwezinye izizwe. Nginecala kumaGreki nakwabezizwe, kwabahlakaniphileyo nakwabangaqondiyo; kanjalo mina ngokwami nginesifiso sokushumayela ivangeli nakinina baseRoma. Ngokuba anginamahloni ngevangeli; ngokuba lingamandla kaNkulunkulu, kube yinsindiso kulowo nalowo okholwayo, kumJuda kuqala, nakumGreki. Ngokuba ukulunga kukaNkulunkulu kwambulwa kulo, kuvela ekukholweni, kuyisa ekukholweni, njengokulotshiweyo ukuthi: “Olungileyo uzakuphila ngokukholwa.”

KwabaseRoma 1:1-17 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)