IsAmbulo 6:9-17
IsAmbulo 6:9-17 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kuthe nalapho selivula uphawu lwesihlanu, ngabona phansi kwe-althare imiphefumulo yababebulewe ngenxa yezwi likaNkulunkulu nangenxa yobufakazi ababenabo. Bamemeza ngezwi elikhulu, bathi: “Kuyoze kube nini, Mbusi ongcwele noqinisileyo, ungehluleli, uphindiselele igazi lethu kulaba abakhileyo emhlabeni na?” Base benikwa, yilowo nalowo ingubo emhlophe, batshelwa ukuthi kusazokuba yisikhashana baphumule, size sipheleliswe isibalo sabayizinceku kanye nabo, nabazalwane babo ababesazobulawa njengabo. Ngase ngibona lapho livula uphawu lwesithupha, kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, ilanga laba mnyama bhuqe njengendwangu eyisaka loboya, nenyanga yonke yaba njengegazi, izinkanyezi esibhakabhakeni zawela emhlabeni njengomkhiwane uvuthulula amakhiwane awo angakavuthwa, lapho unyakaziswa ngumoya omkhulu, izulu lagoqwa njengomqulu wencwadi usongwa, izintaba zonke neziqhingi zazimbulwa ezindaweni zazo. Amakhosi omhlaba, izikhulu, izinduna, abacebileyo, iziphathimandla, izigqila zonke, nabakhululekileyo bacasha emigedeni nasemaweni ezintaba, base bethi ezintabeni nasemaweni: “Welani phezu kwethu, nisifihle ebusweni balowo ohlezi esihlalweni sobukhosi, nasolakeni lweWundlu, ngokuba usuku olukhulu lolaka lwabo selufike qathatha; ngubani onamandla okuma na?”
IsAmbulo 6:9-17 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Nalapho selivula uphawu lwesihlanu, ngabona phansi kwe-altare imiphefumulo yababebulewe ngenxa yezwi likaNkulunkulu nangenxa yobufakazi ababe nabo. Bamemeza ngezwi elikhulu, bathi: “Koze kube nini, Mbusi ongcwele noqinisileyo, ungahluleli, uphindisele igazi lethu kulaba abakhileyo emhlabeni na?” Base benikwa, kwaba yilowo nalowo ingubo ende emhlophe, kwashiwo kubo ukuba baphumule isikhashana, baze baphelele abayizinceku kanye nabo nabazalwane babo ababezakubulawa njengabo. Ngase ngibona lapho livula uphawu lwesithupha, kwaba khona ukuzamazama okukhulu komhlaba, nelanga laba mnyama njengendwangu yesaka loboya, nenyanga yonke yaba njengegazi, nezinkanyezi zezulu zawela emhlabeni njengomkhiwane uvuthulula umphobo wawo, nxa uzanyazanyiswa ngumoya omkhulu, nezulu lagoqwa njengomqulu wencwadi usongwa, nezintaba zonke neziqhingi zasuswa ezindaweni zazo. Namakhosi omhlaba nezikhulu, nezinduna, nabacebileyo, nabanamandla, nezigqila zonke, nabakhululekileyo bacasha emihumeni nasemaweni ezintaba; base bethi ezintabeni nasemaweni: “Welani phezu kwethu, nisisithe ebusweni balowo ohlezi esihlalweni sobukhosi nasolakeni lweWundlu, ngokuba usuku olukhulu lolaka lwabo selufikile; ngubani-ke onamandla okuma na?”
IsAmbulo 6:9-17 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Lapho livula uphawu lwesihlanu, ngabona phansi kwe-altare imiphefumulo yababulewe ngenxa yezwi likaNkulunkulu nangenxa yobufakazi ababenabo. Base bememeza ngezwi elikhulu, bathi: “Koze kube nini, Nkosi, ongcwele noqinisileyo, ungahluleli uphindisele igazi lethu kwabakhileyo emhlabeni na? Base benikwa bonke izingubo ezimhlophe; Kwathiwa kubo ukuthi basaphumule isikhashana, kuze kugcwaliseke nezinceku ezikanye nabo nabafowabo ababezobulawa njengabo. Ngase ngibona lapho livula uphawu lwesithupha, bheka, kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu; ilanga laba mnyama njengendwangu yesaka yoboya, nenyanga yaba njengegazi; Izinkanyezi zezulu zawela emhlabeni, njengomkhiwane uvuthulula amakhiwane awo amadala, lapho unyakaziswa ngumoya onamandla. Izulu lamuka njengomqulu ogoqwayo; zonke izintaba neziqhingi zasuswa ezindaweni zazo. Amakhosi omhlaba, nezikhulu, nezinduna, nezicebi, nabanamandla, nezigqila zonke, nabakhululekileyo, bacasha emihumeni nasemadwaleni ezintaba; bathi ezintabeni nasemadwaleni: Welani phezu kwethu, nisifihle ebusweni balowo ohlezi esihlalweni sobukhosi nasolakeni lweWundlu. Ngokuba usuku olukhulu lolaka lwayo selufikile; ngubani ongema na?
IsAmbulo 6:9-17 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)