IsAmbulo 4:9-11
IsAmbulo 4:9-11 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kuthi lapho izidalwa zimnika inkazimulo nodumo nokubonga ohlezi esihlalweni sobukhosi, yena ophilayo kuze kube phakade naphakade, amalunga angamashumi amabili nane awa phansi phambi kwakhe ohlezi esihlalweni sobukhosi, akhuleka kuye ophilayo kuze kube phakade naphakade, aphonsa imiqhele yawo phambi kwesihlalo sobukhosi, ethi: “Ufanele wena Nkosi yethu noNkulunkulu wethu ukwamukela inkazimulo nodumo namandla, ngokuba nguwena owadala izinto zonke, nangenxa yentando yakho zaba khona, zadalwa.”
IsAmbulo 4:9-11 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Futhi lapho lezo zilwane zinika inkazimulo nodumo nokubonga kuye ohlezi esihlalweni sobukhosi, ophilayo kuze kube phakade naphakade. Amalunga angamashumi amabili nane awa phansi phambi kwalowo ohlezi esihlalweni sobukhosi, akhuleka kuye ophilayo kuze kube phakade naphakade, ephonsa imiqhele yawo phambi kwesihlalo sobukhosi, ethi: Ufanele, Nkosi, ukwamukela inkazimulo nodumo namandla, ngokuba wena wadala zonke izinto, nangokwentando yakho zikhona, zadalwa.
IsAmbulo 4:9-11 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwakuthi lapho izidalwa zimdumisa zimbonga ohleli esihlalweni sobukhosi, Yena ophilayo kuze kube phakade naphakade, amalunga angama-24 awe phansi, athi mbo ngobuso phansi, phambi kwakhe ohleli esihlalweni sobukhosi, akhuleka kuye ophilayo kuze kube phakade, aphonse imiqhele yawo phambi kwesihlalo sobukhosi, ethi: “Ufanele Wena Nkosi noNkulunkulu wethu ukwemukela inkazimulo nodumo namandla, ngokuba wadala izinto zonke, futhi zonke zikhona, zadalwa, ngokuthanda kwakho.”
IsAmbulo 4:9-11 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)