IsAmbulo 18:1-24
IsAmbulo 18:1-24 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Emva kwalokho ngabona enye ingelosi yehla ezulwini, inamandla amakhulu; futhi umhlaba wakhanyiswa ngenkazimulo yakhe. Sasesimemeza ngelizwi elilamandla, sisithi: Liwile, iBhabhiloni elikhulu, njalo selibe yindawo yokuhlala amadimoni, lenqaba yabo bonke omoya abangcolileyo, lesibaya senyoni zonke ezingcolileyo lezizondekayo. Ngokuba izizwe zonke ziphuzile ewayinini lolaka lobufebe balo, namakhosi omhlaba afeba nalo, nabathengisi bomhlaba banothile ngokuchichima kwezibiliboco zalo. Ngase ngizwa elinye izwi livela ezulwini, lithi: “Phumani kuyo, bantu bami, ukuze ningahlanganyeli ezonweni zayo, nokuze ningamukeli okwezinhlupho zayo. Ngokuba izono zalo zifinyelele ezulwini, noNkulunkulu ukhumbulile ukungalungi kwalo. Linikeni njengalokho lanivuza, niligcwalise ngokuphindwe kabili ngokwemisebenzi yalo; Ngalokho elizikhazimulise ngakhona, lazithokozisa, mnikeni ukuhlushwa nokudabuka okungaka, ngokuba lithi enhliziyweni yalo: ‘Ngihlezi ngiyindlovukazi, angisuye umfelokazi, futhi angiyikubona ukudabuka.’ Ngakho-ke izinhlupho zalo ziyakufika ngalusuku lunye, ukufa, nokulila, nendlala; iyakushiswa nokushiswa ngomlilo, ngokuba inamandla iNkosi uJehova owahlulelayo. Lamakhosi omhlaba aphingayo laye aphile kamnandi laye, azakulilela, alilele, lapho ebona intuthu yokutshiswa kwayo; emi khatshana ngokwesaba ukuhlutshwa kwalo, esithi: Maye, maye, umuzi omkhulu iBhabhiloni, umuzi onamandla! ngoba ngehora elilodwa ukwahlulela kwakho kufike. Abathengisi bomhlaba bayakulila, balikhalele; ngoba akusekho muntu othenga impahla yabo. Ukuthengiswa kwegolide, nesiliva, namatshe anenani, namaparele, nelineni elicolekileyo, nokububende, nosilika, nokubomvu, nazo zonke izigodo zakho, nezitsha zonke zophondo lwendlovu, nezitsha zonke zokhuni oluyigugu; neyethusi, nensimbi, netshe letsheba; nesinamoni, nempepho, namafutha okugcoba, nenhlaka, newayini, namafutha, nempuphu ecolekileyo, nokolweni, nezinkomo, nezimvu, namahhashi, nezinqola, nezinceku, nemiphefumulo yabantu. Nezithelo umphefumulo wakho ozifisayo zimukile kuwe, nakho konke okumnandi nokubukekayo kumuka kuwe, awusayikuzithola nhlobo. Abathengisi balezo zinto abacetshiswa ngalo bayakuma kude ngokwesaba ukuhlushwa kwalo, bekhala belila; bethi: “Maye, maye, umuzi omkhulu owawumbethe ilineni elicolekileyo, nokububende, nokubomvu, uhlotshiswe ngegolide, namatshe anenani, namaparele! Ngokuba ngehora linye ingcebo engaka isichithiwe. Bonke abaqhubi bemikhumbi, nesixuku sonke semikhumbi, namatilosi, nabo bonke abahweba olwandle bema kude; Bamemeza bebona umusi wokushiswa kwalo, bethi: “Ngumuphi umuzi ofana nalo muzi omkhulu na? Base bethela uthuli emakhanda abo, bamemeza bekhala, belila, bethi: “Maye, maye, muzi omkhulu, lapho kwacetshiswa khona bonke ababenemikhumbi olwandle ngenxa yokubiza kwawo okuhle! ngoba ngehora elilodwa selichithekile. Thokoza ngawo wena zulu, nani baphostoli abangcwele, nani baprofethi; ngoba uNkulunkulu ukuphindisele kulo. Ingelosi enamandla yafukula itshe elinjengelokusila elikhulu, yaliphonsa olwandle, ithi: “Kanjalo iBabiloni umuzi omkhulu liyakuphonswa phansi ngamandla, lingabe lisafunyanwa. Izwi lababetha amahabhu, nabahlabeleli, nabashaya imitshingo, nabamacilongo alisayikuzwakala kuwe nakanye; kayisayikutholwa kuwe ngcweti yanoma yimuphi umsebenzi oyiwo; umsindo wetshe lokugaya awusayikuzwakala kuwe nakanye; Nokukhanya kwesibani akusayikukhanya kuwe nakanye; nezwi lomyeni nelomlobokazi alisayikuzwakala kuwe nakanye; ngokuba ngobuthakathi bakho izizwe zonke zikhohlisiwe. Kuyo kwafunyanwa igazi labaprofethi, nelabangcwele, nelabo bonke ababulawa emhlabeni.
IsAmbulo 18:1-24 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Emveni kwalokho ngabona enye ingelosi yehla ezulwini, inamandla amakhulu, umhlaba wakhanyiswa yinkazimulo yayo. Yamemeza ngezwi elikhulu, yathi: “Liwile, liwile iBhabhiloni elikhulu, seliphenduke indawo ehlala amadimoni, nejele layo yonke imimoya engcolileyo, nazo zonke izinyoni ezingcolileyo nezinengekayo, nazo zonke izilwane ezingcolile nezinengekayo. Ngokuba zonke izizwe ziliphuzile iwayini lezinkanuko nobufebe balo, amakhosi omhlaba afebe nalo, nabahwebi bomhlaba bacebile ngengcebo yokutamasa kwalo.” Ngase ngizwa elinye izwi livela ezulwini, lithi: “Bantu bami, phumani kulo, ukuze ningahlanganyeli ezonweni zalo, futhi ningehlelwa yizinhlupheko zalo. Ngokuba izono zalo sezifinyelele ezulwini, noNkulunkulu wakhumbula ukungalungi kwalo. Yenza kulo lokho elikwenzile, ukuphindaphinde kabili okwemisebenzi yalo; endebeni ebelixubela kuyo, lixubele ngokuphindiwe; kube ngangalokho elizidumise latamasa ngakho, ligidlabezeni ngokuhlupheka nokulila. Ngokuba enhliziyweni yalo lithi: ‘Ngihleli ngiyindlovukazi, angisiye umfelokazi, futhi angisoze ngakubona ukulila.’ “Ngakho-ke kuyakufika ngalusuku lunye izinhlupheko zalo: ukufa, ukulila, nendlala, futhi liyakushiswa ngomlilo lingqongqe, ngokuba iNkosi uNkulunkulu elahlulelayo inamandla. “Amakhosi omhlaba, lawo ayefeba atamasa nalo, ayakukhala alile ngenxa yalo, lapho ebona intuthu yalo lisha. Ayomela kude ngenxa yokwesaba ukuhlupheka kwalo, athi: ‘Maye, maye kuwe muzi omkhulu waseBhabhiloni, muzi onamandla, ngokuba ukwehlulelwa kwakho kufike ngehora linye nje!’ “Nabahwebi bomhlaba bayakhala, bayalililela, ngokuba akusekho muntu othenga impahla yabo: impahla yegolide, eyesiliva, eyamatshe ayigugu, amapharele, ilineni elicolekileyo, okubukhwebezane, usilika, okubomvu, imithi yonke enamakha, zonke izitsha zamazinyo endlovu, izitsha zonke zomuthi onenani elikhulu, ezethusi, ezensimbi, ezetshe elimhlophe, isinamoni, okunephunga elimnandi, impepho, amafutha okuqhola, inhlaka, iwayini, amafutha omnqumo, impuphu ecolisekileyo, ukolo, izinkomo, izimvu, amahhashi, izinqola, izigqila, imizimba nemiphefumulo yabantu. “Izithelo ezazinxanelwa wumphefumulo wakho zimukile kuwe, nakho konke ukutamasa nobukhazikhazi kushabalele kuwe, akusayukuphinde kutholakale kuwe. Abahwebi balezi zinto, abaceba ngokuhwebelana nalo, bayakumela kude ngenxa yokwesaba ukuhlupheka kwalo, bekhala, belila, bethi: ‘Maye, maye kuwe muzi omkhulu owawembethe ilineni elicolekileyo, okubukhwebezane, nokubomvu, uvunule ngegolide, ngamatshe ayigugu nangamapharele! Ngokuba ngehora linye vo, ingcebo engaka isishabalalisiwe.’ “Bonke abashayeli bemikhumbi, bonke abaya noma kuphi ngomkhumbi, amatilosi, nabo bonke abasebenza olwandle bamela kude, bekhala lapho bebona intuthu yokusha kwalo, bethi: ‘Yimuphi umuzi ofana nalowo muzi omkhulu na?’ “Base bezithela ngothuli emakhanda, badazuluka bakhala, balila, bathi: ‘Maye, maye kuwe muzi omkhulu, abaceba ngawe bonke abanemikhumbi olwandle ngenxa yengcebo yakho eningi, ngokuba ngehora elilodwa nje ubhujisiwe! Thokoza ngawo wena zulu, nani bangcwele, nani baphostoli, nani baphrofethi, ngokuba uNkulunkulu uwahlulele, waniphindiselela kuwo.’ ” Ingelosi enamandla yaqukula itshe lokugaya elikhulu, yaliphonsa olwandle, ithi: “Liyakwenziwa kanjalo iBhabhiloni umuzi omkhulu, liphonswe ngamandla, lingabe lisatholakala nanini. Umsindo wababetha ihabhu, owabahlabeleli, owabashaya imitshingo namacilongo, awusophinde futhi uzwakale kuwe. Zonke izingcweti ezenza noma yimiphi imisebenzi azisayukuba bikho kuwe nanini, umsindo wetshe lokusila awusayukuphinde uzwakale kuwe, ukukhanya kwesibani akuyukubuye kukhanye kuwe, izwi lomyeni nelomlobokazi alisoze laphinda lizwakale kuwe, ngokuba abahwebi bakho babengabadumile emhlabeni, futhi udukisile izizwe zonke ngokuthakatha kwakho, futhi kwatholakala kuwe igazi labaphrofethi, elabangcwele, nelabo bonke ababebulewe emhlabeni.”
IsAmbulo 18:1-24 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Emva kwalokho ngabona enye ingelosi yehla ezulwini, inamandla amakhulu, nomhlaba wakhanyiswa ngokukhazimula kwayo. Yamemeza ngezwi elinamandla, yathi: “Liwile, liwile iBabiloni elikhulu, selibe yindawo yokuhlala amademoni, nendawo yokubopha bonke omoya abangcolileyo, nendawo yokubopha zonke izinyoni ezingcolileyo nezizondekayo, ngokuba izizwe zonke ziphuzile iwayini lobufebe balo, namakhosi omhlaba afebile nalo, nabathengisi bomhlaba bacebile ngamandla okutamasa kwalo.” Ngase ngizwa elinye izwi livela ezulwini, lithi: “Phumani kulo, bantu bami, ukuze ningahlanganyeli nalo izono zalo, nokuba ningamukeli okwezinhlupho zalo, ngokuba izono zalo zifinyelele ezulwini, noNkulunkulu wakhumbula ukungalungi kwalo. Buyiselani kulo njengalokho lona likwenzile, niphinde kabili okwemisebenzi yalo; esitsheni elalixuba kuso, xubani kabili kuso; ngokungangalokho elizidumise latamasa ngakho, linikeni ukuhlupheka nokulila okungako. Ngokuba enhliziyweni yalo lithi: ‘Ngihlezi ngiyinkosikazi, angisiye umfelokazi, futhi angisoze ngabona ukulila.’ Ngakho kuyakufika ngalusuku lunye izinhlupheko zalo, ukufa, nokulila, nendlala, futhi liyakushiswa liqedwe ngomlilo; ngokuba iNkosi uNkulunkulu elahlulelayo inamandla. “Amakhosi omhlaba ayefeba nalo ehlala ngokutamasa ayakukhala ambongoze ngalo, nxa ebona umusi wokusha kwalo, emi kude ngokwesaba ukuhlupheka kwalo ethi: ‘Maye, maye kuwe muzi omkhulu waseBabiloni, muzi onamandla, ngokuba ngehora linye nje, kufikile ukwahlulelwa kwakho!’ “Nabathengisi bomhlaba bayalikhalela, balililele, ngokuba impahla yabo ayisathengwa muntu, impahla yegolide neyesiliva, namatshe anenani, namaparele*, nelineni elicolekileyo, nokububende, nosilika, nokubomvu, kanye nemithi yonke enamakha, nezitsha zonke zamazinyo endlovu, nezitsha zonke zomuthi onenani elikhulu, nezethusi, nezensimbi, nezetshe elimhlophe, nokinamona,* nokunephunga elimnandi, nempepho, namafutha okuqhola, nenhlaka, newayini, namafutha eminqumo, nempuphu ecolekileyo, nokolweni, nezinkomo, nezimvu, namahhashi, nezinqola, nezigqila, nemiphefumulo yabantu. “Nezithelo ezazifiswa ngumphefumulo wakho zimukile kuwe, nakho konke okunonileyo nokucwebezelayo konakele kuwe, akusoze kwabuye kufunyanwe. Abathengisi balezo zinto abacetshisiwe yilo bayakumela kude ngokwesaba ukuhlupheka kwalo, bekhala belila, bethi: ‘Maye, maye kuwe muzi omkhulu owawembethe ilineni elicolekileyo, nokububende, nokubomvu, uvunule ngegolide nangamatshe anenani nangamaparele!* Ngokuba ngehora linye nje ingcebo engaka ichithekile.’ “Nabashayeli bonke bemikhumbi, nabo bonke abaya nomaphi ngomkhumbi, namatilosi,* nabo bonke abasebenza elwandle bemela kude, badazuluka bebona umusi wokusha kwalo, bethi: ‘Ngumuphi umuzi ofana nalowo muzi omkhulu na?’ Base bethela uthuli emakhanda abo, badazuluka bekhala, belila bethi: ‘Maye, maye kuwe muzi omkhulu, abacebile kuwe bonke abanemikhumbi elwandle ngenxa yengcebo enqabileyo yakho, ngokuba ngehora linye nje uchithekile! Thokoza ngawo wena zulu, nani bangcwele, nani baphostoli, nani baprofethi; ngokuba uNkulunkulu uwahlulele, waniphindiselela kuwo.’ ” Ingelosi enamandla yafukula itshe linjengelokusila elikhulu, yaliphonsa elwandle, yathi: “Ngokunjalo iBabiloni umuzi omkhulu liyakuphonswa phansi ngamandla, lingabe lisafunyanwa. Izwi lababetha ihabhu* nelabahlabeleli nelababetha imitshingo namacilongo alisoze laphinda lizwakale kuwe, namuphi umlumbi noma owaluphi uhlobo akasoze wafunyaniswa kuwe, nomsindo wetshe lokusila awusoze wabuye uzwakale kuwe, nokukhanya kwesibani akusoze kwaphinda kukhanye phakathi kwakho, nezwi lomyeni nelomlobokazi alisoze labuye lizwakale phakathi kwakho, ngokuba izizwe zonke zidukisiwe ngokuthakatha kwakho, futhi kwafunyaniswa kuwe igazi labaprofethi nelabangcwele nelabo bonke ababebulewe emhlabeni.”
IsAmbulo 18:1-24 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)