IsAmbulo 12:1-5
IsAmbulo 12:1-5 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kwabonakala isibonakaliso esikhulu ezulwini; owesifazane embethe ilanga, nenyanga iphansi kwezinyawo zakhe, nasekhanda lakhe kukhona umqhele wezinkanyezi eziyishumi nambili; Kwathi ekhulelwe wakhala, enemihelo, ebuhlungu ngokuzala. Kwabonakala esinye isimangaliso ezulwini; bheka, udrako omkhulu obomvu, enamakhanda ayisikhombisa nezimpondo eziyishumi, nasemakhanda akhe imiqhele eyisikhombisa. Umsila wawo wadonsa okwesithathu kwezinkanyezi zezulu, waziphonsa emhlabeni; Wazala umntwana wesilisa, obeyakubusa izizwe zonke ngentonga yensimbi, nomntwana wakhe wahlwithwa wayiswa kuNkulunkulu nasesihlalweni sakhe sobukhosi.
IsAmbulo 12:1-5 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwabonakala isibonakaliso esikhulu ezulwini: owesifazane embethe ilanga, nenyanga iphansi kwezinyawo zakhe, ekhanda lakhe ethwele umqhele wezinkanyezi ezili-12. Wayekhulelwe, wakhala ngenxa yemihelo, esikwa, enobuhlungu bokubeletha. Kwabonakala futhi esinye isibonakaliso ezulwini; nango udrago omkhulu, obomvu, onamakhanda ayisikhombisa nezimpondo ezilishumi. Emakhanda akhe wayenemiqhele eyisikhombisa. Umsila wakhe wadonsa okwesithathu kwezinkanyezi zezulu, waziphonsa emhlabeni. Udrago wayemi ngaphambi kowesifazane owayezobeletha, ukuze kuthi uma esebelethile, amshwabadele umntwana wakhe. Wabeletha umntwana wesilisa ozokwelusa izizwe zonke ngentonga yensimbi. Umntwana wahlwithwa kuye wayiswa kuNkulunkulu nasesihlalweni sakhe sobukhosi.
IsAmbulo 12:1-5 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwaba khona ezulwini isibonakaliso esikhulu: owesifazane embethe ilanga, nenyanga iphansi kwezinyawo zakhe, nasekhanda lakhe kukhona umqhele wezinkanyezi eziyishumi nambili, ekhulelwe wakhala, enemihelo esikwa ngubuhlungu bokubeletha. Kwabonakala esinye isibonakaliso ezulwini; bheka, nango udrako* omkhulu obomvu, enamakhanda ayisikhombisa nezimpondo eziyishumi, nasemakhanda akhe enemiqhele eyisikhombisa; umsila wakhe wadonsa okwesithathu kwezinkanyezi zezulu, waziphonsa emhlabeni. Nodrako wema phambi kowesifazane obezakubeletha, ukuze kuthi nxa esebelethile, ashwabadele umntwana wakhe. Wabeletha umntwana wesilisa ozakubusa izizwe zonke ngentonga yensimbi, nomntanakhe wahlwithelwa kuNkulunkulu nasesihlalweni sakhe sobukhosi.
IsAmbulo 12:1-5 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)