IsAmbulo 10:9-10
IsAmbulo 10:9-10 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngase ngiya kuyo ingelosi, ngathi kuyo: “Nginike incwadi encane. Wasesithi kimi: Lithathe, ulidle, uliqede; kuyakubaba isisu sakho, kepha emlonyeni wakho kuyakuba mnandi njengezinyosi. Ngase ngayithabatha incwadi encane esandleni sengelosi, ngayidla ngayiqeda; lasemlonyeni wami limnandi njengezinyosi: kwathi ngilidlile, sabamunyu isisu sami.
IsAmbulo 10:9-10 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngaya-ke engelosini; ngayitshela ukuba inginike incwadi encane. Yathi kimi: “Yithathe, uyidle; izakubaba esiswini sakho, kodwa emlonyeni wakho izakuba mnandi njengoju.” Ngayithatha incwadi encane esandleni sengelosi, ngayidla. Yayimnandi njengoju emlonyeni wami, nalapho sengiyidlile, yababa esiswini sami.
IsAmbulo 10:9-10 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngaya kuyo ingelosi; ngase ngithi kuyo mayinginike incwadi encane. Yayisithi kimi: “Yithabathe, uyidle uyiqede; izakubaba esiswini sakho, kepha emlonyeni wakho iyakuba mnandi njengezinyosi.” Ngase ngiyithatha incwadi encane esandleni sengelosi, ngayidla ngayiqeda; yayisiba mnandi njengezinyosi emlonyeni wami; nalapho sengiyidlile, yababa esiswini sami.
IsAmbulo 10:9-10 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)