AmaHubo 96:1-6
AmaHubo 96:1-6 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Hlabelelani kuJehova ihubo elisha, nihlabelele kuJehova, mhlaba wonke. Hlabelelani kuJehova, nibonge igama lakhe, nimemeze insindiso yakhe imihla ngemihla. Landani inkazimulo yakhe phakathi kwabezizwe, izimangaliso zakhe phakathi kwabantu bonke. Ngokuba mkhulu uJehova, udumisekile kakhulu; uyesabeka phezu kwabo bonke onkulunkulu. Ngokuba bonke onkulunkulu babezizwe bayizithombe, kepha uJehova walenza izulu. Udumo nobukhosi kusebusweni bakhe; amandla nenkazimulo kusendlini yakhe engcwele.
AmaHubo 96:1-6 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Hlabelelani uSimakade ihubo elisha, nimhlabelele uSimakade, mhlaba wonke. Mhubeleni uSimakade, nibonge igama lakhe, nimemezele insindiso yakhe imihla ngemihla. Landani ngenkazimulo yakhe kwabezizwe, nezimangaliso zakhe kubantu bonke. Mkhulu uSimakade, udumisekile kakhulu, uyesabeka ngaphezu konkulunkulu bonke. Bonke onkulunkulu babezizwe bayizithombe, kodwa uSimakade wenza izulu. Udumo nobukhosi kusebusweni bakhe, amandla nenkazimulo kusendlini yakhe engcwele.
AmaHubo 96:1-6 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Hlabelelani kuJehova ihubo elisha; hlabelelani uJehova, mhlaba wonke. Hlabelelani kuJehova, nidumise igama lakhe; yenza ukuba yaziwe insindiso yakhe imihla ngemihla. Landisani inkazimulo yakhe phakathi kwezizwe, izimangaliso zakhe phakathi kwabantu bonke. Ngokuba mkhulu uJehova, umelwe ukudunyiswa kakhulu; Uyesabeka ngaphezu kwabo bonke onkulunkulu. Ngokuba bonke onkulunkulu bezizwe bayizithombe, kepha uJehova wenza izulu. Udumo nobukhosi kuphambi kwakhe, amandla nobuhle kusendlini yakhe engcwele.